Eksodusi

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40

0:00
0:00

Isahluko 7

UJehova wathi kuMose: “Bheka, ngikwenze ube njengonkulunkulu kuFaro; u-Aroni umfowenu uyakuba ngumprofethi wakho.
2 Wena uyakukhuluma konke engikuyala ngakho; u-Aroni umfowenu uyakukhuluma kuFaro ukuba abavumele abantwana bakwa-Israyeli ukuphuma ezweni lakhe.
3 Mina ngiyakuyenza inhliziyo kaFaro ibe lukhuni, ngandise izibonakaliso zami nezimangaliso zami ezweni laseGibithe.
4 Kepha uFaro akayikunilalela; ngiyakubeka isandla sami phezu kweGibithe, ngikhiphe amabandla ami, isizwe sami, abantwana bakwa-Israyeli, ezweni laseGibithe ngezahlulelo ezinkulu.
5 AbaseGibithe bayokwazi ukuthi nginguJehova, nxa ngelula isandla sami phezu kweGibithe, ngikhiphe abantwana bakwa-Israyeli phakathi kwabo.”
6 OMose no-Aroni benze njalo; njengalokho uJehova ebayalile, benze njalo-ke.
7 UMose wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili, u-Aroni eneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nantathu, mhla bekhuluma kuFaro.
8 UJehova wakhuluma koMose no-Aroni, wathi:
9 “Nxa uFaro ekhuluma kini, ethi: ‘Zifakazeleni ngesimangaliso,’ uyakusho ku-Aroni ukuthi: ‘Thatha induku yakho, uyiphonse phansi phambi kukaFaro,’ ukuze iphenduke inyoka.”
10 OMose no-Aroni bangena kuFaro, benza njengalokho uJehova ebayalile; u-Aroni waphonsa phansi induku yakhe phambi kukaFaro naphambi kwezinceku zakhe, yaphenduka inyoka.
11 Khona uFaro wabiza izihlakaniphi nabalumbi; izanusi zaseGibithe nazo zenze njalo ngemilingo yazo.
12 Ngokuba yilowo nalowo waphonsa phansi induku yakhe, zaphenduka izinyoka; kepha induku ka-Aroni yagwinya izinduku zabo.
13 Inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.
14 UJehova wayesethi kuMose: “Inhliziyo kaFaro ilukhuni: uyenqaba ukuba abantu bahambe.
15 Yana kuFaro kusasa ekuseni; bheka, uyaphuma ukuya emanzini; yima ogwini lomfula ukumhlangabeza; induku eyaphenduka inyoka woyiphatha ngesandla sakho.
16 Wothi kuye: ‘UJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, ungithume kuwe, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe bangikhonze ehlane; bheka, kuze kube manje awulalelanga.
17 UJehova usho kanje, uthi: Ngalokhu uyokwazi ukuthi nginguJehova: bheka, ngenduku esesandleni sami ngiyakushaya phezu kwamanzi asemfuleni, aphenduke igazi.
18 Izinhlanzi ezisemfuleni ziyakufa, umfula unuke; abaseGibithe bayakunengwa ngukuphuza amanzi emfuleni.’ ”
19 UJehova wathi kuMose: “Yisho ku-Aroni, uthi: ‘Thatha induku yakho, welule isandla sakho phezu kwamanzi aseGibithe, naphezu kwemifula, naphezu kweminonjana yabo, naphezu kweziziba, naphezu kwamachibi amanzi abo onke ukuba aphenduke igazi,’ kube khona igazi ezweni lonke laseGibithe ezitsheni zemithi nasezitsheni zamatshe.”
20 OMose no-Aroni base bekwenza-ke njengalokho uJehova ebayalile; waphakamisa induku, washaya amanzi asemfuleni emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe; onke amanzi asemfuleni aphenduka igazi.
21 Izinhlanzi zasemfuleni zafa; umfula wanuka; abaseGibithe babengenakuphuza amanzi asemfuleni; igazi lalikhona ezweni lonke laseGibithe.
22 Izanusi zaseGibithe zenze njalo ngemilingo yazo, yaze yaba lukhuni inhliziyo kaFaro; kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.
23 UFaro waphenduka wangena endlini yakhe, kayibekanga inhliziyo yakhe nakulokho.
24 AbaseGibithe bemba nxazonke zomfula ukuthola amanzi okuphuza, ngokuba babengenakuphuza amanzi asemfuleni.
25 Zaphelela izinsuku eziyisikhombisa, selokhu uJehova eshayile umfula.