Numeri

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36

0:00
0:00

Isahluko 35

UJehova wakhuluma kuMose emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko, wathi:
2 “Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba banike amaLevi kulo izwe eliyifa labo imizi ukuba ahlale kuyo; niyakunika amaLevi namadlelo emizi nxazonke.
3 Imizi ayakuhlala kuyo, amadlelo awo abe ngawezinkomo zawo, nawempahla yawo, nawezilwane zonke zawo.
4 “Amadlelo emizi eniyakunika wona amaLevi ayakusuka ogangeni lomuzi izingalo eziyinkulungwane nxazonke.
5 Niyakulinganisa ngaphandle komuzi izingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngasempumalanga, nezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngaseningizimu, nezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngasentshonalanga, nezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngasenyakatho, umuzi ube phakathi. Lokho kuyakuba ngamadlelo emizi yawo.
6 “Imizi eniyakuyinika amaLevi iyakuba yimizi eyisithupha yokuphephela, eniyakuyinika umbulali ukuba abalekele kuyo; ngaphandle kwayo niyakuwanika imizi engamashumi amane nambili.
7 Yonke imizi eniyakuyinika amaLevi iyakuba ngamashumi amane nesishiyagalombili, yona kanye namadlelo ayo.
8 Mayelana nemizi eniyakuyinika nithathe kulo izwe labantwana bakwa-Israyeli, kwabaningi nithathe eminingi, kwabayingcosana nithathe eyingcosana, yilowo nalowo anike amaLevi ngokuthatha kuyo imizi yakhe njengefa lakhe alidlayo.”
9 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
10 “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa niwela iJordani ningena ezweni laseKhanani,
11 niyakumisela imizi ibe yimizi yokuphephela ukuba umbulali obulala umuntu kungengamabomu abalekele khona.
12 Iyakuba yimizi yenu yokuphepha kumphindiseli, ukuze umbulali angafi engakemi phambi kwenhlangano, ahlulelwe.
13 Imizi eniyakuwanika yona iyakuba yimizi yenu eyisithupha yokuphephela.
14 Niyakunikela imizi emithathu ngaphesheya kweJordani, ninikele imizi emithathu ezweni laseKhanani ibe yimizi yokuphephela.
15 Kubantwana bakwa-Israyeli, nakumfokazi, nakogogobeleyo phakathi kwabo lemizi iyakuba ngeyokuphephela ukuba yilowo nalowo obulala umuntu kungengamabomu abalekele khona.
16 “ ‘Kepha uma umuntu eshaya omunye ngento yensimbi aze afe, ungumbulali; umbulali wobulawa nokubulawa.
17 Uma emshaya ngetshe elisesandleni sakhe, umuntu angafa ngalo, aze afe, ungumbulali; umbulali wobulawa nokubulawa.
18 Uma emshaya ngesikhali somuthi esisesandleni sakhe, umuntu angafa ngaso, aze afe, ungumbulali; umbulali wobulawa nokubulawa.
19 Umphindiseli wegazi uyakumbulala umbulali uqobo lwakhe; lapho ehlangana naye, uyakumbulala.
20 Uma emgqula ngenzondo noma emphonsa emqamekele aze afe,
21 noma emshaya ngesandla sakhe ngobutha aze afe, omshayileyo wobulawa nokubulawa; ungumbulali; umphindiseli wegazi uyakumbulala umbulali, lapho ehlangana naye.
22 “ ‘Kepha uma emgqula engazelele kungengabutha, noma emphonsa ngento engamqamekelanga,
23 noma ngetshe umuntu angafa ngalo, engamboni, amphonse ngalo aze afe, engeyiso isitha sakhe, ebengafuni futhi ukumona,
24 khona inhlangano iyakwahlulela phakathi koshayileyo nomphindiseli wegazi ngokwalezi zahlulelo;
25 inhlangano imophule umbulali esandleni somphindiseli wegazi, inhlangano imbuyisele emzini wakhe wokuphephela lapho ebebalekele khona, ahlale kuwo aze afe umpristi omkhulu owayegcotshiwe ngamafutha angcwele.
26 “ ‘Kepha uma umbulali edlula ngesikhathi esithile umkhawulo womuzi wakhe wokuphephela lapho ebalekele khona,
27 umphindiseli wegazi emfica ngaphandle komkhawulo womuzi wakhe wokuphephela, umphindiseli wegazi embulala umbulali, akayikuba nacala legazi,
28 ngokuba nga ehlalile emzini wakhe wokuphephela waze wafa umpristi omkhulu; kepha emva kokufa kompristi omkhulu umbulali uyakubuyela ezweni eliyifa lakhe.
29 “ ‘Lezi zinto ziyakuba yisimiso sesahlulelo kini ezizukulwaneni zenu kuzo zonke izindlu zenu.
30 “ ‘Noma ubani obulala umuntu, umbulali uyakubulawa ngemilomo yawofakazi; kepha ufakazi oyedwa akayikufakazela muntu aze afe.
31 “ ‘Futhi aniyikuthatha ihlawulo lokuphila kombulali onecala lokubulala, kodwa wobulawa nokubulawa.
32 “ ‘Aniyikuthatha ihlawulo lobalekele emzini wakhe wokuphephela ukuba abuye ahlale ezweni, engakafi umpristi.
33 “ ‘Aniyikungcolisa izwe enikulo, ngokuba igazi liyalingcolisa izwe; alikho ihlawulo lezwe ngegazi elichithakele kulo, kuphela ngegazi lolichithile.
34 Aniyikungcolisa izwe enakhe kulo, ngokuba mina Jehova ngihlala phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.’ ”