Hezekeli

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48

0:00
0:00

Isahluko 8

Kwathi ngomnyaka wesithupha ngenyanga yesithupha ngolwesihlanu lwenyanga lapho ngihlezi endlini yami, amalunga akwaJuda ehlezi ngaphambi kwami, isandla seNkosi uJehova sawela lapho phezu kwami.
2 Ngase ngibona, bheka, kwakunjengokubonakala komlilo; kusukela kokungathi ukhalo kuya phansi kwakungumlilo, kusukela okhalweni kuya phezulu kwakunjengokukhazimula nanjengethusi elimenyezelayo.
3 Wayeselula kungathi isandla, wangibamba ngesihluthu sekhanda lami; uMoya wangiphakamisa phakathi komhlaba nezulu, wangiyisa ngemibono kaNkulunkulu eJerusalema esivalweni sesango legceke elingaphakathi elibheke ngasenyakatho, lapho kwakukhona isihlalo sesithombe somhawu, esibanga umhawu.
4 Bheka, inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli yayilapho njengokuyibona kwami esigodini.
5 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ake uphakamise amehlo akho ngendlela yasenyakatho.” Ngase ngiwaphakamisa amehlo ami ngendlela yasenyakatho; bheka, ngasenyakatho kwesango lase-altare lesi sithombe somhawu sasisentubeni.
6 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, uyabona yini abakwenzayo, izinengiso ezinkulu indlu yakwa-Israyeli ezenzayo lapha ukuba ngidede kude nendlu yami engcwele na? Kepha uyakubuye ubone ezinye izinengiso ezinkulu.”
7 Wayesengiyisa esangweni legceke. Ngabona, bheka, nanso imbobo ogangeni.
8 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, gebhula ogangeni.” Nanxa sengigebhulile ogangeni, bheka, nanko umnyango.
9 Wayesethi kimi: “Ngena ubone izinengiso ezimbi abazenzayo lapha.”
10 Ngangena, ngabona; bheka, zonke izimo zezilwanyana ezinwabuzelayo, nezilwane ezinengekayo, nazo zonke izithombe zendlu ka-Israyeli kudwetshiwe odongeni nxazonke.
11 Kwakumi phambi kwabo abantu abangamashumi ayisikhombisa bamalunga endlu yakwa-Israyeli, naphakathi kwabo uJahazaniya indodana kaShafani, kwaba yilowo nalowo enomcengezi wakhe womlilo esandleni sakhe, nephunga lefu lempepho lenyuka.
12 Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, uyabona yini akwenzayo amalunga endlu yakwa-Israyeli ebumnyameni, kube yilelo nalelo ekamelweni lalo lezithombe, na? Ngokuba athi: ‘UJehova akasiboni, uJehova ulishiyile izwe.’ ”
13 Futhi wathi kimi: “Uyakubuye ubone ezinye izinengiso ezinkulu abazenzayo.”
14 Wayesengiyisa esivalweni sesango lendlu kaJehova elingasenyakatho; bheka, nampo abesifazane behlezi belilela uTamuzi.
15 Wathi kimi: “Uyakubona lokho wena ndodana yomuntu na? Uyakubuye ubone izinengiso ezinkulu kunalezi.”
16 Wayesengingenisa egcekeni elingaphakathi lendlu kaJehova; bheka, ngasemnyango wethempeli likaJehova phakathi kompheme ne-altare kwakukhona kungathi amadoda angamashumi amabili nanhlanu efulathele ithempeli likaJehova, ubuso bawo bubhekene nempumalanga, ekhonza ilanga ngasempumalanga.
17 Wathi kimi: “Uyakubona lokhu wena ndodana yomuntu na? Kuyinto elula kuyo indlu yakwaJuda ukwenza izinengiso abazenzayo lapho na? Ngokuba sebeligcwalisile izwe ngobudlova, babuye bangicunula. Bhekani, babeka amagatsha emakhaleni abo.
18 Ngalokho ngiyakusebenza ngokufutheka; iso lami aliyikubahawukela, ngingabi nabubele; noma bememeza ezindlebeni zami ngezwi elikhulu, angiyikubezwa.”