Numeri

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36

0:00
0:00

Isahluko 34

UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2 “Yala abantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa nifika ezweni laseKhanani lokhu kuyizwe eliyakuba yifa lenu, izwe laseKhanani ngokwemikhawulo yalo —
3 uhlangothi lwaseningizimu luyakusuka ehlane laseSini, lugudle elakwa-Edomi, umkhawulo wenu waseningizimu usuke ekugcineni koLwandle Lukasawoti ngasempumalanga,
4 umkhawulo wenu ujike ngaseningizimu kokhalo lwe-Akarabimi, uze ufike eSini, uphume eningizimu kwaseKadeshi Barineya, uye eHasari Adari, uze ufike e-Asimoni,
5 umkhawulo ujike ngase-Asimoni, uye emfuleni waseGibithe, uphume elwandle.
6 “ ‘Umkhawulo wasentshonalanga uyakuba luLwandle Olukhulu, lona lube ngumkhawulo wenu wasentshonalanga.
7 “ ‘Lokhu kuyakuba ngumkhawulo wenu wasenyakatho: kusukela eLwandle Olukhulu anoziphawulela intaba yaseHori;
8 kusukela entabeni yaseHori anoziphawulela indlela eya eHamati, umkhawulo uphume eSedadi,
9 andukuba umkhawulo uye eZifroni, uphume eHasari Enani; lokho kuyakuba ngumkhawulo wenu wasenyakatho.
10 “ ‘Anoziphawulela umkhawulo wenu wasempumalanga, usukela eHasari Enani uze ufike eShefamu;
11 umkhawulo wehle eShefamu, uye eRibila ngasempumalanga kwase-Ayini, umkhawulo wehle njalo, uze ufinyelele emmangweni wangaselwandle lwaseKinereti ngasempumalanga,
12 umkhawulo wehlele eJordani, uphume ngaseLwandle Lukasawoti; lokho kuyakuba yizwe lakini ngokwemikhawulo yalo nxazonke.’ ”
13 UMose wayala abantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Lelo liyizwe eniyakulidla ngenkatho, uJehova ayale ngalo ukuba linikwe izizwe eziyisishiyagalolunye nenxenye,
14 ngokuba isizwe sabantwana bakwaRubeni njengezindlu zawoyise nesizwe sabantwana bakwaGadi njengezindlu zawoyise sezilitholile, nenxenye yesizwe sakwaManase isilitholile ifa layo;
15 lezi zizwe ezimbili nenxenye zathola ifa lazo ngaphesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga, lapho kuphuma khona ilanga.”
16 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
17 “Lawa angamagama amadoda ayakwahlukanisela izwe libe yifa lenu: u-Eleyazare umpristi noJoshuwa indodana kaNuni.
18 Niyakuthabatha isikhulu sibe sinye kuleso naleso sizwe ukwahlukanisa izwe libe yifa lenu.
19 “Yilawa-ke amagama amadoda: esizweni sakwaJuda: nguKalebi indodana kaJefune.
20 Esizweni sabantwana bakwaSimeyoni: nguShemuweli indodana ka-Amihudi.
21 Esizweni sakwaBenjamini: ngu-Elidadi indodana kaKisiloni.
22 Esizweni sabantwana bakwaDani: yisikhulu uBuki indodana kaJogili.
23 Kubantwana bakwaJosefa: esizweni sabantwana bakwaManase: yisikhulu uHaniyeli indodana ka-Efodi.
24 Esizweni sabantwana bakwa-Efrayimi: yisikhulu uKemuweli indodana kaShifethani.
25 Esizweni sabantwana bakwaZebuloni: yisikhulu u-Elisafani indodana kaParinaki.
26 Esizweni sabantwana bakwa-Isakare: yisikhulu uPalitiyeli indodana ka-Azani.
27 Esizweni sabantwana bakwa Asheri: yisikhulu u-Ahihudi indodana kaShelomi.
28 Esizweni sabantwana bakwaNafetali: yisikhulu uPedaheli indodana ka-Amihudi.”
29 Yilabo uJehova abayala ukwahlukanisela abantwana bakwa-Israyeli ifa ezweni laseKhanani.