Eksodusi

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40

0:00
0:00

Isahluko 30

“Uyakwenza i-altare lokushisa impepho, ulenze ngomuthi womtholo.
2 Ubude balo bube yingalo, nobubanzi balo bube yingalo, libe nezinhlangothi ezine ezilingeneyo; ukuphakama kwalo kube yizingalo ezimbili, izimpondo zalo zibe kunye nalo.
3 Wolinameka ngegolide elicwengekileyo ngaphezulu, nezinhlangothi zalo nxazonke, nezimpondo zalo, ulenzele udini lwegolide nxazonke.
4 Ulenzele amasongo amabili egolide phansi kodini lwalo nxazombili, uwenze ezinhlangothini zombili zalo, abe yizindawo zezinti zokulithwala.
5 Wenze izinti ngomuthi womtholo, uzinameke ngegolide.
6 Ulibeke phambi kwesihenqo esingasemphongolweni wobufakazi, ngaphambi kwesihlalo somusa esiphezu kobufakazi, lapho ngiyakuhlangana khona nawe.
7 “U-Aroni woshisa kulo impepho yamakha athaphukayo; njalo ekuseni, nxa elungisa izibani, uyakuyithunqisa.
8 Nalapho u-Aroni ezibeka izibani ngakusihlwa, woyishisa ibe yimpepho ephakade phambi kukaJehova ezizukulwaneni zenu.
9 Ninganikeli kulo ngempepho engeyiyo, nangomnikelo wokushiswa, nangomnikelo wempuphu, ningatheli mnikelo wokuphuzwa kulo.
10 U-Aroni uyakwenzela izimpondo zalo ukubuyisana kanye ngomnyaka; ngegazi lomnikelo wesono wokubuyisana kanye ngomnyaka uyakulenzela ukubuyisana ezizukulwaneni zenu; lingcwelengcwele kuJehova.”
11 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
12 “Nxa ubala inani labantwana bakwa-Israyeli ngokwalabo ababalwayo, yilowo nalowo kubo makathele kuJehova ihlawulo lomphefumulo wakhe, lapho ubabalayo, ukuba kungabikho sifo phakathi kwabo, nxa ubabala.
13 Lokhu bayakukuthela, kube yilowo nalowo odlulela kwababaliweyo: inxenye yeshekeli ngokweshekeli lendlu engcwele ishekeli lingamagera angamashumi amabili inxenye yeshekeli ibe ngumnikelo kuJehova.
14 Yilowo nalowo odlulela kwababaliweyo, abaneminyaka engamashumi amabili nangaphezulu, uyakunikela ngomnikelo kuJehova.
15 Ocebileyo akayikunika kakhulu, ompofu angatheli kancane kunenxenye yeshekeli, lapho benikela ngomnikelo kuJehova ukuba kwenzelwe ukubuyisana kwemiphefumulo yenu.
16 Wothabatha imali yokubuyisana kubantwana bakwa-Israyeli, uyimisele inkonzo yetende lokuhlangana, ibe yisikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli phambi kukaJehova, ukuba kwenzelwe ukubuyisana kwemiphefumulo yenu.”
17 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
18 “Uyakwenza umcengezi wethusi, nesinqe sawo sethusi, ukuba kugezelwe kuwo, uwubeke phakathi kwetende lokuhlangana ne-altare, uthele amanzi kuwo.
19 U-Aroni namadodana akhe bayakuhlamba kuwo izandla zabo nezinyawo zabo.
20 Nxa bengena etendeni lokuhlangana, bayakugeza ngamanzi ukuba bangafi, noma besondela e-altare ukuyokhonza, bawushise umnikelo womlilo kuJehova;
21 mabahlambe izandla zabo nezinyawo zabo ukuba bangafi, kube yisimiso esiphakade kubo, kuyena nakuyo inzalo yakhe ezizukulwaneni zabo.”
22 UJehova wakhuluma futhi kuMose, wathi:
23 “Zithabathele amakha amahle, imure eliphumayo lamashekeli angamakhulu ayisihlanu, nokinamona othaphukayo wenxenye yalokho, okungukuthi amakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nekalamu elithaphukayo lamakhulu amabili namashumi ayisihlanu,
24 nekasiya lamakhulu ayisihlanu ngokweshekeli lendlu engcwele, nehini lamafutha eminqumo.
25 Uwenze amafutha angcwele okugcoba amakha athakiweyo njengokwenza komthaki, abe ngamafutha angcwele okugcoba.
26 Wogcoba itende lokuhlangana nomphongolo wobufakazi,
27 netafula nezitsha zalo zonke, nothi lwezibani nezitsha zalo, ne-altare lempepho,
28 ne-altare lomnikelo wokushiswa nezitsha zalo zonke, nomcengezi nesinqe sawo.
29 Wokungcwelisa ukuze kube ngcwele kakhulu; bonke abakuthintayo bayakuba ngcwele.
30 “Wobagcoba u-Aroni namadodana akhe, ubangcwelise ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.
31 Ukhulume kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Lokhu kuyakuba kimi amafutha angcwele okugcoba ezizukulwaneni zenu.
32 Mawangathelwa emzimbeni womuntu, ningawenzi afana nawo njengokuthakwa kwawo; angcwele, mawabe ngcwele kini.
33 Yilowo nalowo owathaka anjengawo nalowo owathela kumfokazi uyakunqunywa kubantu bakubo.’ ”
34 UJehova wathi kuMose: “Zithabathele amakha athaphukayo, inathafi neshehelethe nehelibena, amakha kanye nenhlaka ecwengekileyo, kulingane konke,
35 wenze ngakho impepho, amakha njengokwenza komthaki, ethelwe ngosawoti, enhle, engcwele;
36 ucolisise enye, uyibeke phambi kobufakazi etendeni lokuhlangana, lapho ngiyakuhlangana khona nawe, ibe ngcwelengcwele kini.
37 Impepho oyakuyenza ningazenzeli yona njengokuthakwa kwayo; yoba ngcwele kuwe, yenzelwe uJehova.
38 Yilowo nalowo oyakuyenza enjengayo ukuba ihogelwe uyakunqunywa kubantu bakubo.”