Eksodusi

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40

0:00
0:00

Isahluko 35

UMose wabutha yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, wathi kuyo: “Yilawa mazwi awayalile uJehova ukuba niwenze.
2 Izinsuku eziyisithupha kosetshenzwa umsebenzi, kepha ngosuku lwesikhombisa kuyakuba kini usuku olungcwele, lube yisabatha lokuphumula likaJehova; bonke abenza umsebenzi ngalo bayakubulawa.
3 Aniyikubasa mlilo ezindlini zenu ngosuku lwesabatha.”
4 UMose wakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Yile nto ayale ngayo uJehova, ethi:
5 Thabathani phakathi kwenu umnikelo ube ngokaJehova; bonke abanenhliziyo ethandayo mabawulethe, ube ngumnikelo kaJehova: igolide, nesiliva, nethusi,
6 nokuluhlaza nokububende nokubomvu, nelineni elicolekileyo, noboya bezimbuzi,
7 nezikhumba ezibomvu zezinqama, nezikhumba zamatahasi, nomuthi womtholo,
8 namafutha okukhanyisa, namakha amafutha okugcoba nawempepho ethaphukayo,
9 namatshe amashohamu, namatshe okufakwa, abe ngawengubo yamahlombe nawesihlangu sesifuba.
10 “Bonke abahlakaniphile ngenhliziyo mabeze, bakwenze konke uJehova akuyalileyo:
11 itabernakele, netende lalo, nesifulelo salo, nezinkibaniso zalo, namapulangwe alo, nemishayo yalo, nezinsika zalo, nezinyawo zalo;
12 umphongolo nezinti zawo, nesihlalo somusa, nesihenqo seveli;
13 itafula nezinti zalo nezitsha zonke zalo, nezinkwa zokubukwa;
14 nothi lwezibani lokukhanyisa, nezitsha zalo nezibani zalo, namafutha okukhanyisa;
15 ne-altare lempepho nezinti zalo, namafutha okugcoba, nempepho ethaphukayo, neveli lomnyango ngasemnyango wetabernakele;
16 i-altare lomnikelo wokushiswa nehele lalo lethusi, nezinti zalo, nezitsha zonke zalo, nomcengezi nesinqe sawo,
17 nezilenge zegceke, nezinsika zalo, nezinyawo zazo, neveli lesango legceke,
18 nezikhonkwane zetabernakele, nezikhonkwane zegceke, nezintambo zazo,
19 nezambatho ezifekethisiweyo zokukhonza endaweni engcwele, nezambatho ezingcwele zika-Aroni umpristi, nezambatho zamadodana akhe zokukhonza esikhundleni sobupristi.”
20 Yayisisuka yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ebusweni bukaMose.
21 Bafika, kwaba yilowo nalowo owavuswa yinhliziyo yakhe nowaqhutshwa ngumoya wakhe, baletha umnikelo kaJehova ube ngowomsebenzi wetende lokuhlangana, nowenkonzo yonke yalo, nowezambatho ezingcwele.
22 Beza abesilisa nabesifazane, bonke abaqhutshwa yizinhliziyo zabo, baletha iziqhobosho namacici nezindandatho namasongo, izinto zonke zegolide, bonke ababenokunikela ngomnikelo wegolide kuJehova.
23 Bonke okwafunyanwa kubo okuluhlaza nokububende nokubomvu, nelineni elicolekileyo, noboya bezimbuzi, nezikhumba ezibomvu zezinqama, nezikhumba zamatahasi, bakuletha.
24 Bonke abanikela ngomnikelo wesiliva nowethusi baletha umnikelo kuJehova, nabo bonke okwafunyanwa kubo umuthi womtholo womsebenzi wenkonzo bawuletha.
25 Bonke abesifazane abahlakaniphile ngenhliziyo baphotha ngezandla zabo, baletha okuphothiweyo, okuluhlaza nokububende nokubomvu, nelineni elicolekileyo.
26 Bonke abesifazane abavuselwa yizinhliziyo zabo ukuhlakanipha baphotha uboya bezimbuzi.
27 Izinduna zaletha amatshe amashohamu namatshe okufakwa, awengubo yamahlombe nawesihlangu sesifuba,
28 namakha, namafutha okukhanyisa nawokugcoba nawempepho ethaphukayo.
29 Abantwana bakwa-Israyeli bawuletha umnikelo wesihle kuJehova, bonke abesilisa nabesifazane, abanhliziyo yabo ibavusele ukulethela yonke imisebenzi ayale ngayo uJehova ukuba yenziwe ngesandla sikaMose.
30 UMose wathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Bhekani, uJehova ubize ngegama uBesaleli indodana ka-Uri kaHure, owesizwe sakwaJuda;
31 umgcwalisile ngoMoya kaNkulunkulu, ngokuhlakanipha nangokuqonda nangokwazi nangamandla emisebenzini yonke
32 ukuba aqambe imisebenzi yobungcweti, asebenze ngegolide, nangesiliva, nangethusi,
33 nangokuqopha amatshe okufakwa, nangokuqopha imithi, ukuba asebenze yonke imisebenzi yobungcweti.
34 Ubeke enhliziyweni yakhe ukuba afundise, yena no-Oholiyabe indodana ka-Ahisamaki, owesizwe sakwaDani.
35 Laba ubagcwalisile ngokuhlakanipha kwenhliziyo ukuba basebenze yonke imisebenzi, eyomqophi neyengcweti neyomfekethisi, ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo, neyomaluki, neyabasebenza namuphi umsebenzi, nabaqamba imisebenzi yobungcweti.