IzAga

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31

0:00
0:00

Isahluko 13

Indodana ehlakaniphileyo iyalaywa nguyise, kepha isideleli asilaleli ukukhuzwa.
2 Umuntu uyadla okuhle ngesithelo somlomo wakhe, kepha umphefumulo wabambuluzayo uyadla ubudlwangudlwangu.
3 Olinda umlomo wakhe ugcina ukuphila kwakhe; okhamisa izindebe zakhe uyakuba nencithakalo.
4 Umphefumulo wevila uyafisa, ungatholi lutho, kepha imiphefumulo yabakhutheleyo iyakhuluphaliswa.
5 Olungileyo uyazonda amazwi amanga, kepha omubi ubanga amahloni, ahlazise.
6 Ukulunga kuyamlondoloza ondlela yakhe iphelele, kepha ububi buyachitha isoni.
7 Kukhona ozishaya ocebileyo, engenalutho kodwa; kukhona ozishaya ompofu, enemfuyo enkulu.
8 Ihlawulo lokuphila komuntu liyingcebo yakhe, kepha ompofu akezwa ukukhuzwa.
9 Ukukhanya kwabalungileyo kuyathokoza, kepha izibani zababi ziyacimeka.
10 Ngokuziqhenya kuvela ukuxabana kuphela, kepha kwabalulekwayo kukhona ukuhlakanipha.
11 Imfuyo etholakala kalula iyancipha, kepha obutha kancane kancane uyandiselwa.
12 Ithemba elilitshazisiweyo ligulisa inhliziyo; isifiso esigcwalisiweyo singumuthi wokuphila.
13 Odelela izwi uzehlisela ukubhujiswa, kepha owesaba imiyalo uyakuvuzwa.
14 Ukufundisa kohlakaniphileyo kungumthombo wokuphila, ukuze kudedwe ezihibeni zokufa.
15 Ukuqonda kahle kuveza umusa, kepha indlela yabambuluzayo ilukhuni.
16 Bonke abaqondileyo basebenza ngokwazi, kepha isiwula sihlakaza ubuwula.
17 Isithunywa esibi siwela ebubini, kepha isigijimi esithembekileyo siyimpiliso.
18 Ubumpofu nehlazo kukuye onqaba ukulaywa, kepha onaka ukusolwa uyadunyiswa.
19 Isifiso esigcwalisiweyo simnandi emphefumulweni, kepha ukudeda ebubini kuyisinengiso kuzo iziwula.
20 Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.
21 Ububi bulandela izoni, kepha abalungileyo bavuzwa ngokuhle.
22 Olungileyo ushiyela abantwana babantwana bakhe ifa, kepha ingcebo yesoni ibekelelwa olungileyo.
23 Emqathweni wabampofu kukhona ukudla okuningi, kepha kukhona okuchithwa ngenxa yokungalungi.
24 Oyeka uswazi uyazonda indodana yakhe, kepha oyithandayo uyayilaya ngesineke.
25 Olungileyo uyadla uze usuthe umphefumulo wakhe, kepha isisu sababi siyaswela.