1 Korinte

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16

0:00
0:00

Isahluko 16

Maqondana nomnikelo obuthelwa abangcwele, njengalokho ngayala amabandla aseGalathiya, yenzani kanjalo nani.
2 Ngosuku lokuqala lweviki akube yilowo nalowo azibekelele eqongelela njengenhlanhla yakhe, ukuze kuthi nxa ngifika, kungabi yikhathi kwenziwa umnikelo.
3 Ekufikeni kwami labo enibakhethayo ngizakubathuma, bephethe izincwadi, ukuba bayise izipho zenu zothando eJerusalema;
4 uma kufanele ukuba nami ngihambe, bayakuhamba kanye nami.
5 Kepha ngiyakuza kini, nxa sengidabulile iMakedoniya; ngokuba ngiyakudabula iMakedoniya;
6 kepha ngingahle ngihlale isikhathi kini, noma ngidlulise nobusika, ukuze ningiqhube lapho ngisuka ngiya khona.
7 Ngokuba angizukunibona manje nxa ngidlula; ngokuba ngithemba ukuhlala kini isikhathi, uma iNkosi ivuma.
8 Kepha ngizakuhlala e-Efesu, kuze kufike iPhentekoste;
9 ngokuba ngivulelwe umnyango omkhulu wethuba lokusebenza; nabamelene nami baningi.
10 Kepha nxa kufika uThimothewu, anobheka ukuba ahlale kini engenalo uvalo, ngokuba usebenza umsebenzi weNkosi njengami;
11 ngakho makungabikho omdelelayo. Nize nimphelekezele endleleni ngokuthula ukuba eze kimi, ngokuba ngimbhekile kanye nabazalwane.
12 Maqondana nomzalwane u-Apholo, ngamncenga kakhulu ukuba eze kini kanye nabazalwane; kepha kwakungesiyo intando yakhe neze ukuba eze manje; kodwa uyakuza nxa enethuba.
13 Lindani nigxile ekukholweni, nibe ngamadoda, nibe namandla.
14 Konke enikwenzayo akwenziwe ngothando.
15 Ngiyanincenga, bazalwane, niyayazi indlu kaStefana ukuthi ingulibo lwase-Akhaya nokuthi bazimisele ukukhonza abangcwele
16 ukuba nibathobele abanjalo nabo bonke abasebenzisana nabo bekhandleka.
17 Ngiyathokoza ngokufika kukaStefana noFortunatu no-Akhayiku, ngokuba bakufezile obekusilele ngakini.
18 Ngokuba bawuhlumelele umoya wami nowenu; ngakho baziseni abanjalo.
19 Amabandla ase-Asiya ayakhonza kini. O-Akwila noPriska bakhonza kakhulu kini eNkosini, kanye nebandla elisendlini yabo.
20 Abazalwane bonke bayakhonza kini. Bingelelanani ngokwanga okungcwele.
21 Nakhu ukukhonza kwami mina Pawulu ngesandla sami.
22 Uma umuntu engayithandi iNkosi, makabe ngoqalekisiweyo. Woza, Nkosi!
23 Umusa weNkosi uJesu mawube nani.
24 Uthando lwami alube nani nonke kuKristu Jesu.