Hezekeli

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48

0:00
0:00

Isahluko 19

“Phakamisa wena isililo ngezikhulu zakwa-Israyeli, uthi:
2 “ ‘Unyoko wayeyingonyamakazi enjani phakathi kwezingonyama! Yabuthisa phakathi kwamabhongo, yondla amawundlu ayo.
3 Yakhulisa elinye lamawundlu ayo, laba yibhongo; lafunda ukubamba impango, ladla abantu.
4 Izizwe zezwa ngalo, labanjwa emgodini wazo; zaliyisa ngezingwegwe ezweni laseGibithe.
5 “ ‘Nxa isilindile, yabona ukuthi ithemba layo liphelile; yathatha elinye lamawundlu ayo, yalenza ibhongo.
6 Lahambahamba phakathi kwezingonyama, liyibhongo; lafunda ukubamba impango, ladla abantu.
7 Labhidliza izinqaba zabo, lachitha imizi yabo, izwe lachitheka nokugcwala kwalo ngomsindo wokubhonga kwalo.
8 Izizwe zase zilihlelela nxazonke, zivela emazweni, zeneka phezu kwalo inetha, labanjwa emgodini wazo.
9 Zalifaka endlwaneni evaliweyo ngezingwegwe, zaliyisa enkosini yaseBabele, zalingenisa ezinqabeni ukuba izwi lalo lingabe lisezwakala ezintabeni zakwa-Israyeli.
10 “ ‘Unyoko wayenjengomvini, usahlezi ngokuthula, utshalwe ngasemanzini; wawunezithelo namahlumela ngenxa yamanzi amaningi.
11 Wawunezingatsha ezinamandla ezaba yizintonga zababusayo; isiqu sawo sasiphakeme phakathi kwamaqabunga amaningi, waze wabonakala phezulu phakathi kwamahlumela awo amaningi.
12 Kepha wasishulwa ngokufutheka, waphonselwa phansi, umoya wasempumalanga womisa izithelo zawo; isiqu sawo esiqinileyo saphulwa, sabuna, umlilo wasiqeda.
13 Manje usutshaliwe ehlane ezweni elishileyo nelomileyo.
14 Umlilo uphumile esiqwini sawo, wadla amagatsha awo nezithelo zawo, kwaze kwangabe kusaba khona kuwo igatsha eliqinileyo, nantonga yokubusa.’ Lokhu kuyisililo; makube yisililo.”