1 Korinte

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16

0:00
0:00

Isahluko 3

Nami-ke, bazalwane, bengingenakukhuluma kini njengakwabomoya kepha njengakwabenyama, njengakwabayizingane kuKristu.
2 Nganiphuzisa ubisi, anganipha ukudla okuqinileyo, ngokuba beningakaqini. Yebo, nakalokhu anikaqini,
3 ngokuba niseyibo abenyama. Ngokuba uma kusekhona phakathi kwenu umhawu nokuphikisana, anisibo abenyama, anihambisi okwabantu na?
4 Ngokuba nxa omunye ethi: “Mina ngingokaPawulu,” omunye: “Mina ngingoka-Apholo,” anisibo abenyama na?
5 Pho, uyini u-Apholo? Uyini uPawulu na? Bayizikhonzi enakholwa ngazo, kwaba yilowo nalowo njengokupha kweNkosi.
6 Mina ngatshala, u-Apholo wanisela, kepha uNkulunkulu wakhulisa.
7 Njalo-ke notshalayo kalutho, noniselayo kalutho, kodwa uNkulunkulu okhulisayo.
8 Otshalayo noniselayo bakunye, kepha yilowo nalowo uyakwamukeliswa owakhe umvuzo ngokomsebenzi wakhe.
9 Ngokuba thina siyizisebenzi kanye noNkulunkulu, nina niyinsimu kaNkulunkulu, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.
10 Ngokomusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo, njengenyanga yokwakha ehlakaniphileyo ngabeka isisekelo, omunye wakha phezu kwaso. Kepha akube yilowo nalowo aqaphele ukuthi wakha kanjani phezu kwaso.
11 Ngokuba akakho ongabeka esinye isisekelo, kuphela leso esibekiweyo, esinguJesu Kristu.
12 Kepha uma umuntu akha phezu kwaleso sisekelo ngegolide, nesiliva, namatshe anenani, nemithi, notshani, nenhlanga,
13 umsebenzi walowo nalowo uyakuvela obala; ngokuba usuku luyakuwudalula, lokhu kwambulwa ngomlilo, nokuthi umsebenzi walowo nalowo unjani, umlilo uqobo uyakukuvivinya lokho.
14 Uma umsebenzi womuntu awakhileyo kuso umi, uyakwamukela umvuzo;
15 uma umsebenzi womuntu usha, uyakulahlekelwa yiwo; kepha yena uqobo uyakusindiswa, nokho kube kungathi uphuma emlilweni.
16 Anazi yini ukuthi niyithempeli likaNkulunkulu nokuthi uMoya kaNkulunkulu uhlala kini na?
17 Uma umuntu echitha ithempeli likaNkulunkulu, uNkulunkulu uyakumchitha yena, ngokuba ithempeli likaNkulunkulu lingcwele; niyilo-ke nina.
18 Makungabikho ozikhohlisayo; uma umuntu phakathi kwenu ethi uhlakaniphile kulesi sikhathi, akabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe.
19 Ngokuba ukuhlakanipha kwaleli zwe kungubuwula kuNkulunkulu. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ubamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo,”
20 nokuthi: “INkosi iyazazi izizindlo zabahlakaniphileyo ukuthi ziyize.”
21 Ngakho-ke akungabikho ozibongayo ngabantu, ngokuba konke kungokwenu,
22 noma uPawulu, noma u-Apholo, noma uKhefase, noma izwe, noma ukuphila, noma ukufa, noma okukhona, noma okuzakuba khona; konke kungokwenu;
23 nina-ke ningabakaKristu, uKristu ungokaNkulunkulu.