Numeri

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36

0:00
0:00

Isahluko 10

UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2 “Uzenzele amacilongo amabili esiliva, uwenze ngomsebenzi okhandiweyo, uwasebenzise ekubizeni inhlangano nasekusukeni kwamakamu.
3 Nxa bewabetha, yonke inhlangano iyakubuthana kuwe ngasemnyango wetende lokuhlangana.
4 Uma bebetha elilodwa, izikhulu, izinhloko zezinkulungwane zakwa-Israyeli, ziyakubuthana kuwe.
5 Nxa nihlaba umkhosi, amakamu asohlangothini lwasempumalanga ayakusuka.
6 Nanxa nihlaba umkhosi ngokwesibili, amakamu asohlangothini lwaseningizimu ayakusuka; bayakuhlaba umkhosi ekusukeni kwabo.
7 Kepha lapho liyakubuthwa ibandla, niyakubetha, ningahlabi umkhosi kodwa.
8 “Amadodana ka-Aroni, abapristi, ayakubetha amacilongo; kuyakuba kini isimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu.
9 Nxa niphuma impi ezweni lakini ukuyokulwa nesitha esinicindezelayo, khona niyakuhlaba umkhosi ngamacilongo, nikhumbuleke phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nisindiswe ezitheni zenu.
10 Nangezinsuku zokuthokoza kwenu, nangemikhosi emisiweyo, nasekwethwaseni kwenyanga niyakubetha amacilongo enu phezu kweminikelo yenu yokushiswa naphezu kwemihlatshelo yeminikelo yenu yokuthula, ibe yisikhumbuzo senu phambi kukaNkulunkulu wenu; nginguJehova uNkulunkulu wenu.”
11 Kwathi ngomnyaka wesibili ngenyanga yesibili ngolwamashumi amabili lwenyanga ifu lenyuswa etabernakele lobufakazi.
12 Abantwana bakwa-Israyeli basuka ehlane laseSinayi amabanga ngamabanga; ifu lema ehlane lasePharanu.
13 Ngokokuqala basuka ngokwesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose.
14 Kuqala lasuka ibhanela lekamu labantwana bakwaJuda ngamabandla abo; uNaheshoni indodana ka-Aminadaba wayephezu kwalelo bandla.
15 Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwa-Isakare kwakunguNethaneli indodana kaSuwari.
16 Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwaZebuloni kwakungu-Eliyabe indodana kaHeloni.
17 Itabernakele lasuswa; amadodana kaGereshoni namadodana kaMerari asuka elithwala itabernakele.
18 Lase lisuka ibhanela lekamu likaRubeni ngamabandla abo; phezu kwalelo bandla kwakungu-Elisuri indodana kaShedewuri.
19 Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwaSimeyoni kwakunguShelumiyeli indodana kaSurishadayi.
20 Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwaGadi kwakungu-Eliyasafa indodana kaDehuweli.
21 Kwase kusuka amaKohati ethwala izinto ezingcwele; itabernakele lamiswa, wona engakafiki.
22 Lase lisuka ibhanela lekamu labantwana bakwa-Efrayimi ngamabandla abo; phezu kwebandla lakhe kwakungu-Elishama indodana ka-Amihudi.
23 Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwaManase kwakunguGamaliyeli indodana kaPedasuri.
24 Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwaBenjamini kwakungu-Abidani indodana kaGideyoni.
25 Lase lisuka ibhanela lekamu labantwana bakwaDani elalisemva kwawo onke amakamu ngamabandla abo; phezu kwebandla lakhe kwakungu-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi.
26 Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwa-Asheri kwakunguPagiyeli indodana ka-Okirani.
27 Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwaNafetali kwakungu-Ahira indodana ka-Enani.
28 Abantwana bakwa-Israyeli bahamba ngokulandelana kanjalo ngamabandla abo; base besuka-ke.
29 UMose wathi kuHobabi indodana kaRehuweli wakwaMidiyani, umukhwe kaMose: “Siya endaweni ashilo ngayo uJehova, wathi: ‘Ngiyakuninika yona.’ Woza wena, uhambe nathi, siyakukwenzela okuhle, ngokuba uJehova ukhulumile okuhle ngo-Israyeli.”
30 Wathi kuye: “Angiyikuhamba; kepha ngiyakusuka, ngiye ezweni lakithi nasezihlotsheni zami.”
31 Kepha wathi: “Ake ungasishiyi; njengokuba uyazi ukuthi siyakumisa kanjani ehlane, uyakuba ngamehlo ethu.
32 Kuyakuthi uma uhamba nathi, yebo, kwenzeke ukuthi, noma yikuphi okuhle uJehova asenzela khona, khona lokho uyakukwenzela nawe.”
33 Basuka entabeni kaJehova, bahamba ibanga lezinsuku ezintathu; umphongolo wesivumelwano sikaJehova wahamba phambi kwabo ibanga lezinsuku ezintathu ukubafunela indawo yokuphumula.
34 Ifu likaJehova laliphezu kwabo emini, lapho besuka ekamu.
35 Kwathi ekusukeni komphongolo uMose washo wathi: “Vuka, Jehova; mazihlakazeke izitha zakho; abakuzondayo mababaleke ebusweni bakho.”
36 Ekumeni kwawo wathi: “Buyela, Jehova, emindenini eyizinkulungwane zakwa-Israyeli.”