Eksodusi

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40

0:00
0:00

Isahluko 8

UJehova wayesethi kuMose: “Ngena kuFaro, uthi kuye: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe, bangikhonze.
2 Uma wenqaba ukuba basuke, bheka, mina ngiyakushaya izwe lakho lonke ngamasele;
3 umfula uyakuvama amasele; ayakukhuphuka, angene endlini yakho, nasekamelweni lakho lokulala, naphezu kombhede wakho, nasendlini yezinceku zakho, naphezu kwabantu bakho, nasemaziko akho, nasezingqwembeni zakho zokuxova izinkwa.
4 Yebo, kuwena, nakubantu bakho, nasezincekwini zakho zonke ayakwenyukela amasele.’ ”
5 UJehova wathi kuMose: “Yisho ku-Aroni, uthi: ‘Yelula isandla sakho nenduku yakho phezu kwemifula, naphezu kweminonjana, naphezu kweziziba, wenyusele ezweni laseGibithe.’ ”
6 U-Aroni wayeselula isandla sakhe phezu kwamanzi aseGibithe; amasele akhuphuka-ke, asibekela izwe laseGibithe.
7 Izanusi zenze njalo ngemilingo yazo, zenyusela amasele ezweni laseGibithe.
8 Khona uFaro wababiza oMose no-Aroni, wathi: “Ncengani uJehova ukuba asuse amasele kimi nakubantu bami; ngizakuvumela abantu ukuba bahambe, bahlabele uJehova.”
9 UMose wathi kuFaro: “Ziphakamise phezu kwami, usho ukuthi ngizakukuncengela ngasiphi isikhathi wena nezinceku zakho, nabantu bakho ukuba achithwe amasele kuwe nasezindlini zakho, asale emfuleni kuphela.”
10 Wayesethi: “Ngomuso.” Wathi: “Makube njengezwi lakho ukuba wazi ukuthi akakho onjengaye uJehova uNkulunkulu wethu.
11 Amasele ayakusuka kuwe, nasezindlini zakho, nasezincekwini zakho, nakubantu bakho, asale emfuleni kuphela.”
12 OMose no-Aroni baphuma kuFaro; uMose wakhala kuJehova ngamasele ayewalethile kuFaro.
13 UJehova wenza njengezwi likaMose; amasele afa ezindlini, nasemagcekeni, nasemasimini.
14 Bawabuthela izinqwaba ngezinqwaba, izwe lanuka.
15 Esebona uFaro ukuthi kuyiphefu, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.
16 UJehova wayesethi kuMose: “Yisho ku-Aroni, uthi: ‘Yelula induku yakho, ushaye uthuli lomhlabathi, lube ngomiyane ezweni lonke laseGibithe.’ ”
17 Benze njalo-ke; u-Aroni welula isandla sakhe nenduku yakhe, washaya uthuli lomhlabathi, lwaba ngominyane kubantu nasezinkomeni; uthuli lonke lomhlabathi lwaba ngominyane ezweni lonke laseGibithe.
18 Nezanusi zenze njalo ngemilingo yazo ukuba ziveze omiyane, kepha zahluleka. Omiyane babe khona kubantu nasezinkomeni.
19 Zase zithi izanusi kuFaro: “Lokhu kungumunwe kaNkulunkulu.” Kepha inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.
20 UJehova wayesethi kuMose: “Vuka ekuseni kusasa, ume phambi kukaFaro; bheka, uyaphuma ukuya emanzini; thana kuye: ‘UJehova usho kanje, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe bangikhonze.
21 Ngokuba uma wenqaba ukuba basuke, bheka, ngizakuthumela kuwe izibawu, nakuzo izinceku zakho, nakubantu bakho, nasezindlini zakho; izindlu zabaseGibithe ziyakugcwala izibawu kanye nomhlabathi ezikuwo.
22 “ ‘Ngalolo suku ngiyakwahlukanisa izwe laseGosheni abakhe kulo abantu bami ukuba kungabikho izibawu khona, ukuze wazi ukuthi nginguJehova phakathi kwezwe.
23 Ngizakwahlukanisa abantu bami nabantu bakho; ngomuso siyakuvela lesi sibonakaliso.’ ”
24 Wenze njalo uJehova; kwangena uswebezane olwesabekayo lwezibawu endlini kaFaro, nasezindlini zezinceku zakhe, nasezweni lonke laseGibithe; izwe lachithwa ngenxa yezibawu.
25 Khona uFaro wababiza oMose no-Aroni, wathi: “Hambani nihlabele uNkulunkulu wenu kuleli zwe.”
26 Wayesethi uMose: “Akufanele ukwenze njalo, ngokuba siyakuhlabela uJehova uNkulunkulu wethu lokhu okunengeka kwabaseGibithe; bheka, singahlaba okunengeka kwabaseGibithe emehlweni abo, bangasikhandi ngamatshe, na?
27 Siyakuhamba ibanga lezinsuku ezintathu, siye ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu, njengalokho ezakusiyala.”
28 Wayesethi uFaro: “Ngizakunivumela ukuba nihambe nihlabele uJehova uNkulunkulu wenu ehlane, kepha ningayi kude kakhulu nokho; ngikhulekeleni.”
29 Wathi uMose: “Bheka, ngiyaphuma kuwe; ngiyakuncenga uJehova ukuba izibawu zimuke, zisuke kuFaro, nakuzo izinceku zakhe, nakubantu bakhe ngomuso; kodwa uFaro angabuyi akhohlise ngokungavumeli abantu ukuba bahambe bahlabele uJehova.”
30 UMose wayesephuma kuFaro, wamncenga uJehova.
31 UJehova wayesenza njengezwi likaMose; wasusa izibawu kuFaro, nakuzo izinceku zakhe, nakubantu bakhe; akwasala nesisodwa.
32 UFaro wayenza lukhuni inhliziyo yakhe nangaleso sikhathi futhi, kabavumelanga abantu ukuba bahambe.