Marku

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16

0:00
0:00

Isahluko 10

Wasuka lapho, weza emikhawulweni yaseJudiya nangaphesheya kweJordani; izixuku zabuye zabuthana kuye, waphinda wabafundisa abantu njengokujwayela kwakhe.
2 Kwase kusondela kuye abaFarisi, bambuza ukuthi kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo, bemlinga.
3 Waphendula, wathi kubo: “UMose waniyala ngokuthini na?”
4 Bathi: “UMose wavuma ukuba kulotshwe incwadi yesahlukaniso, alahlwe.”
5 UJesu wayesethi kubo: “Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu wanilobela lowo myalo.
6 Kepha kusukela ekuqaleni kokudalwa uNkulunkulu wabenza owesilisa nowesifazane.
7 Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe;
8 labo ababili bayakuba nyamanye; ngakho abasebabili, kepha sebenyamanye.
9 Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu makungahlukaniswa ngumuntu.”
10 Besendlini abafundi babuye bambuza ngalokho.
11 Wathi kubo: “Yilowo nalowo olahla umkakhe, aganwe ngomunye, uyaphinga kuye.
12 Naye, uma elahla indoda yakhe, agane enye, uyaphinga.”
13 Khona baletha kuye abantwanyana ukuba abaphathe; kepha abafundi babakhuza.
14 Kodwa uJesu ekubona wathukuthela, wathi kubo: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.
15 Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana kasoze angena kuwo.”
16 Wabagona, wababusisa ebeka izandla phezu kwabo.
17 Ekuphumeni kwakhe ukuya endleleni umuntu wagijimela kuye, waguqa ngamadolo phambi kwakhe, wambuza wathi: “Mfundisi omuhle, ngiyakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?”
18 Kepha uJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? Kakho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu.
19 Uyayazi imiyalelo ukuthi: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga, ungamamuki umuntu utho, yazisa uyihlo nonyoko.”
20 Kepha wathi kuye: “Mfundisi, konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami.”
21 UJesu wayesembheka, emthanda, wathi kuye: “Usasilalelwe into inye; hamba uthengise ngakho konke onakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.”
22 Kepha wanyukumala ngalelo zwi, wamuka edabukile, ngokuba wayenengcebo enkulu.
23 UJesu waqalaza, wathi kubafundi bakhe: “Kulukhuni kangakanani kwabanomnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu.”
24 Kepha abafundi bethuka ngamazwi akhe. UJesu wabuye waphendula, wathi kubo: “Bantwana, kulukhuni kangakanani kwabethemba umnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu.
25 Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.”
26 Bamangala kakhulu, bathi omunye komunye: “Pho, kungasindiswa bani na?”
27 UJesu ebabheka wathi: “Kubantu akunakwenzeka, kepha kuNkulunkulu akunjalo; ngokuba kuNkulunkulu kungenzeka konke.”
28 UPetru wathatha, wathi kuye: “Bheka, thina sishiye konke, sakulandela.”
29 UJesu wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Akukho muntu oshiye indlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma unina, noma uyise, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yami nangenxa yevangeli,
30 ongayikwamukeliswa ngekhulu: manje kulesi sikhathi izindlu, nabafowabo, nawodadewabo, nawonina, nabantwana, namazwe kanye nokuzingelwa, nasenkathini ezayo ukuphila okuphakade.
31 Kepha abaningi abokuqala bayakuba ngabokugcina, nabokugcina babe ngabokuqala.”
32 Babesendleleni bekhuphukela eJerusalema; uJesu wayehamba phambi kwabo; ababelandela babethukile, besaba. Wayesethatha futhi abayishumi nambili, waqala ukubatshela okuzakumehlela, ethi:
33 “Bhekani, sikhuphukela eJerusalema; iNdodana yomuntu izakukhashelwa kubapristi abakhulu nababhali; bazakuyinqumela ukuba ife, bayikhaphele kwabezizwe;
34 bazakuyiklolodela, bayikhafulele ngamathe, bayishaye, bayibulale; kepha emva kwezinsuku ezintathu izakuvuka.”
35 Kwase kusondela kuye oJakobe noJohane amadodana kaZebedewu, bathi kuye: “Mfundisi, siyathanda ukuba usenzele lokhu esizakukucela kuwe.”
36 Wathi kubo: “Nifuna ukuba nginenzeleni na?”
37 Bathi kuye: “Siphe ukuba sihlale, omunye ngakwesokunene sakho, omunye ngokwesokhohlo sakho enkazimulweni yakho.”
38 Kepha uJesu wathi kubo: “Anikwazi enikucelayo. Ningasiphuza yini isitsha engisiphuzayo mina, nibhapathizwe ngombhapathizo engibhapathizwa ngawo na?”
39 Bathi kuye: “Singakwenza.” UJesu wathi kubo: “Isitsha engisiphuzayo mina niyakusiphuza, nibhapathizwe ngombhapathizo engibhapathizwa ngawo mina;
40 kepha ukuhlala ngakwesokunene sami nangakwesokhohlo akusikho okwami ukuphana ngakho, kodwa kungokwalabo abakulungiselweyo.”
41 Bathi ukuzwa lokho abayishumi, baqala ukuthukuthelela oJakobe noJohane.
42 UJesu wayesebabiza, wathi kubo: “Niyazi ukuthi abathiwa babusa izizwe bazenza amakhosi phezu kwazo, nezikhulu zazo ziphethe amandla phezu kwazo.
43 Kepha akunjalo phakathi kwenu, kodwa yilowo nalowo ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu makabe yisikhonzi senu,
44 nalowo ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu makabe yinceku yabo bonke.
45 Ngokuba nayo iNdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”
46 Khona bafika eJeriko. Kwathi esaphuma eJeriko nabafundi bakhe nesixuku esikhulu, indodana kaThimewu uBartimewu, isinxibi esiyimpumputhe, wayehlezi ngasendleleni.
47 Wathi ukuba ezwe ukuthi nguJesu waseNazaretha, waqala ukumemeza ethi: “Jesu, Ndodana kaDavide, ngihawukele!”
48 Abaningi bamkhuza, bathi kathule; kepha kwayikhona wamemeza kakhulu, ethi: “Ndodana kaDavide, ngihawukele!”
49 Wayesema uJesu, wathi: “Mbizeni.” Bayibiza impumputhe, bathi kuyo: “Yima isibindi, usukume; uyakubiza.”
50 Yayisilahla ingubo yayo, yagxuma, yaya kuJesu.
51 UJesu washo kuyo, wathi: “Ufuna ukuba ngikwenzeleni na?” Impumputhe yathi kuye: “Rabuni, ukuba ngibone.”
52 UJesu wathi kuyo: “Hamba-ke; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Yayisibona khona lapho, yamlandela endleleni.