Hezekeli

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48

0:00
0:00

Isahluko 41

Wayesengingenisa ethempelini, walinganisa izinsika, ububanzi buyizingalo eziyisithupha ngalapha, ububanzi buyizingalo eziyisithupha nangalapha, ububanzi betabernakele.
2 Ububanzi bomnyango babuyizingalo eziyishumi; amacele omnyango ayeyizingalo eziyisihlanu ngalapha nezingalo eziyisihlanu ngalapha; walinganisa ubude balo: yizingalo ezingamashumi amane; nobubanzi balo: yizingalo ezingamashumi amabili.
3 Wayesengena phakathi, walinganisa izinsika zomnyango: yizingalo ezimbili; nomnyango: yizingalo eziyisithupha; nobubanzi bomnyango: yizingalo eziyisikhombisa.
4 Walinganisa ubude bokuphakathi: yizingalo ezingamashumi amabili; nobubanzi: yizingalo ezingamashumi amabili phambi kwethempeli; wathi kimi: “Lokhu kuyindawo engcwele kakhulu.”
5 Wayeselinganisa udonga lwendlu: yizingalo eziyisithupha; nobubanzi bamakamelo ezinhlangothi: yizingalo ezine nxazonke zendlu emaceleni onke.
6 Amakamelo ezinhlangothi ayemathathu elakanyene elinye phezu kwelinye, engamashumi amathathu ngomumo. Angena odongeni olwalungolwendlu lwamakamelo ezinhlangothi nxazonke ukuba abambelele kulo, angabambeleli odongeni lwendlu.
7 Amakamelo ezinhlangothi aba banzi ekukhuphukeni njalo nxazonke, ngokuba okuzungeza indlu kwakhuphuka njalo nxazonke zendlu; ngalokho indlu yaba banzi ekukhuphukeni njalo; kwakhushukwa ekamelweni eliphansi kwaze kwaba kweliphezulu ngeliphakathi.
8 Ngabona ukuthi indlu yayinendunduma nxazonke; izisekelo zamakamelo ezinhlangothi zaziluhlanga olupheleleyo lwezingalo eziyisithupha kuze kube sekuhlanganisweni phezulu.
9 Uhlonze lodonga olwalungolwamakamelo ezinhlangothi ngaphandle lwaluyizingalo eziyisihlanu; indawo eseleyo yayingeyamakamelo ezinhlangothi endlu.
10 Phakathi kwamakamelo kwakukhona ububanzi obuyizingalo ezingamashumi amabili nxazonke zendlu emaceleni onke.
11 Iminyango yamakamelo ezinhlangothi yayibheke endaweni eseleyo, omunye umnyango ngasenyakatho nomunye umnyango ngaseningizimu; ububanzi bendawo eseleyo babuyizingalo eziyisihlanu nxazonke.
12 Isakhiwo esasiphambi kwendawo eyahlukanisiweyo ngasentshonalanga, ububanzi baso babuyizingalo ezingamashumi ayisikhombisa; uhlonze lodonga lwendlu lwaluyizingalo eziyisihlanu nxazonke, nobude balo buyizingalo ezingamashumi ayisishiyagalolunye.
13 Wayeselinganisa indlu, ubude bayo buyizingalo eziyikhulu; indawo eyahlukanisiweyo nesakhiwo kanye nezindonga zaso, ubude bakho babuyizingalo eziyikhulu,
14 nobubanzi bobuso bendlu kanye nendawo eyahlukanisiweyo ngasempumalanga: yizingalo eziyikhulu.
15 Wayeselinganisa ubude besakhiwo phambi kwendawo eyahlukanisiweyo eyayisemva kwaso nemipheme yayo ngalapha nangalapha: yizingalo eziyikhulu, nethempeli elingaphakathi, nemipheme yegceke,
16 imibundu, namafasitele avaliweyo, nemipheme nxazonke eyelakanyene kathathu malungana nombundu, kwembeswe umuthi nxazonke, kusukela phansi kuze kube semafasiteleni; amafasitele ayemboziwe;
17 kuze kube phezu komnyango nasendlini engaphakathi, nangaphandle, nakulo lonke udonga nxazonke ngaphakathi nangaphandle kwakulinganisiwe,
18 kwenziwe ngamakherubi nangamasundu; isundu laliphakathi kwekherubi nekherubi, ikherubi lilinye linobuso obubili;
19 kwakungubuso bomuntu bubheke isundu ngalapha, nobuso bebhongo lengonyama bubheke isundu ngalapha; kwakwenziwe kanjalo kuyo yonke indlu nxazonke.
20 Kusukela phansi kuze kube phezu komnyango kwakwenziwe amakherubi namasundu, kanjalo nasodongeni lwethempeli.
21 Ithempeli-ke, izinsika zomnyango zazinezinhlangothi ezine, nobuso bendawo engcwelengcwele, isimo sabo sasinjengesimo sethempeli.
22 I-altare lalingumuthi, ukuphakama kwalo kuyizingalo ezintathu, nobude balo buyizingalo ezimbili; lalinamagumbi; ubude balo nezindonga zalo kwakungumuthi; wathi kimi: “Lokhu kuyitafula eliyakuba ngaphambi kukaJehova.”
23 Ithempeli nendawo engcwelengcwele kwakunezivalo ezimbili.
24 Izivalo zazinezicabha ezimbili, izicabha ezimbili eziphendukayo, ezimbili ngezesinye isivalo, nezicabha ezimbili ngezesinye.
25 Kwakwenziwe kuzo, ezivalweni zethempeli, amakherubi namasundu njengokwenziwe ezindongeni; kwakukhona isivikelo somuthi phezu kompheme ngaphandle.
26 Kwakukhona amafasitele avaliweyo namasundu ngalapha nangalapha emaceleni ompheme, nasemakamelweni ezinhlangothi zendlu, nasesivikelweni.