Marku

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16

0:00
0:00

Isahluko 2

Wabuye wangena eKapernawume emva kwezinsuku ezithile; kwezwakala ukuthi usendlini.
2 Kwase kubuthana abaningi, akwabe kusabakho ndawo nangasemnyango; wakhuluma izwi kubo.
3 Beza kuye bethwele umuntu ofe uhlangothi, ephethwe ngabantu abane.
4 Bengenakusondela kuye ngenxa yesixuku baqaqa uphahla lapho ekhona, bathi sebebhobozile behlisa uhlaka alele kulo ofe uhlangothi.
5 UJesu ebona ukukholwa kwabo wathi kofe uhlangothi: “Ndodana, uthethelelwe izono zakho.”
6 Kepha kwakukhona ababhali abathile behlezi khona, bezindla ezinhliziyweni zabo ngokuthi:
7 “Lo ukhulumelani kanje na? Uyahlambalaza. Ngubani ongathethelela izono, kungeyena uNkulunkulu yedwa na?”
8 UJesu ekwazi masinyane emoyeni wakhe ukuthi bazindla kanjalo phakathi kwabo, wathi kubo: “Nizindlelani ngalokhu ezinhliziyweni zenu na?
9 Yikuphi okulula ukuthi kofe uhlangothi: ‘Uthethelelwe izono zakho,’ noma ukuthi: ‘Vuka, uthathe uhlaka lwakho, uhambe,’ na?
10 Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono” — wathi kofe uhlangothi —
11 “ngithi kuwe: Vuka, uthathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.”
12 Wayesevuka, wathatha masinyane uhlaka lwakhe, waphuma phambi kwabo bonke, baze bamangala bonke, bamdumisa uNkulunkulu, bathi: “Asizange sikubone okunje.”
13 Waphuma futhi, waya ngaselwandle; isixuku sonke sabantu seza kuye, wabafundisa.
14 Wathi edlula, wambona uLevi ka-Alfewu ehlezi endaweni yokuthela, wathi kuye: “Ngilandele.” Wasuka-ke, wamlandela.
15 Kwathi ehlezi ekudleni endlini yakhe, abathelisi abaningi nezoni bahlala noJesu nabafundi bakhe; ngokuba babe baningi, bamlandela.
16 Khona ababhali babaFarisi bembona edla nezoni nabathelisi bathi kubafundi bakhe: “Yini ukuba adle nabathelisi nezoni na?”
17 UJesu ekuzwa lokho wathi kubo: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa; kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni.”
18 Abafundi bakaJohane nabaFarisi babezila ukudla; beza bathi kuye: “Yini ukuba abafundi bakaJohane nabafundi babaFarisi bazile ukudla, kodwa abafundi bakho bangazili na?”
19 UJesu wathi kubo: “Abayeni bangazila yini, umyeni esenabo na? Bese naye umyeni bangezile.
20 Kodwa zizakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona-ke bezakuzila ngalolo suku.
21 Akakho othungela isiziba esingakashukeki engutsheni endala, funa okusha okubekelwayo kuklebhule kwendala, kwande ukuklebhuka.
22 Futhi akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa iwayini liqhumise izimvaba, lichitheke iwayini, nezimvaba zonakale; kodwa iwayini elisha lithelwa ezimvabeni ezintsha.”
23 Kwathi edabula amasimu ngesabatha, abafundi bakhe baqala ukukha izikhwebu behamba.
24 Base bethi kuye abaFarisi: “Bheka, bakwenzelani ngesabatha okungavunyelwe na?”
25 Wathi kubo: “Anizange nifunde yini akwenzayo uDavide mhla eswele, elambile yena nababe naye
26 ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu enkathini ka-Abiyathara umpristi omkhulu, wadla izinkwa zokubukwa ezingavunyelwe ukudliwa muntu, ngabapristi bodwa, wanika nababe naye, na?”
27 Wayesethi kubo: “Isabatha lenzelwa umuntu, umuntu akenzelwanga isabatha.
28 Ngokunjalo iNdodana yomuntu iyinkosi neyesabatha.”