Hezekeli

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48

0:00
0:00

Isahluko 30

Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
2 “Ndodana yomuntu, profetha uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Hhewulani, nithi: “Wo ngalolo suku!”
3 Ngokuba usuku luseduze, usuku lukaJehova luseduze; luyakuba lusuku lwamafu nesikhathi sabezizwe.
4 Inkemba iyakulehlela iGibithe, kube yimihelo eKushe, lapho abagwaziweyo bewa eGibithe; bayakususa ingcebo yalo, kudilizwe izisekelo zalo.
5 IKushe, noPhuthi, noLude, nayo yonke ingxubevange yezizwe, neKhubi, nabamazwe ahlangeneyo bayakuwa nabo ngenkemba.
6 “ ‘Usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Nabo abaliphasa iGibithe bayakuwa, ukukhukhumala kwamandla alo kuyakwehla; kusukela eMigidoli kuze kube seSevene bayakuwa kulo ngenkemba, isho iNkosi uJehova.
7 “ ‘Bayakuchithakala phakathi kwamazwe achithekileyo, imizi yalo ibe phakathi kwemizi echithekileyo.
8 Bayakwazi ukuthi nginguJehova, lapho sengiphembe umlilo eGibithe, bachotshozwe bonke abasizi balo.
9 “ ‘Ngalolo suku kuyakuphuma izithunywa phambi kwami ngemikhumbi ukwesabisa amaKushe anokwethemba, kube yimihelo phezu kwawo ngosuku lweGibithe, ngokuba bheka, luyeza.
10 “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Ngiyakuqeda isixuku saseGibithe ngesandla sikaNebukadinesari, inkosi yaseBabele.
11 Yena nabantu bakhe kanye naye, abesabekayo bezizwe, bayakulethwa ukuba bachithe izwe, bahoshele iGibithe izinkemba zabo, bagcwalise izwe ngabagwaziweyo.
12 Ngiyakwenza imifula ishe, ngithengise ngezwe esandleni sababi, ngichithe izwe nokugcwala kwalo ngesandla sabafokazi; mina Jehova ngikukhulumile.
13 “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Ngiyakuzichitha izithombe, ngiqede onkulunkulu eNofi; akusayikubakho sikhulu esivela ezweni laseGibithe, ngibeke ukwesaba ezweni laseGibithe.
14 Ngiyakwenza ize iPhatirosi, ngiphembe umlilo eSowani, ngenze ukwahlulela eNo.
15 Ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kweSini, inqaba yaseGibithe, nginqume isixuku saseNo.
16 Ngiyakuphemba umlilo eGibithe, iSini libe nemihelo emikhulu, iNo lifohlwe, iNofi lihlaselwe emini.
17 Izinsizwa zase-Aveni nasePhi Beseti ziyakuwa ngenkemba, imizi iye ekuthunjweni.
18 EThehafenehesi usuku luyakuba mnyama, lapho ngaphula khona amajoka aseGibithe, nokukhukhumala kwamandla kuyakuphela kulo; lona-ke, ifu liyakulisibekela, namadodakazi alo ayakuya ekuthunjweni.
19 Ngiyakwenza-ke izahlulelo eGibithe, bazi ukuthi nginguJehova.’ ”
20 Kwathi ngomnyaka weshumi nanye ngenyanga yokuqala ngolwesikhombisa lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi:
21 “Ndodana yomuntu, ngaphulile ingalo kaFaro inkosi yaseGibithe; bheka, ayiboshiwe ukuba kuthelwe imithi, kufakwe umzongolozelo wokubopha, ukuze iqiniselwe ukubamba inkemba.
22 Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngimelene noFaro inkosi yaseGibithe; ngiyakwaphula izingalo zakhe, eqinileyo neyaphukileyo, ngenze ukuba inkemba iwe esandleni sakhe.
23 Ngiyakubahlakazela abaseGibithe ezizweni, ngibasabalalisele emazweni.
24 Ngiyakuqinisa izingalo zenkosi yaseBabele, ngibeke inkemba yami esandleni sayo; kepha ngiyakwaphula izingalo zikaFaro, abubule phambi kwami ngokububula kogwaziweyo.
25 Yebo, ngiyakuqinisa izingalo zenkosi yaseBabele, izingalo zikaFaro ziwe, bazi ukuthi nginguJehova, lapho ngibeka inkemba yami esandleni senkosi yaseBabele; yona iyakuyelula phezu kwezwe laseGibithe.
26 Ngiyakubahlakazela abaseGibithe ezizweni, ngibasabalalisele emazweni, bazi ukuthi nginguJehova.”