Hezekeli

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48

0:00
0:00

Isahluko 44

Wayesengibuyisa ngendlela yesango elingaphandle lendlu engcwele, elibheke ngasempumalanga.
2 UJehova wathi kimi: “Leli sango liyakuvalwa, aliyikuvulwa, akuyikungena muntu ngalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ungenile ngalo; liyakuhlala livaliwe.
3 Kepha isikhulu, siyisikhulu, siyakuhlala kulo, sidle phambi kukaJehova; siyakungena ngendlela yompheme wesango, siphume ngendlela yawo futhi.”
4 Wayesengiyisa ngaphambi kwendlu ngendlela yesango lasenyakatho; ngabuka, bheka, inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaJehova, ngawa ngobuso bami.
5 UJehova wathi kimi: “Ndodana yomuntu, beka inhliziyo yakho, ubone ngamehlo akho, uzwe ngezindlebe zakho konke engikukhuluma kuwe ngazo zonke izimiso zendlu kaJehova nangayo yonke imithetho yayo, uqaphele indawo yendlu yokungena nazo zonke izindawo zokuphuma zendlu engcwele.
6 Uyakusho kuyo indlu ehlubukileyo yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nina ndlu yakwa-Israyeli, mazanele kini zonke izinengiso zenu,
7 lokhu ningenisile abezizwe abangasokile ngenhliziyo nabangasokile ngenyama ukuba babe sendlini yami engcwele, bayingcolise indlu yami, lapho ninikela ngesinkwa sami, nangamanoni, nangegazi, naphula isivumelwano sami ngazo zonke izinengiso zenu.
8 Anigcinanga inkonzo yezinto zami ezingcwele, kepha nibeke abayakunigcinela inkonzo endlini yami engcwele.
9 Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Akuyikungena endlini yami engcwele owezizwe ongasokile ngenhliziyo nongasokile ngenyama kubo bonke abezizwe abaphakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.
10 “ ‘Kepha amaLevi adeda kude nami lapho u-Israyeli eduka, eduka elandela izithombe zawo, ayakuthwala ububi bawo,
11 abe yizikhonzi endlini yami engcwele, abonise amasango endlu, akhonze endlini, ahlabe iminikelo yokushiswa nemihlatshelo yabantu, eme phambi kwabo ukuba abakhonze.
12 Ngokuba ebebakhonza phambi kwezithombe zabo, aba yisikhubekiso sobubi kuyo indlu yakwa-Israyeli, ngalokho ngiphakamisile isandla sami kuwo, isho iNkosi uJehova, athwale ububi bawo.
13 Awayikusondela kimi abe ngabapristi kimi, angasondeli nasezintweni zami ezingcwele, izinto ezingcwele kakhulu, kepha ayakuthwala ihlazo lawo nezinengiso zawo azenzileyo.
14 Yebo, ngiyakuwabeka abagcini benkonzo yendlu emsebenzini wonke wayo kukho konke okuyakwenziwa kuyo.
15 “ ‘Kepha abapristi bamaLevi, amadodana kaSadoki, ababegcina inkonzo yendlu yami engcwele lapho abantwana bakwa-Israyeli beduka kimi, bayakusondela kimi, bangikhonze, beme phambi kwami, banikele kimi ngamanoni nangegazi, isho iNkosi uJehova;
16 bayakungena endlini yami engcwele, basondele etafuleni lami ukuba bangikhonze, bagcine inkonzo yami.
17 “ ‘Kuyakuthi lapho bengena emasangweni egceke elingaphakathi, bembathiswe izambatho zelineni, uboya bezimvu bungabathinti, lapho bekhonza emasangweni egceke elingaphakathi nasendlini.
18 Bayakuba nezigqoko zelineni emakhanda abo, babe namabhulukwe elineni okhalweni lwabo, bangabhinci okujulukisayo.
19 Lapho bephumela egcekeni elingaphandle, igceke elingaphandle labantu, bayakukhumula izambatho zabo abakhonza ngazo, bazibeke emakamelweni angcwele, bembathe ezinye izingubo, funa bangcwelise abantu ngezambatho zabo.
20 “ ‘Abayikuphucula amakhanda abo, bangavumi izihluthu zabo zibe zide, kepha bayakugunda amakhanda abo.
21 Akuyikuphuza iwayini noyedwa umpristi, lapho bengena egcekeni elingaphakathi.
22 Abayikuthatha umfelokazi nolahliweyo babe ngabafazi babo, kepha bathathe izintombi zozalo lwendlu yakwa-Israyeli, noma umfelokazi ongumfelokazi wompristi.
23 Bayakufundisa abantu bami ukwahlukanisa okungcwele nokuyichilo, benze umahluko phakathi kokungcolileyo nokuhlambulukileyo.
24 “ ‘Ekuphikisaneni bayakuma ukwahlulela, bakwahlulele njengezahlulelo zami, bagcine imithetho yami nezimiso zami emikhosini yonke yami, balingcwelise isabatha lami.
25 “ ‘Abayikuthinta ofileyo, funa bazingcolise, kepha ngoyise, nangonina, nangendodana, nangendodakazi, nangomfowabo, nangodadewabo ongenandoda bangazingcolisa.
26 Nxa esehlambulukile, uyakubalelwa izinsuku eziyisikhombisa.
27 Ngosuku angena ngalo endlini engcwele egcekeni elingaphakathi ukuyokhonza endlini engcwele, uyakunikela ngomnikelo wakhe wesono, isho iNkosi uJehova.
28 “ ‘Bayakuba nefa; mina ngiyifa labo; aniyikubanika imfuyo kwa-Israyeli; mina ngiyimfuyo yabo.
29 Bayakudla umnikelo wempuphu, nomnikelo wesono, nomnikelo wecala, konke okwahlukanisiweyo kwa-Israyeli kube ngokwabo.
30 Lonke ulibo lokuqala lwakho konke nayo yonke iminikelo yakho konke eminikelweni yenu yonke kuyakuba ngokwabapristi, nimnike umpristi ulibo lomgqakazo wenu ukuhlalisa isibusiso phezu kwendlu yakho.
31 Abapristi abayikudla okuzifeleyo nokudweshuliweyo, noma ezinyonini noma ezinkomeni.