Eksodusi

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40

0:00
0:00

Isahluko 3

UMose wayalusa izimvu zikaJetiro umukhwe wakhe, umpristi wakwaMidiyani; waziqhuba izimvu, waya ngaphambili kwehlane, waze wafika entabeni kaNkulunkulu iHorebe.
2 Kwabonakala kuye ingelosi kaJehova elangabini lomlilo livela phakathi kwesihlahla; wabuka, bheka, isihlahla savutha umlilo, kepha isihlahla asiphelanga nokho.
3 Wayesethi uMose: “Mangiphambuke, ngiye ngibone lesi sibonakaliso esikhulu ukuba isihlahla asishi ngani.”
4 UNkulunkulu esebona ukuthi uyaphambuka ukuyobuka, uNkulunkulu wambiza ephakathi kwesihlahla, wathi: “Mose, Mose!”
5 Wathi: “Ngilapha.” Wayesethi: “Ungasondeli lapha; khumula izicathulo zakho ezinyaweni zakho, ngokuba indawo omi kuyo ingumhlabathi ongcwele.”
6 Wathi: “NginguNkulunkulu kayihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe; uMose wasitha ubuso bakhe, ngokuba wesaba ukumbheka uNkulunkulu.”
7 Wayesethi uJehova: “Ngibonile nokubona ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibithe; ngizwile ukukhala kwabo ngenxa yabacindezeli babo, ngokuba ngiyazazi izinsizi zabo;
8 ngehle ukuba ngibophule esandleni sabaseGibithe, ngibakhuphule kulelo zwe, ngibayise ezweni elihle elibanzi, izwe elichichima ubisi nezinyosi, indawo yamaKhanani, neyamaHeti, neyama-Amori, neyamaPherizi, neyamaHivi, neyamaJebusi.
9 Bheka, manje ukukhala kwabantwana bakwa-Israyeli sekufike kimi; futhi ngikubonile ukucindezela abaseGibithe ababacindezela ngakho.
10 Ngakho hamba, ngiyakukuthuma kuFaro ukuba ukhiphe eGibithe abantu bami, abantwana bakwa-Israyeli.”
11 UMose wayesethi kuNkulunkulu: “Ngingubani mina ukuba ngiye kuFaro, ngikhiphe eGibithe abantwana bakwa-Israyeli na?”
12 Wathi: “Ngizakuba nawe ngempela; lokhu kuyakuba luphawu kuwe ukuthi ngikuthumile; nxa ukhiphile isizwe eGibithe, niyakumkhonza uNkulunkulu kule ntaba.”
13 UMose wayesethi kuNkulunkulu: “Bheka lapho ngifika kubantwana bakwa-Israyeli, ngithi kubo: ‘UNkulunkulu wawoyihlo ungithumile kini,’ bese bethi kimi: ‘Ngubani igama lakhe?’ ngizakuthini kubo na?”
14 UNkulunkulu wathi kuMose: “Nginguye enginguye.” Wathi: “Uzakusho njalo kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘UNgikhona ungithumile.’ ”
15 UNkulunkulu wathi futhi kuMose: “Uzakusho njalo kubo abantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘UJehova, uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe, ungithumile kini.’ Yileli eliyigama lami kuze kube phakade, lesi siyisikhumbuzo sami ezizukulwaneni ngezizukulwane.
16 “Hamba ubuthe amalunga akwa-Israyeli, uthi kuwo: ‘UJehova, uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka nokaJakobe, ubonakele kimi, wathi: Nginihambele nokunihambela, ngibonile okwenziwa kini eGibithe.
17 Ngishilo ngathi: Ngiyakunikhuphula ekuhluphekeni kwaseGibithe, nginiyise ezweni lamaKhanani, nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaPherizi, nelamaHivi, nelamaJebusi, izwe elichichima ubisi nezinyosi.’
18 “Bayakulalela izwi lakho; uyakufika wena kanye namalunga akwa-Israyeli enkosini yaseGibithe, nithi kuyo: ‘UJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, uhlangene nathi; ake sihambe manje ibanga lezinsuku ezintathu, siye ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu.’
19 Kepha ngiyazi mina ukuthi inkosi yaseGibithe ayiyikuvuma ukuba nihambe, ngisho nangesandla esinamandla.
20 Kodwa ngiyakwelula isandla sami, ngilishaye iGibithe ngezimangaliso engiyakuzenza phakathi kwalo, andukuba iniyeke.
21 “Ngiyakunika lesi sizwe umusa emehlweni abaseGibithe, kuze kuthi lapho nisuka, aniyikuhamba ningaphethe lutho,
22 kepha yilowo nalowo wesifazane uyakucela kumakhelwane wakhe nakuye ogogobeleyo endlini yakhe izinto zesiliva nezinto zegolide, nezingubo; niyakuzifaka kumadodana enu nakumadodakazi enu, niphange abaseGibithe.”