Hezekeli

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48

0:00
0:00

Isahluko 12

Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
2 “Ndodana yomuntu, wena uhlala phakathi kwendlu ehlubukayo nabanamehlo okubona bengaboni kodwa, abanezindlebe zokuzwa bengezwa nokho, ngokuba bayindlu ehlubukayo.
3 “Wena ndodana yomuntu, zenzele impahla yokuhamba, usuke emini emehlweni abo, umuke endaweni yakho emehlweni abo, uye kwenye; mhlawumbe bayakubona ukuthi bayindlu ehlubukayo.
4 Uyakukhipha impahla yakho emini emehlweni abo njengempahla yokuhamba, wena uphume kusihlwa emehlweni abo njengokuphuma ukuya ekuthunjweni.
5 Gebhula ogangeni emehlweni abo, uyikhiphe impahla khona.
6 Uyakuyithwala ehlombe emehlweni abo, uyikhiphe sekumnyama, usibekele ubuso bakho, ukuze ungaboni izwe, ngokuba ngikubeke ukuba ube yisibonakaliso kuyo indlu yakwa-Israyeli.”
7 Ngenza njengokungiyala kwakhe; ngayikhipha impahla yami emini njengempahla yokuhamba, kusihlwa ngagebhula ogangeni ngesandla, nanxa sekumnyama ngayikhipha, ngayithwala ehlombe emehlweni abo.
8 Lase lifika izwi likaJehova ekuseni, lathi:
9 “Ndodana yomuntu, ayishongo kuwe yini indlu yakwa-Israyeli, indlu ehlubukayo, yathi: ‘Wenzani na?’
10 “Thana kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Lesi siprofetho ngesesikhulu saseJerusalema nesabo bonke abendlu yakwa-Israyeli abaphakathi kwalo.’
11 Thana: ‘Ngiyisibonakaliso senu;’ njengalokho ngenzile, kuyakwenziwa kanjalo kubo; bayakuya ekuthunjweni, baboshwe.
12 “Isikhulu esiphakathi kwabo siyakuthwala ehlombe sekumnyama, siphume, bagebhule ogangeni ukuba bakhiphe khona, sisibekele usubo baso, ngokuba asiyikubona izwe ngamehlo aso.
13 Ngiyakuleneka inetha lami phezu kwaso, sibanjwe ogibeni lwami; ngiyakusiyisa eBabele ezweni lamaKaledi. Kepha asiyikulibona, noma sifela khona.
14 Bonke abasizungezayo ukusisiza namaviyo aso ngiyakubahlakazela kuyo yonke imimoya, ngihoshe inkemba emva kwabo.
15 “Bayakwazi ukuthi nginguJehova, lapho ngibahlakazela ezizweni, ngibasabalalisele emazweni.
16 Kepha ngiyakushiya kubo abantu abayingcosana besala enkembeni, nasendlaleni, nasesifweni, ukuba balande ngazo zonke izinengiso zabo phakathi kwezizwe lapho befika khona, bazi ukuthi nginguJehova.”
17 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
18 “Ndodana yomuntu, yidla isinkwa sakho ngokuqhaqhazela, uphuze amanzi akho ngokuthuthumela nangokwesaba,
19 uthi kubantu bezwe: ‘Isho kanje iNkosi uJehova ngabakhileyo eJerusalema ezweni lakwa-Israyeli, ithi: Bayakudla isinkwa sabo ngokwesaba, baphuze amanzi abo ngokumangala, ngokuba izwe lalo liyakuchithwa, laphucwe konke ukugcwala kwalo ngenxa yobudlova babo bonke abahlala kulo.
20 Imizi ehlalwayo iyakuchithwa, izwe libe yincithakalo, nazi ukuthi nginguJehova.’ ”
21 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
22 “Ndodana yomuntu, siyini leso saga eninaso ezweni lakwa-Israyeli sokuthi: ‘Izinsuku ziyajobeleleka, nayo yonke imibono iphuthile,’ na?
23 Ngalokho thana kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakwenza ukuba siphele leso saga, bangabe besafanisa ngaso kwa-Israyeli,’ kepha khuluma kubo ngokuthi: ‘Izinsuku sezisondele nokugcwaliseka kwemibono yonke.
24 Ngokuba akusayikuba khona umbono oyize nokubhula okuthophayo endlini yakwa-Israyeli.
25 Ngokuba mina Jehova ngiyakukhuluma izwi engiyakulikhuluma, lenzeke, lingabe lisalitshaziswa, ngokuba ezinsukwini zenu nina ndlu ehlubukayo ngiyakukhuluma izwi, ngilenze, isho iNkosi uJehova.’ ”
26 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
27 “Ndodana yomuntu, bheka, abendlu ka-Israyeli bathi: ‘Umbono awubonayo ungowezinsuku ezizayo, uprofetha ngezikhathi ezisekude.’
28 “Ngalokho thana kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Akusayikulitshaziswa zwi, kepha izwi engiyakulikhuluma liyakwenzeka, isho iNkosi uJehova.’ ”