IzAga

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31

0:00
0:00

Isahluko 10

Nazi izaga zikaSolomoni: Indodana ehlakaniphileyo ithokozisa uyise, kepha indodana eyisiwula ilusizi kunina.
2 Ingcebo yobubi ayisizi lutho, kepha ukulunga kophula ekufeni.
3 UJehova akavumi ukuba olungileyo alambe, kepha isifiso somubi uyasihlohloloza.
4 Isandla esinobudenge siveza ubumpofu, kepha isandla sokukhuthala siyacebisa.
5 Obutha ehlobo uyindodana ehlakaniphileyo; olele ubuthongo ngesikhathi sokuvuna uyindodana ehlazisayo.
6 Izibusiso zisekhanda lolungileyo, kepha umlomo wababi uyafihla ubudlwangudlwangu.
7 Ukukhunjulwa kolungileyo kubusisekile, kepha igama lababi liyabola.
8 Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakwamukela imiyalo, kepha isiwula esiphoshozayo siyakuwiswa.
9 Ohamba ngobuqotho uhamba ngokulondeka, kepha ohlanekezela izindlela zakhe uyakwaziwa.
10 Oqwayiza iso ubanga usizi, kepha osola ubuso nobuso uveza ukuthula.
11 Umlomo wolungileyo ungumthombo wokuphila, kepha umlomo wababi ufihla ubudlwangudlwangu.
12 Inzondo iyabanga ukuxabana, kepha uthando luyasibekela iziphambeko zonke.
13 Ezindebeni zoqondileyo kufunyanwa ukuhlakanipha, kepha uswazi lungolomhlane wongenangqondo.
14 Abahlakaniphileyo bayabekelela ukwazi, kepha umlomo wesiwula uyincithakalo eseduze.
15 Imfuyo yesicebi ingumuzi waso onamandla; incithakalo yabampofu ingubumpofu babo.
16 Umsebenzi wolungileyo ungowokuphila; inzuzo yababi ingeyokona.
17 Onaka ukulaywa usendleleni yokuphila, kepha owenqaba ukusolwa uyaduka.
18 Ofihla inzondo unezindebe zamanga; ophumisa inhlebo uyisiwula.
19 Lapho amazwi emaningi khona, akuphuthi ukuphambeka; obamba umlomo wakhe uhlakaniphile.
20 Ulimi lolungileyo luyisiliva elikhethekileyo; ingqondo yababi iyinto encane.
21 Izindebe zolungileyo ziyondla abaningi, kepha iziwula ziyafa ngokuswela ingqondo.
22 Isibusiso sikaJehova siyacebisa; akenezeli usizi kuso.
23 Ukwenza okubi kunjengokudlala kuso isiwula; kunjalo ukuhlakanipha kumuntu onengqondo.
24 Akwesabayo omubi kuyamehlela, nabakufisayo abalungileyo bayakuphiwa.
25 Lapho sidlula isivunguvungu, akasekho omubi, kepha olungileyo uyisisekelo esingunaphakade.
26 Njengoviniga emazinyweni nomusi emehlweni, linjalo ivila kwabalithumileyo.
27 Ukumesaba uJehova kuyandisa izinsuku, kepha iminyaka yababi iyancishiswa.
28 Ithemba labalungileyo liyakuba yintokozo, kepha abakwethembayo ababi kuyakubhubha.
29 Indlela kaJehova iyinqaba kopheleleyo, kepha incithakalo ikubenzi bokona.
30 Olungileyo akayikunyakaziswa kuze kube phakade, kepha ababi abayikuhlala ezweni.
31 Umlomo wolungileyo uyathela ukuhlakanipha, kepha ulimi oluphambeneyo luyakunqunywa.
32 Izindebe zolungileyo ziyakwazi okuhle, kepha umlomo wababi okuphambeneyo.