IzAga

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31

0:00
0:00

Isahluko 7

Ndodana yami, gcina amazwi ami, uzibekelele imiyalo yami.
2 Gcina imiyalo yami, uphile, nomthetho wami njengenhlamvu yeso lakho.
3 Yibophe eminweni yakho, uyilobe esibhebheni senhliziyo yakho.
4 Yisho kukho ukuhlakanipha: “Ungudadewethu,” ubize ukuqonda ngokuthi owazana nawe,
5 ukuze bakugcine kowesifazane ondindayo, kumfokazi owenza bushelezi amazwi akhe.
6 Ngokuba efasiteleni lendlu yami ngalunguza eheleni lami,
7 ngabheka phakathi kwabangenalwazi, ngabona phakathi kwabasha insizwa engenakuqonda,
8 edlula esitaladini eduze negumbi lakhe. iya endleleni yendlu yakhe,
9 sekuhwelela kusihlwa, esigayegayeni sobusuku nobumnyama.
10 Bheka, isihlangabezwa ngowesifazane; izingubo zakhe zingezesifebe, enobuqili enhliziyweni.
11 Uyanyakaza engenakuthula; izinyawo zakhe azihlali endlini yakhe;
12 manje usemigwaqweni, nangu usezigcawini, uqamekela emagumbini onke.
13 Useyayibamba, uyayanga; uthwala amehlo, uthi kuyo:
14 “Imihlatshelo yeminikelo yokuthula yayingifanele; namuhla sengigcwalisile izithembiso zami.
15 Ngalokho ngiphumile ukukuhlangabeza ukuba ngifunisise ubuso bakho; sengikutholile.
16 Ngendlele umbhede wami ngezindwangu zokumboza, nelineni elinemishwe laseGibithe.
17 Ngifafazile umbhede wami ngemure, nangomhlaba, nangokinamona.
18 Woza sizanelise ngothando kuze kuse, sijabule ngokuthandana.
19 Ngokuba indoda yami ayikho ekhaya; ihambile uhambo olude;
20 yaphatha isikhwama semali ngesandla sayo; iyakubuyela ekhaya ngosuku lokuhlangana kwenyanga.”
21 Uyamphambukisa ngamazwi akhe amaningi amahle; ngokuthopha kwezindebe zakhe uyamyenga.
22 Uyamlandela masinyane njengenkabi iya ekuhlatshweni nanjengamaketanga ehlela isiboshwa esiyisiwula,
23 umcibisholo uze uhlabe isibindi sakhe njengenyoni isheshela ogibeni, ingazi ukuthi lubekelwe ukuphila kwayo.
24 Ngalokho, bantwana, ngizweni, nilalele amazwi omlomo wami.
25 Inhliziyo yakho mayingaphambukeli ezindleleni zakhe, ungahambi emikhondweni yakhe.
26 Ngokuba uwisile phansi abaningi abalimeleyo; ababuleweyo bakhe bayisixuku esikhulu.
27 Indlu yakhe iyindlela eya endawemi yabafileyo, yehlela emakamelweni okufa.