Eksodusi

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40

0:00
0:00

Isahluko 25

UJehova wayesekhuluma kuMose ethi:
2 “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuba bangithabathele umnikelo; kubo bonke abantu abanhliziyo zabo zivuma anothabatha umnikelo wami.
3 Yilo umnikelo eniyakuwuthabatha kubo: igolide, nesiliva, nethusi,
4 nokuluhlaza, nokububende, nokubomvu, nelineni elicolekileyo, noboya bezimbuzi,
5 nezikhumba ezibomvu zezinqama, nezikhumba zamatahasi, nemithi yomtholo,
6 namafutha okukhanyisa, namakha amafutha okugcoba nawempepho ethaphukayo,
7 namatshe amashohamu, namatshe okufakwa, awengubo yamahlombe nawesihlangu sesifuba.
8 “Mabangenzele indlu engcwele ukuba ngihlale phakathi kwabo.
9 Njengakho konke engikutshengisa khona njengesifanekiso setabernakele nangesifanekiso sempahla yonke yalo, anoyenza njalo-ke.
10 “Bayakuwenza umphongolo ngomuthi womtholo, ubude bawo bube yizingalo ezimbili nenxenye, ububanzi bawo bube yingalo nenxenye, nokuphakama kwawo kube yingalo nenxenye.
11 Uyakuwunameka ngegolide elicwengekileyo, uwunameke ngaphakathi nangaphandle, uwenzele udini lwegolide nxazonke.
12 Uwukhandele amasongo amane egolide, uwafake ezinyaweni zozine zawo, amasongo amabili abe kolunye uhlangothi lwawo, amasongo amabili abe kolunye uhlangothi lwawo.
13 Uyakuzenza izinti ngomuthi womtholo, uzinameke ngegolide.
14 Wozifaka izinti emasongweni asezinhlangothini zomphongolo ukuba uthwalwe ngazo.
15 Izinti ziyakuhlala emasongweni omphongolo; aziyikususwa kuwo.
16 Uyakufaka emphongolweni ubufakazi engikunika bona.
17 “Uyakwenza isihlalo somusa ngegolide elicwengekileyo, ubude baso bube yizingalo ezimbili nenxenye, ububanzi baso bube yingalo nenxenye.
18 Uyakwenza amakherubi amabili ngegolide, uwenze ngomsebenzi okhandiweyo ekugcineni kwesihlalo somusa nxazombili,
19 ulenze elinye ikherubi ekugcineni ngalapha nelinye ikherubi ekugcineni ngalapha, nenze amakherubi ekugcineni nxazombili, abe kunye nesihlalo somusa.
20 Amakherubi ayakwelula amaphiko awo ngaphezulu, amboze isihlalo somusa ngamaphiko awo, abhekane ngobuso; ubuso bamakherubi buyakubheka isihlalo somusa.
21 Uyakusibeka isihlalo somusa phezu komphongolo, ufake emphongolweni ubufakazi engiyakukunika bona.
22 Ngiyakuhlangana nawe khona, ngikhulume nawe, ngiphezu kwesihlalo somusa emkhathini wamakherubi amabili aphezu komphongolo wobufakazi, ngakho konke engiyakukuyala ngakho ukuba ubatshele abantwana bakwa-Israyeli.
23 “Uyakulenza itafula ngomuthi womtholo, ubude balo bube yizingalo ezimbili, ububanzi balo bube yingalo, nokuphakama kwalo kube yingalo nenxenye.
24 Wolinameka ngegolide elicwengekileyo, ulenzele udini ngegolide nxazonke,
25 ulenzele usiko olulingene nesandla ngobubanzi nxazonke, ulwenzele usiko udini lwegolide nxazonke.
26 Ulenzele amasongo amane ngegolide, uwafake amasongo emagumbini omane asezinyaweni zalo zozine.
27 Amasongo ayakuba ngasodinini, abe yizindawo zezinti zokuthwala itafula.
28 Wozenza izinti ngomuthi womtholo, uzinameke ngegolide, ukuba itafula lithwalwe ngazo,
29 wenze nezingqwembe zalo, nezinkezo zalo, nezindebe zalo, nezinkamba zalo zokuthela, uzenze ngegolide elicwengekileyo.
30 Wobeka njalo phambi kwami etafuleni isinkwa sokubukwa.
31 “Wolwenza uthi lwezibani ngegolide elicwengekileyo, uthi lwezibani olwenziwe ngomsebenzi okhandiweyo, nesiqu salo, namagatsha alo, izimbizana zalo, namasumpa alo, nezimbali zalo, konke kube kunye nalo.
32 Makube khona amagatsha ayisithupha aphuma ezinhlangothini zalo, amagatsha amathathu othi lwezibani aphume kolunye uhlangothi lwalo, amagatsha amathathu othi lwezibani aphume kolunye uhlangothi lwalo.
33 Izimbizana ezintathu ezifaniswa nezimbali zemi-alimondi zibe kwelinye igatsha, isumpa nembali; izimbizana ezintathu ezifaniswa nezimbali zemi-alimondi zibe kwelinye igatsha, isumpa nembali; makube njalo kuwo onke amagatsha ayisithupha aphuma othini lwezibani.
34 Othini lwezibani kuyakuba khona izimbizana ezine ezifaniswa nezimbali zemi-alimondi, amasumpa azo nezimbali zazo,
35 kube yisumpa phansi kwamagatsha amabili, libe kunye nalo, nesumpa phansi kwamanye amagatsha amabili, libe kunye nalo, nesumpa phansi kwamanye amagatsha amabili futhi, libe kunye nalo, kube phansi kwamagatsha ayisithupha aphuma othini lwezibani.
36 Amasumpa alo namagatsha alo ayakuba kunye nalo, kube kunye konke okwalo, kube ngokomsebenzi okhandiweyo wegolide elicwengekileyo.
37 “Wolwenzela izibani eziyisikhombisa, izibani zalo zibekwe ukuba zikhanyise phambi kwalo.
38 Izizenze zalo nezitsha zalo zensizi mazenziwe ngegolide elicwengekileyo.
39 Malwenziwe ngetalenta legolide elicwengekileyo kanye nazo zonke lezi zinto.
40 Bhekisisa ukuba uzenze ngesifanekiso sazo owaboniswa sona entabeni.