IzAga

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31

0:00
0:00

Isahluko 17

Umthamo owomileyo kanye nokuthula ungcono kunendlu egcwele okuhlatshiweyo kanye nokuxabana.
2 Inceku eqondileyo iyabusa phezu kwendodana ehlazisayo; iyakudla ifa phakathi kwezelamani.
3 Ukhamba lokuncibilikisela lungolwesiliva, nesithando ngesegolide, kepha ovivinya izinhliziyo nguJehova.
4 Owenza okubi uqaphela izindebe zokona, nomqambimanga ubeka indlebe olimini olubi.
5 Oklolodela ompofu usola uMenzi wakhe, nothokoza ngengozi akayikuyekwa.
6 Abantwana babantwana bangumqhele wabadala, nodumo lwabantwana lungoyise.
7 Izindebe ezinobungcweti azifanele isiwula; kakhulu kangakanani umlomo wamanga isikhulu.
8 Isipho sinjengetshe elinqabileyo emehlweni omninilo: noma ebhekaphi, uyaphumelela.
9 Osibekela isiphambeko ufuna uthando, kepha onokondisa indaba wahlukanisa abahlobo.
10 Insolo ingena koqondileyo kunemivimbo eyikhulu koyisiwula.
11 Omubi ufuna ukuhlubuka kuphela; ngalokho kuyakuthunyelwa kuye isithunywa esinonya.
12 Umuntu makahlangane nebhere elaphuciwe amawundlu alo kunesiwula ebuwuleni baso.
13 Ophindisela okuhle ngokubi, ububi abuyikusuka endlini yakhe.
14 Ukuqala kokuxabana kunjengokuvula amanzi; ngalokho yeka inkani, ingakashisi.
15 Othetha omubi nolahla olungileyo bayisinengiso kuJehova bobabili.
16 Yini ukuba kube yimali esandleni sesiwula ukuthenga ukuhlakanipha, kungekho ukuqonda, na?
17 Umngane uthanda ngezikhathi zonke, nomzalwane uzalwa ekuhluphekeni.
18 Umuntu oswela ingqondo unikana nomunye izandla, abe yisibambiso phambi komakhelwane wakhe.
19 Othanda ukuxabana uthanda isiphambeko; owenza umnyango wakhe ukuba uphakame ufuna ukubhujiswa.
20 Onenhliziyo ephambeneyo akafumani okuhle; onolimi oluyisigwegwe uwela engozini.
21 Ozala isiwula kulusizi kuye; uyise wesiwula akathokozi.
22 Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle, kepha umoya owaphukileyo uyomisa amathambo.
23 Omubi uyamukela umvuzo okhishwa esifubeni ukuba aphambukise izindlela zokwahlulela.
24 Ukuhlakanipha kuphambi koqondileyo, kepha amehlo esiwula asemikhawulweni yomhlaba.
25 Indodana eyisiwula ilusizi kuyise nokubaba kowayizalayo.
26 Ukuhlawulisa olungileyo akukuhle, nokushaya abaqotho akulungile.
27 Obamba amazwi akhe unokwazi; onomoya opholileyo ungumuntu oqondileyo.
28 Nesiwula lapho sithule kuthiwa isihlakaniphi; ovala umlomo wakhe ungoqondileyo.