1 Korinte

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16

0:00
0:00

Isahluko 6

Ukhona yini umuntu kini, uma enendaba nomunye, onesibindi sokumangala kwabangalungile, kungabi kwabangcwele, na?
2 Anazi yini ukuthi abangcwele bayakwahlulela izwe na? Kepha uma izwe lahlulelwa yinina, anifanele ukunquma namacala amancane na?
3 Anazi yini ukuthi siyakwahlulela izingelosi na? Kakhulu-ke okwalokhu kuphila.
4 Ngakho-ke uma ninamacala alokhu kuphila, niyababeka yini abangenasithunzi ebandleni babe ngabahluleli na?
5 Ngisho lokhu ukuba nibe namahloni. Kunjalo kanti: akukho namunye phakathi kwenu ohlakaniphileyo onganquma phakathi kwabazalwane bakhe na?
6 Kodwa umzalwane umangalela umzalwane, nalokhu akwenze phambi kwabangakholwayo na?
7 Nempela nakalokhu sekuyisici esikini ukuba nimangalelane. Yini ukuba ningavumi nakanye ukoniwa? Yini ukuba ningavumi nakanye ukuphangwa na?
8 Kepha nina uqobo niyona, niyaphanga; nikwenza lokhu nakubazalwane benu.
9 Kepha kanazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningadukiswa. Nazifebe, nabakhonza isithombe, naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo,
10 namasela, nabahahayo, nazidakwa, nazithuki, nabaphangi abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.
11 Babenjalo abanye kini, kepha senahlanzwa, senangcweliswa, senalungisiswa ngegama leNkosi uJesu Kristu nangoMoya kaNkulunkulu wethu.
12 Konke kuvunyelwe kimi, kepha akusizi konke. Konke kuvunyelwe kimi, kepha mina anginakubuswa lutho.
13 Ukudla kungokwesisu, nesisu singesokudla; kepha uNkulunkulu uyakuqeda kokubili. Kepha umzimba asiwo owobufebe, ungoweNkosi, neNkosi ingeyomzimba;
14 kepha uNkulunkulu wayivusa iNkosi, nathi uyakusivusa ngamandla akhe.
15 Anazi yini ukuthi imizimba yenu iyizitho zikaKristu na? Pho, ngithathe izitho zikaKristu, ngizenze izitho zesifebe na? Qha nakanye.
16 Kepha anazi yini ukuthi ohlangana nesifebe ungumzimba munye naso na? Ngokuba uthi yena: “Labo ababili bayakuba nyamanye.”
17 Kepha ohlangene neNkosi ungumoya munye nayo.
18 Balekelani ubufebe. Zonke izono azenzayo umuntu zingaphandle komzimba; kepha owenza ubufebe wona owakhe umzimba.
19 Kepha anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na?
20 Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke mbongeni uNkulunkulu emzimbeni wenu.