Eksodusi

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40

0:00
0:00

Isahluko 28

“Sondeza kuwe u-Aroni umfowenu namadodana akhe phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi, o-Aroni, noNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari, amadodana ka-Aroni.
2 Umenzele u-Aroni umfowenu izambatho ezingcwele, ezobukhosi nezokuhlobisa.
3 Wokhuluma kubo bonke abahlakaniphile ngenhliziyo engibagcwalisile ngomoya wokuhlakanipha ukuba bazenze izambatho zika-Aroni zokumngcwelisa, ukuze angikhonze esikhundleni sobupristi.
4 Yilezi izambatho abayakuzenza: isihlangu sesifuba, nengubo yamahlombe, nejazi, nebhantshi elifekethisiweyo, nesigqoko, nebhande, bamenzele u-Aroni umfowenu namadodana akhe izambatho ezingcwele ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.
5 Makathathe igolide, nokuluhlaza nokububende nokubomvu, nelineni elicolekileyo.
6 “Bayakwenza ingubo yamahlombe ngegolide, nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, kube ngumsebenzi wengcweti.
7 Iyakuba neziziba ezimbili zasemahlombe, zihlangene emaceleni ayo omabili, ukuba ihlanganiswe.
8 Ibhande elalukiweyo elikuyo lokuyikhwica liyakuba njengomsebenzi wayo, libe kunye nayo, ngegolide, nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo.
9 “Wothatha amatshe amabili amashohamu, uqophe kuwo amagama abantwana bakwa-Israyeli,
10 amagama ayisithupha abo kwelinye itshe namagama abayisithupha abaseleyo kwelinye itshe njengokuzalwa kwabo.
11 Ngomsebenzi womqophi ematsheni, njengokuqoshwa kwendandatho, woqopha amatshe omabili njengokwamagama abantwana bakwa-Israyeli, uwafake azungezwe yizisekelo zegolide.
12 Wobeka amatshe omabili ezizibeni zombili zengubo yamahlombe, abe ngamatshe esikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli; u-Aroni uyakuphatha amagama abo emahlombe akhe omabili phambi kukaJehova kube yisikhumbuzo.
13 Wozenza izisekelo zegolide,
14 namaketanga amabili egolide elicwengekileyo, uwenze abe njengamagoda, umsebenzi othandelweyo ezisekelweni.
15 “Uyakwenza isihlangu sesifuba sokwahlulela, kube ngumsebenzi wengcweti, usenze njengokusetshenzwa kwengubo yamahlombe ngegolide, nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo.
16 Masibe nezinhlangothi ezine ezilingeneyo, siphindwe kabili; ubude baso bube njengokudazuluka kweminwe, nobubanzi baso bube njengokudazuluka kweminwe.
17 Ufake kuso izisekelo zamatshe, kube yizinhla ezine zamatshe: uhla lwesardiyu, netopazi, nerubi, lube luhla lokuqala;
18 uhla lwesibili lube yisimaragidu, nesafire, nedayimani;
19 uhla lwesithathu lube yihiyakinte, ne-agathe, ne-amethiste;
20 uhla lwesine lube yikrisolithe, neshohamu, nejaspi; azungezwe ngegolide ezisekelweni zawo.
21 Amatshe ayakuba njengamagama abantwana bakwa-Israyeli, abe yishumi nambili njengamagama abo; njengokuqoshwa kwendandatho yilelo nalelo liyakuba negama lesinye sezizwe eziyishumi nambili.
22 “Wenze kuso isihlangu sesifuba amaketanga njengamagoda, umsebenzi othandelweyo wegolide elicwengekileyo.
23 Wenze kuso isihlangu sesifuba amasongo amabili egolide, uwafake amasongo omabili emaceleni omabili esihlangu sesifuba.
24 Wowafaka amaketanga omabili athandelweyo ngegolide emasongweni omabili emaceleni esihlangu sesifuba.
25 Ezinye izihloko ezimbili zamaketanga athandelweyo wozifaka ezisekelweni zombili, uzibeke ngaphambili ezizibeni zengubo yamahlombe.
26 Uyakuwenza amasongo amabili egolide, uwafake emaceleni omabili esihlangu sesifuba, eceleni laso elibhekene nengubo yamahlombe ngaphakathi.
27 Wenze amasongo amabili, uwafake ezizibeni zombili zengubo yamahlombe phansi ngaphambili, eduze nokuhlangana kwayo, phezu kwebhande elifeketshisiweyo lengubo yamahlombe.
28 Bayakusibopha isihlangu sesifuba ngamasongo aso emasongweni engubo yamahlombe ngentambo eluhlaza ukuba sibe phezu kwebhande elifekethisiweyo lengubo yamahlombe, ukuze isihlangu sesifuba singakhumuki engutsheni yamahlombe.
29 “U-Aroni uyakuphatha amagama abantwana bakwa-Israyeli esihlangwini sesifuba sokwahlulela phezu kwenhliziyo yakhe, nxa engena endaweni engcwele, kube yisikhumbuzo phambi kukaJehova njalo.
30 Ufake esihlangwini sesifuba sokwahlulela i-Urimi neThumimi, ahlale phezu kwenhliziyo ka-Aroni, nxa engena phambi kukaJehova; u-Aroni athwale ukwahlulelwa kwabantwana bakwa-Israyeli phezu kwenhliziyo yakhe phambi kukaJehova njalo.
31 “Uyakwenza ijazi lengubo yamahlombe ngokuluhlaza lonke,
32 kube yimbobo yekhanda ngaphakathi kwalo, imbobo yalo ibe nomphetho oyizungezayo womsebenzi owalukiweyo njengembobo yebhantshi lensimbi ukuba lingadatshulwa.
33 Emiphethweni yalo wowenza amapomegranati ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, azungeze imiphetho yalo, kanye nezikhencezo zegolide phakathi kwawo nxazonke,
34 kube yisikhencezo segolide nepomegranati, isikhencezo segolide nepomegranati njalo emiphethweni yejazi nxazonke.
35 U-Aroni makalembathe eyokhonza; ukukhenceza kwalo kuyakuzwakala, nxa engena endaweni engcwele phambi kukaJehova, nanxa ephuma, ukuze angafi.
36 “Uyakwenza ungcwecwe wegolide elicwengekileyo, uqophe kuye njengokuqoshwa kwendandatho ukuthi: ‘Wahlukaniselwe uJehova’.
37 Umfake ngentambo eluhlaza, abe sesigqokweni, abe ngaphambili esigqokweni.
38 Uyakuba sebunzini lika-Aroni, u-Aroni athwale ububi bezinto ezingcwele, abantwana bakwa-Israyeli abayakuzingcwelisa, zibe yizipho zabo ezingcwele; uyakuba sebunzini lakhe njalo ukuba bamukeleke ebusweni bukaJehova.
39 “Uyakwaluka ibhantshi eliyizingovu ngelineni elicolekileyo, wenze nesigqoko selineni elicolekileyo, wenze nebhande, ulifekethise.
40 Uyakuwenzela namadodana ka-Aroni amabhantshi, uwenzele namabhande, uwenzele nezigqoko, kube ngezobukhosi nezokuhlobisa.
41 Wembathise zona u-Aroni umfowenu namadodana akhe, ubagcobe, ubahlukanisele, ubangcwelise ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.
42 “Ubenzele namabhulukwe elineni ukuba kusitshekelwe inyama yobunqunu babo, aqale okhalweni, afike emathangeni;
43 u-Aroni namadodana akhe bawafake, nxa bengena etendeni lokuhlangana, nanxa besondela e-altare ukuyokhonza endaweni engcwele, ukuba bangathwali ububi, bafe; kuyakuba yisimiso kuye nakuyo inzalo yakhe emva kwakhe kuze kube phakade.