Eksodusi

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40

0:00
0:00

Isahluko 36

“OBesaleli no-Oholiyabe bayakusebenza nabo bonke abahlakaniphile ngenhliziyo, uJehova abeke kubo ukuhlakanipha nokuqonda ukuba bazi ukwenza yonke imisebenzi yenkonzo yendlu engcwele njengakho konke uJehova akuyalileyo.”
2 UMose wababiza oBesaleli no-Oholiyabe nabo bonke abahlakaniphile ngenhliziyo, uJehova abeke ukuhlakanipha ezinhliziyweni zabo, bonke abavuswa yizinhliziyo zabo ukuza emsebenzini ukuba bawenze.
3 Bawamukela kuMose wonke umnikelo, abantwana bakwa-Israyeli ababewulethele umsebenzi wenkonzo yendlu engcwele ukuba wenziwe ngawo. Kepha babesaletha kuye njalo imihla ngemihla ekuseni iminikelo yesihle.
4 Bonke abahlakaniphileyo ababeyisebenza yonke imisebenzi yendlu engcwele beza, kwaba yilowo nalowo wavela emsebenzini wakhe owawusebenzayo,
5 bathi kuMose: “Abantu baletha okuningi kakhulu kunokwanele inkonzo yomsebenzi ayalile ngawo uJehova ukuba wenziwe.”
6 UMose wayeseyala, kwamenyezelwa ekamu, kwathiwa: “Makungabe kusasetshenzwa ngowesilisa nangowesifazane omunye umsebenzi womnikelo wendlu engcwele.” Base bevinjelwa abantu ukuletha.
7 Okwase kwenziwe kwakwanele wonke umsebenzi obuyakwenziwa, futhi kwasala.
8 Bonke abahlakaniphile ngenhliziyo phakathi kwabo abasebenza umsebenzi benza itabernakele ngezilenge eziyishumi, bazenza ngelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, zinamakherubi, umsebenzi wengcweti.
9 Ubude besilenge babuyizingalo ezingamashumi amabili nesishiyagalombili, nobubanzi besilenge babuyizingalo ezine; zonke izilenge zazinesilinganiso sinye.
10 Wahlanganisa izilenge eziyisihlanu esinye nesinye; wazihlanganisa nezinye izilenge eziyisihlanu esinye nesinye.
11 Wazenza izihibe eziluhlaza eceleni lesinye isilenge emphethweni ngasekuhlanganeni; wenze njalo naseceleni lesilenge sokugcina ngasekuhlanganeni kwesibili.
12 Wazenza izihibe ezingamashumi ayisihlanu kwesinye isilenge; wazenza izihibe ezingamashumi ayisihlanu eceleni lesilenge esisekuhlanganeni kwesibili; izihibe zazibhekana.
13 Wazenza izinkibaniso ezingamashumi ayisihlanu zegolide, wazihlanganisa izilenge esinye nesinye ngezinkibaniso, kwaba yitabernakele linye.
14 Wazenza izilenge ngoboya bezimbuzi, zibe yitende phezu kwetabernakele; wazenza izilenge eziyishumi nanye.
15 Ubude besilenge babuyizingalo ezingamashumi amathathu, nobubanzi bezilenge babuyizingalo ezine; izilenge eziyishumi nanye zazinesilinganiso sinye.
16 Wahlanganisa izilenge eziyisihlanu zodwa, nezilenge eziyisithupha zodwa.
17 Wazenza izihibe ezingamashumi ayisihlanu eceleni lesilenge sokugcina ekuhlanganeni, wazenza izihibe ezingamashumi ayisihlanu eceleni lesilenge ekuhlanganeni kwesibili.
18 Wazenza izinkibaniso ezingamashumi ayisihlanu zethusi zokuhlanganisa itende libe linye.
19 Wasenza isifulelo setende ngezikhumba ezibomvu zezinqama, nesifulelo ngezikhumba zamatahasi phezulu.
20 Wawenza amapulangwe amiyo etabernakele ngomuthi womtholo.
21 Ubude bepulangwe babuyizingalo eziyishumi, nobubanzi bepulangwe babuyingalo nenxenye.
22 Yilelo nalelo pulangwe lalinemisuka emibili, omunye malungana nomunye; wenze njalo kuwo onke amapulangwe etabernakele.
23 Wawenza amapulangwe etabernakele, amapulangwe angamashumi amabili ohlangothi lwaseningizimu olubheka ngaseningizimu.
24 Wazenza izinyawo ezingamashumi amane zesiliva phansi kwamapulangwe angamashumi amabili, izinyawo ezimbili phansi kwepulangwe linye, ezemisuka yalo emibili, nezinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe, ezemisuka yalo emibili.
25 Uhlangothi lwesibili lwetabernakele ngasohlangothini lwasenyakatho walwenzela amapulangwe angamashumi amabili,
26 nezinyawo zawo ezingamashumi amane zesiliva, izinyawo ezimbili phansi kwepulangwe linye nezinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe.
27 Uhlangothi lwetabernakele olungasemuva ngasentshonalanga walwenzela amapulangwe ayisithupha.
28 Amapulangwe amabili wawenzela amagumbi etabernakele angasemuva.
29 Ayemabili phansi, kanjalo aphelela aze afika phezulu esongweni lokuqala; wenze njalo kuwo omabili emagumbini omabili.
30 Kwakungamapulangwe ayisishiyagalombili nezinyawo zawo zesiliva, izinyawo eziyishumi nesithupha, izinyawo ezimbili phansi kwalelo nalelo pulangwe.
31 Wayenza imishayo ngomuthi womtholo, yaba ngeyisihlanu yamapulangwe olunye uhlangothi lwetabernakele,
32 nemishayo eyisihlanu yamapulangwe olunye uhlangothi lwetabernakele, nemishayo eyisihlanu yamapulangwe etabernakele ohlangothini olungasemuva ngasentshonalanga.
33 Wawenza umshayo waphakathi ukuba udabule phakathi kwamapulangwe, kusukela ekugcineni ngalapha kuze kufike ekugcineni ngalapha.
34 Wanameka amapulangwe ngegolide, wawenza amasongo awo ngegolide, abe yizindawo zezinti; wanameka nezinti ngegolide.
35 Wasenza isihenqo ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, wasenza saba namakherubi, umsebenzi wengcweti.
36 Wasenzela izinsika ezine zomtholo, wazinameka ngegolide; izingwegwe zazo zaziyigolide; wazikhandela izinyawo ezine zesiliva.
37 Walenza iveli lomnyango wetende ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, umsebenzi womfekethisi,
38 nezinsika zalo eziyisihlanu nezingwegwe zazo; wanameka izihloko zazo nezibopho zazo ngegolide; izinyawo zazo eziyisihlanu zaziyithusi.