Numeri

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36

0:00
0:00

Isahluko 12

OMiriyamu no-Aroni bakhuluma bemelene noMose ngenxa yowesifazane wakwaKushe amthathile; ngokube wayethathile owesifazane wakwaKushe.
2 Bathi: “Imbala uJehova ukhulumile kuMose kuphela na? Akakhulumanga nakithi na?” UJehova wakuzwa.
3 Kodwa lowo muntu uMose wayemnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.
4 UJehova wayesekhuluma ngokuzumayo kuMose naku-Aroni nakuMiriyamu, wathi: “Wozani nina nobathathu etendeni lokuhlangana.” Baphuma bobathathu.
5 UJehova wehla esensikeni yefu, wema ngasemnyango wetende, wabiza o-Aroni noMiriyamu; baphuma bobabili.
6 Wayesethi: “Yizwani manje amazwi ami: uma kukhona umprofethi phakathi kwenu, mina Jehova ngiyakuzibonakalisa kuye ngombono, ngikhulume kuye ngephupho.
7 Inceku yami uMose akanjalo; uthembekile endlini yami yonke;
8 ngiyakukhuluma naye umlomo nomlomo ngokusobala, kungabi ngamazwi ayimfumbe; isimo sikaJehova uyakusibona; anesabanga ngani ukukhuluma ngenceku yami uMose na?”
9 Intukuthelo kaJehova yabavuthela; wayesemuka.
10 Ifu lasuka phezu kwetende; bheka, uMiriyamu wayesenochoko, enjengeqhwa; u-Aroni wambheka uMiriyamu; bheka, wayenochoko.
11 U-Aroni wathi kuMose: “O nkosi, ake ungabeki isono phezu kwethu ngalokho esikwenzile ngobuwula, nangalokho esone ngakho.
12 Ake angabi njengofileyo, onyama yakhe idliwe inxenye, nxa ephuma esizalweni sikanina.”
13 UMose wakhala kuJehova, wathi: “O Nkulunkulu, mawumphulukise, ngiyakuncenga.”
14 UJehova wathi kuMose: “Uma uyise ebemkhafulele ebusweni, ubengebe namahloni izinsuku eziyisikhombisa na? Makavalelwe ngaphandle kwekamu izinsuku eziyisikhombisa; ngasemva kwalokho uyakubuye angeniswe.”
15 UMiriyamu wavalelwa ngaphandle kwekamu izinsuku eziyisikhombisa; abantu abahambanga, waze wabuyiswa uMiriyamu.
16 Ngasemuva abantu basuka eHaseroti, bamisa ehlane lasePharanu.