Hezekeli

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48

0:00
0:00

Isahluko 37

Isandla sikaJehova sasiphezu kwami, sangikhipha ngoMoya kaJehova, sangibeka phakathi kwesigodi; sasigcwele amathambo.
2 Wangidlulisa kuwo, ngawazungeza; bheka, ayemaningi kakhulu ebusweni besigodi, futhi bheka, ayomile kakhulu.
3 Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, lawa mathambo angaphila na?” Ngathi: “Nkosi Jehova, wena uyazi.”
4 Wayesethi kimi: “Profetha phezu kwalawa mathambo, uthi kuwo: ‘Nina mathambo omileyo, zwanini izwi likaJehova.
5 Isho kanje iNkosi uJehova kulawa mathambo, ithi: Bhekani, ngiyakungenisa kini umoya, niphile.
6 Ngiyakubeka imisipha phezu kwenu, ngihlumise inyama phezu kwenu, nginimboze ngesikhumba, nginike umoya, niphile, nazi ukuthi nginguJehova.’ ”
7 Ngaprofetha njengalokho ngiyaliwe, nalapho ngiprofetha kwaba khona umsindo nokugunquza; amathambo asondelana, ithambo kulo ithambo.
8 Ngase ngibona; bheka, kwakukhona imisipha phezu kwawo, kwahluma nenyama, nesikhumba sawasibekela ngaphezulu, kepha umoya wawungekho kuwo.
9 Wayesethi kimi: “Profetha kuwo umoya, profetha, ndodana yomuntu, uthi kuwo umoya: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Woza, moya, uvele emimoyeni yomine, uphefumulele laba ababuleweyo ukuba baphile.’ ”
10 Ngaprofetha njengalokho ngiyaliwe; umoya wangena kuwo, aphila, ema ngezinyawo zawo, impi enkulu kakhulu impela.
11 Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, lawa mathambo ayindlu yonke yakwa-Israyeli; bathi: ‘Bheka, amathambo ethu omile, ithemba lethu liphelile, sinqunyiwe.’
12 Ngalokho profetha, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuvula amathuna enu, nginikhuphule emathuneni enu nina bantu bami, nginiyise ezweni lakwa-Israyeli.
13 Niyakwazi ukuthi nginguJehova, lapho sengiwavulile amathuna enu, nganikhuphula emathuneni enu nina bantu bami.
14 Ngiyakuwufaka uMoya wami kini, nize niphile, nginibeke ezweni lakini, nazi ukuthi mina Jehova ngikhulumile, ngakwenza, usho uJehova.’ ”
15 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
16 “Wena ndodana yomuntu, zithathele induku, ulobe kuyo ngokuthi: ‘EkaJuda neyabantwana bakwa-Israyeli, abangane bakhe.’ Thatha enye induku, ulobe kuyo ngokuthi: ‘EkaJosefa, induku ka-Efrayimi neyendlu yonke yakwa-Israyeli, abangane bakhe,’
17 uzisondeze enye kwenye, zibe yinduku inye, zibe nye esandleni sakho.
18 “Lapho abantu bakho bekhuluma kuwe, bathi: ‘Ungesitshele ukuthi lezi ziyini kuwe na?’
19 khuluma kubo, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuyithatha induku kaJosefa esesandleni sika-Efrayimi nezizwe zakwa-Israyeli, abangane bakhe, ngiyibeke endukwini kaJuda, ngizenze zibe yinduku inye, babe munye esandleni sami.’
20 Izinduku oloba kuzo ziyakuba sesandleni sakho phambi kwamehlo abo.
21 Khuluma kubo, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuthabatha abantwana bakwa-Israyeli ezizweni lapho baya khona, ngibabuthe nxazonke, ngibayise ezweni lakubo,
22 ngibenze isizwe sinye ezweni, ezintabeni zakwa-Israyeli, kube yinkosi inye kubo bonke, bangabe besaba yizizwe ezimbili, bangabe besahlukaniselwa imibuso emibili.
23 Abasayikuzingcolisa ngezithombe zabo, nangokuzondekayo kwabo, nangesisodwa seziphambeko zabo, kepha ngiyakubasindisa kukho konke ukuhlehla kwabo abone ngakho, ngibahlambulule, baze babe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo.
24 “ ‘Inceku yami uDavide iyakuba yinkosi phezu kwabo, kube ngumalusi munye kubo bonke; bayakuhamba ezahlulelweni zami, bagcine izimiso zami, bazenze.
25 Bayakuhlala ezweni engilinike inceku yami uJakobe, ababehlala kulo oyihlo; bayakuhlala kulo, bona nabantwana babo, nabantwana babantwana babo kuze kube phakade, uDavide inceku yami abe yisikhulu sabo kuze kube phakade.
26 Ngiyakwenza isivumelwano sokuthula nabo, sibe yisivumelwano esiphakade nabo; ngiyakubamisa, ngibandise, ngibeke indlu yami engcwele phakathi kwabo kuze kube phakade.
27 Itabernakele lami liyakuba phezu kwabo; ngiyakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.
28 Izizwe ziyakwazi ukuthi mina Jehova ngiyangcwelisa u-Israyeli, lapho indlu yami engcwele ikhona phakathi kwabo kuze kube phakade.’ ”