1 Korinte

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16

0:00
0:00

Isahluko 10

Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningazi ukuthi okhokho bethu bonke babephansi kwefu, bonke badabula ulwandle;
2 bonke baphapathizwa kuMose efwini naselwandle;
3 bonke badla kudla kunye komoya;
4 bonke baphuza kuphuza kunye komoya; ngokuba baphuza edwaleni lomoya elabalandelayo. Idwala lelo lalinguKristu.
5 Kepha iningi labo uNkulunkulu wayengathokozi ngabo; ngokuba bashaywa phansi ehlane.
6 Kepha lokho kwaba yizibonelo kithi, size singafisi okubi, njengalokho bona babekufisa.
7 Futhi ningabi ngabakhonza izithombe njengabanye kubo, njengokulotshiweyo ukuthi: “Abantu bahlala phansi ukuba badle, baphuze, basukuma ukuba badlale.”
8 Futhi asingenzi ubufebe njengokuba abanye kubo benza ubufebe, bafa ngalusuku lunye abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu.
9 Futhi asingayilingi iNkosi njengabanye kubo bayilinga, babhujiswa yizinyoka.
10 Futhi ningakhononi njengabanye kubo bakhonona, babhujiswa ngumbulali.
11 Kepha lezo zinto zabehlela bona kube yisibonelo; kulotshelwe ukusiyala thina, osekufikile kithi ukugcina kwezikhathi.
12 Ngakho-ke osuka ethi umi, akaqaphele ukuba angawi.
13 Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe namandla okukuthwala.
14 Ngalokho-ke, bathandwa bami, kubalekeleni ukukhonza izithombe.
15 Ngikhuluma njengakwabahlakaniphileyo; qondani engikushoyo.
16 Isitsha sesibusiso esisibusisayo asiyiyo inhlanganyelo yegazi likaKristu na? Isinkwa esisihlephulayo asiyiyo inhlanganyelo yomzimba kaKristu na?
17 Ngokuba isinkwa sisinye, thina esibaningi singumzimba munye, lokhu thina sonke sihlanganyela leso sinkwa sinye.
18 Bhekani u-Israyeli ngokwenyama. Abadla imihlatshelo abasibo abahlanganyela ne-altare na?
19 Ngakho ngithini pho? Ngithi okuhlatshelwe isithombe kuyinto na? nokuthi isithombe siyinto na?
20 Kodwa ngithi: Lokho okuhlatshwa ngabezizwe bakuhlabela amademoni, kabakuhlabeli uNkulunkulu. Kepha angithandi ukuba nibe nenhlanganyelo namademoni.
21 Ningesiphuze isitsha seNkosi kanye nesitsha samademoni; ningelihlanganyele itafula leNkosi kanye netafula lamademoni.
22 Kumbe siyayivusela iNkosi ulaka na? Kanti sinamandla kunayo na?
23 Kuvunyelwe konke, kodwa akusizi konke; kuvunyelwe konke, kodwa akwakhi konke.
24 Akungabikho ozifunela okwakhe, kodwa akube yilowo nalowo afunele omunye.
25 Konke okuthengiswa esilaheni kudleni, ningahloli lutho ngenxa kanembeza,
26 ngokuba umhlaba ungoweNkosi, nakho konke okukuwo.
27 Uma omunye kwabangakholwayo enimema, nithanda ukuya, kudleni konke okubekwa phambi kwenu, ningabuzi lutho ngenxa kanembeza.
28 Kepha uma umuntu ethi kini: “Lokhu kuhlatshelwe izithombe,” ningakudli ngenxa yalowo okushiloyo nangenxa kanembeza,
29 kangisho owakho unembeza, ngisho owalowo omunye. Ngokuba yini ukuba inkululeko yami yahlulwe ngunembeza womunye na?
30 Uma ngidla ngokubonga, ngihlanjalazelwani ngalokho engikubongayo na?
31 Ngakho-ke noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.
32 Ningakhubekisi nabaJuda, namaGreki, nabandla likaNkulunkulu,
33 njengokuba nami ngithokozisa bonke ngakho konke, ngingafuni okungisiza mina kodwa okusiza abaningi, ukuze basindiswe.