Hezekeli

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48

0:00
0:00

Isahluko 43

Wayesengiyisa esangweni, isango elibheke ngasempumalanga;
2 bheka, inkazimulo kaJehova ka-Israyeli yavela ngasempumalanga, izwi lakhe lalinjengokuholoba kwamanzi amaningi, umhlaba wakhanya ngenkazimulo yakhe.
3 Kwaba njengesimo sombono engawubonayo, yebo, njengombono engawubona lapho ngeza ukuwuchitha umuzi; imibono yayinjengombono engawubona ngasemfuleni iKhebari; ngawa ngobuso bami.
4 Inkazimulo kaJehova yangena endlini ngendlela yesango elibheke ngasempumalanga.
5 UMoya wangiphakamisa, wangingenisa egcekeni elingaphakathi; bheka, inkazimulo kaJehova yayigcwalisa indlu.
6 Ngase ngizwa okhuluma kimi ephakathi kwendlu; kwakumi umuntu eceleni kwami.
7 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, lokhu kuyindawo yesihlalo sami sobukhosi, nendawo yamathe ezinyawo zami, lapho ngiyakuhlala khona phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade; indlu yakwa-Israyeli ayisayikulingcolisa igama lami elingcwele, yona namakhosi ayo, ngokuphinga kwayo nangezidumbu zamakhosi ayo ezindaweni zayo eziphakemeyo,
8 bebeka umbundu wabo ngasembundwini wami, nensika yabo yomnyango eceleni kwensika yami, kube ludonga kuphela phakathi kwami nabo, belingcolisa igama lami elingcwele ngezinengiso zabo abazenzileyo, okungalokho ngabaqeda ngolaka lwami.
9 Manje mabadedisele kude nami ukuphinga kwabo, nezidumbu zamakhosi abo, ngihlale phakathi kwabo kuze kube phakade.
10 “Wena ndodana yomuntu, bonisa abendlu yakwa-Israyeli le ndlu ukuba babe namahloni ngobubi babo, balinganise isimo sayo.
11 Uma benamahloni ngakho konke abakwenzileyo, mawubazise isimo sendlu, nokubonakala kwayo, nezindawo zayo zokuphuma, nezindawo zayo zokungena, yebo, sonke isimo sayo kanye nazo zonke izimiso zayo, nazo zonke izimo zazo kanye nayo yonke imithetho yayo, ukulobe emehlweni abo ukuba bagcine sonke isimo sayo nazo zonke izimiso zayo, bazenze.
12 “Nanku umthetho wendlu: esiqongweni sentaba wonke umkhawulo wayo nxazonke uyakuba ngcwele kakhulu. Bheka, lokhu kungumthetho wendlu.
13 “Lezi zaziyizilinganiso ze-altare ngezingalo, ingalo iyingalo nobubanzi besandla: isinqe sasiyingalo ukuphakama kwaso, nobubanzi buyingalo; umncele walo ngaseceleni kwalo nxazonke wawunjengokudazuluka kweminwe; lokhu kwakungukuphakama kwe-altare;
14 kusukela esinqeni emhlabathini kuze kube sonqenqemeni oluphansi kwakuyizingalo ezimbili, ububanzi buyingalo; kusukela onqenqemeni oluncane kuze kube sonqenqemeni olukhulu kwakuyizingalo ezine, ububanzi buyingalo.
15 I-altare laliyizingalo ezine; kusukela e-altare kuya phezulu kwakukhona izimpondo ezine.
16 I-altare, ubude balo babuyizingalo eziyishumi nambili, ububanzi balo buyizingalo eziyishumi nambili, linezinhlangothi ezine ezilingeneyo.
17 Unqenqema, ubude balo, babuyizingalo eziyishumi nane, ububanzi balo bungeziyishumi nane ezinhlangothini zalo zozine; umncele nxazonke kwalo wawuyinxenye yengalo; isinqe salo sasiyingalo nxazonke, izinyathelo zalo zibheke ngasempumalanga.”
18 Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nazi izimiso ze-altare mhla beyakulenza ukuba bashise umnikelo wokushiswa phezu kwalo, balifafaze ngegazi.
19 Uyakunika abapristi bamaLevi abozalo lukaSadoki, abaseduze kimi, isho iNkosi uJehova, ukuba bangikhonze, iduna libe ngumnikelo wesono.
20 Uyakuthatha okwegazi layo, ulibhece ezimpondweni zalo zozine, nasemagumbini omane onqenqema, nasemnceleni nxazonke, ulihlambulule, ulenzele ukubuyisana.
21 Uyakuthatha inkunzi yomnikelo wesono, ishiswe endaweni yendlu emiselweyo ngaphandle kwendlu engcwele.
22 “Ngosuku lwesibili uyakunikela ngempongo engenasici, ibe ngumnikelo wesono; bayakuhlambulula i-altare njengokulihlambulula ngenkunzi.
23 Lapho usuqede ukulihlambulula, uyakunikela ngeduna elingenasici nangenqama yezimvu engenasici.
24 Uyakukusondeza phambi kukaJehova, abapristi bathele usawoti kukho, banikele ngakho, kube ngumnikelo wokushiswa kuJehova.
25 “Izinsuku eziyisikhombisa uyakulungisa imihla yonke impongo ibe ngumnikelo wesono, kulungiswe neduna nenqama yezimvu, okungenasici.
26 Izinsuku eziyisikhombisa bayakwenzela i-altare ukubuyisana, balihlambulule, balingcwelise.
27 Lapho seziphelile izinsuku, kuyakuba ngosuku lwesishiyagalombili naphambili ukuba abapristi bayilungise iminikelo yenu yokushiswa e-altare neminikelo yenu yokuthula, nginamukele, isho iNkosi uJehova.”