Eksodusi

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40

0:00
0:00

Isahluko 22

“Uma umuntu eba inkabi noma imvu, ayihlabe, noma athengise ngayo, uyakukhokha inkabi ngezinkabi eziyisihlanu, nemvu ngezimvu ezine.
2 “Uma isela lificwa lisafohla, lishaywe lize life, akuyikuba yicala legazi maqondana nalo.
3 Uma ilanga lase liphumile phezu kwalo, kuyakuba yicala legazi phezu kwalo. Isela liyakukhokha nokukhokha; uma lingenalutho, kuyakuthengiswa ngalo ngenxa yokweba kwalo.
4 “Uma okwebiweyo kufunyaniswa esandleni salo kuphilile, noma kuyinkabi, noma kuyimbongolo, noma kuyimvu, liyakukhokha kuphindwe kabili.
5 “Uma umuntu eklabisa ensimini noma esivinini, aziyeke nje izinkomo zakhe zize zidle ensimini yomunye, uyakukhokha nokukhokha ngokuhle kwensimu yakhe nangokuhle kwesivini sakhe.
6 “Uma kuvela umlilo, uvuthe emeveni kuze kushe izinhlanga zamabele, noma amabele angakavunwa, noma insimu, othungele umlilo uyakukhokha impela.
7 “Uma umuntu enikeza kumakhelwane wakhe imali noma impahla ukuba ayilondoloze, bese yebiwa endlini yalowo muntu, isela, uma lifunyanwa, liyakukhokha kuphindwe kabili.
8 Uma isela lingafunyanwa, umninindlu uyakusondela kuNkulunkulu, kubonwe ukuba akafakanga yini isandla sakhe empahleni yomakhelwane wakhe.
9 Ngezindaba zonke zamacala, eyenkabi, neyembongolo, neyemvu, neyengubo, neyento elahlekileyo, umuntu asho ngayo ukuthi ngeyakhe, indaba yabo bobabili iyakuza phambi kukaNkulunkulu; olahlwa nguNkulunkulu uyakumkhokhela umakhelwane wakhe kuphindwe kabili.
10 “Uma umuntu enikeza kumakhelwane wakhe imbongolo, noma inkabi, noma imvu, noma kungaba yisilwane sini, ukuba akulondoloze, bese kufa, noma kulimala, noma kuphangwa, kungabonwa muntu,
11 kuyakunquma isifungo sikaJehova phakathi kwabo bobabili sokuthi akasifakanga yini isandla sakhe empahleni yomakhelwane wakhe; umniniyo uyakusamukela isifungo, angayikhokhi.
12 Kepha uma yebiwe kuye impela, uyakumkhokhela umniniyo.
13 Uma idweshuliwe, makayilethe ibe ngufakazi, angakhokhi okudweshuliweyo.
14 “Uma umuntu etsheleka impahla yomunye, bese yilimala noma ifa, umniniyo engekho, nayo uyakuyikhokha nokuyikhokha.
15 Uma umniniyo enayo, akayikuyikhokha; uma yayiqashiwe, imali yokuqasha makayikhokhe.
16 “Uma umuntu eyenga intombi engesiyo ingoduso, alale nayo, uyakuyilobola ibe ngumkakhe.
17 Uma uyise ala impela ukumnika yona, uyakukhokha imali elingene nokulotsholwa kwezintombi.
18 “Ungavumi ukuba umlumbikazi aphile.
19 “Olala nesilwane wobulawa nokubulawa.
20 “Ohlabela abanye onkulunkulu ngaphandle kukaJehova yedwa uyakubhujiswa nokubhujiswa.
21 “Awuyikukhathaza umfokazi, ungamcindezeli, ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe.
22 “Aniyikuhlupha mfelokazi nentandane.
23 Uma ubahlupha nakanjani, bakhale kimi nakancane, ngiyakuzwa nokuzwa ukukhala kwabo;
24 ulaka lwami luyakuvutha, ngikubulale ngenkemba; omkenu babe ngabafelokazi, abantwana benu babe yizintandane.
25 “Uma utsheleka ompofu wabantu bami okuwe imali, awuyikumphatha njengabatshelekisi; ningabizi nzalo kuye.
26 Uma uthatha ingubo yomakhelwane wakho, ibe yisibambiso, uyakuyibuyisela kuye lingakashoni ilanga;
27 ngokuba iyisimbozo sakhe esisodwa, iyisambatho somzimba wakhe; uyakulala ngani na? Kuzakuthi nxa ekhala kimi, ngizakumuzwa, ngokuba nginomusa.
28 “Awuyikuthuka uNkulunkulu, ungaqalekisi induna yabantu bakini.
29 “Awuyikulibala neminikelo yamabele neyewayini. Wonginika izibulo emadodaneni akho.
30 Uyakwenze njalo nangezinkomo zakho nangezimvu zakho: liyakuhlala kunina izinsuku eziyisikhombisa; ngosuku lwesishiyagalombili wonginika lona.
31 “Niyakuba ngabantu abangcwele kimi; ngalokho aniyikudla nyama yesilwane esidweshulwe endle, kepha anoyiphonsa ezinjeni.