IzAga

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31

0:00
0:00

Isahluko 18

Ozahlukanisayo ufuna esakhe isifiso, uphika konke ukuhlakanipha.
2 Isiwula asithokozi ngokuqonda, kuphela ngokuveza okusenhliziyweni yakhe.
3 Lapho kufika omubi, kufika nokudelela; kanye nehlazo kukhona inhlamba.
4 Amazwi omlomo womuntu anjengamanzi ajulileyo, nomfula ogobhozayo, nomthombo wokuhlakanipha.
5 Ukukhetha ubuso bomubi ukuba olungileyo aphambukiswe ekwahlulelweni akukuhle.
6 Izindebe zesiwula ziletha ukuxabana, nomlomo waso ubiza imivimbo.
7 Umlomo wesiwula ungukubhujiswa kwaso, nezindebe zaso zilugibe lomphefumulo waso.
8 Amazwi omncethezi anjengezibiliboco; ayehlela kokuphakathi komuntu.
9 Ovilapha emsebenzini wakhe yena ungumfowabo wochithayo.
10 Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.
11 Imfuyo yesicebi ingumuzi waso onamandla; injengogange oluphakemeyo emicabangweni yaso.
12 Ngaphambi kokubhujiswa inhliziyo yomuntu iyaziqhenya; ukuthobeka kwandulela udumo.
13 Obuyisa izwi engakezwa, kungubuwula nehlazo kuye.
14 Umoya womuntu uyasekela ubuthakathaka bakhe, kepha ngubani ongathwala umoya owaphukileyo na?
15 Inhliziyo yoqondileyo iyazuza ukwazi, nezindlebe zabalungileyo ziyafuna ukwazi.
16 Isipho somuntu siyamenzela indawo, simholele kwabakhulu.
17 Ongowokuqala ecaleni lakhe usengathi ulungile, kepha umakhelwane wakhe ufika, amphenye.
18 Inkatho iyaqeda ukuxabana, yahlukanise phakathi kwabanamandla.
19 Umzalwane owoniweyo ulukhuni kunomuzi onamandla, nokuxabana kunjengemigoqo yenqaba.
20 Isisu somuntu siyasutha ngesithelo somlomo wakhe, saneliswe ngokuthela kwezindebe zakhe.
21 Ukufa nokuphila kusemandleni olimi, nabaluthandayo bayakudla izithelo zalo.
22 Ofumana umfazi uthola okuhle; uzuzile isisa kuJehova.
23 Ompofu ukhuluma ngokuncenga, kepha isicebi siphendula kalukhuni.
24 Umuntu wabangane uyazilimaza, kepha kukhona abangane ababambelela kuneselamani.