1 Korinte

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16

0:00
0:00

Isahluko 5

Kuyezwakala ngempela ukuthi kukhona ubufebe phakathi kwenu, futhi ubufebe bohlobo olungekho ngisho nakwabezizwe, okungukuthi omunye kini uya kumkayise.
2 Kepha nina nikhukhumele kunokuba nga nilila, ukuze akhishwe phakathi kwenu owenze leso senzo.
3 Ngokuba mina ngokwami, noma ngingekho ngomzimba, nokho ngikhona ngomoya, senginqumile ngokungathi ngikhona ngalowo muntu owenze okunjalo ukuba
4 egameni leNkosi uJesu nihlangane nina nomoya wami kanye namandla eNkosi yethu uJesu,
5 onjalo anikelwe kuSathane kukho ukubhubha kwenyama, ukuze umoya usindiswe ngosuku lweNkosi uJesu.
6 Akukuhle ukuzibonga kwenu. Anazi yini ukuthi imvubelo encane ibilisa inhlama yonke na?
7 Khiphani imvubelo endala ukuze nibe yinhlama entsha, njengalokhu ningabangenamvubelo. Ngokuba nelethu iphasika lihlatshiwe, elinguKristu.
8 Njalo-ke masigubhe umkhosi, kungabi ngemvubelo endala, kungabi ngemvubelo yokushinga neyobubi, kodwa kube ngesinkwa esingenamvubelo sobuqotho neseqiniso.
9 Nganilobela encwadini yami ukuba ningahlangani nezifebe;
10 angisho izifebe zalo mhlaba, nokuba abahahayo nabaphangi, nokuba abakhonza izithombe, ngokuba phela ngabe nimelwe ukuphuma ezweni;
11 kepha manje nganilobela ukuba ningahlangani nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane, uma eyisifebe, noma engohahayo, noma engokhonza izithombe, noma eyisithuki, noma eyisidakwa, noma engumphangi; ningaze nadla nokudla nonjalo.
12 Ngokuba nginandabani nokwahlulela abangaphandle na? Nani anahluleli abangaphakathi na?
13 Kepha uNkulunkulu uyakwahlulela abangaphandle. Xoshani omubi phakathi kwenu.