Numeri

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36

0:00
0:00

Isahluko 17

UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2 “Khuluma kubantwana bakwa-Israyeli, uthabathe kubo izintonga, ibe nye kuleyo naleyo ndlu kayise, kuzo zonke izikhulu njengezindlu zawoyise, izintonga eziyishumi nambili; loba wena igama lalowo nalowo muntu entongeni yakhe.
3 Uyakuloba igama lika-Aroni entongeni kaLevi, ngokuba kuyakuba yintonga inye kuleyo naleyo nhloko yezindlu zawoyise.
4 Uyakuzibekela etendeni lokuhlangana ngaphambi kobufakazi, lapho ngihlangana khona nawe.
5 Kuyakuthi umuntu engiyakumkhetha, intonga yakhe ihlume, ngenze ukuba kuphele ngakimi ukukhonona kwabantwana bakwa-Israyeli abakhonona ngakho ngani.”
6 UMose wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli, zonke izikhulu zamnika izintonga ngayinye kuleso naleso sikhulu njengezindlu zawoyise, izintonga eziyishumi nambili.
7 UMose wazibeka izintonga phambi kukaJehova etendeni lobufakazi.
8 Kwathi ngolwangakusasa uMose wangena etendeni lobufakazi; bheka, intonga ka-Aroni yendlu kaLevi ibisihlumile, ivezile imiqumbe, iqhakazile izimbali, ithele ama-alimondi avuthiweyo.
9 UMose wakhiphela bonke abantwana bakwa-Israyeli zonke izintonga ngaphambi kukaJehova, babheka, yilowo nalowo wathatha intonga yakhe.
10 UJehova wathi kuMose: “Buyisa intonga ka-Aroni ngaphambi kobufakazi, igcinwe ibe luphawu kubahlubuki, ukuze uqede ukukhonona kwabo ngami ukuba bangafi.”
11 UMose wenze njalo; njengalokho uJehova emyalile, wenze njalo-ke.
12 Abantwana bakwa-Israyeli bakhuluma kuMose, bathi: “Bheka, siyaphela, siyashabalala, sishabalala sonke.
13 Bonke abasondelayo abasondela etabernakele likaJehova bayakufa; siyakuphela sonke na?”