Marku

Isahluko: 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16

0:00
0:00

Isahluko 1

Ukuqala kwevangeli likaJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu.
2 Njengokulotshwe kumprofethi u-Isaya ukuthi: “Bheka, ngiyasithuma isithunywa sami phambi kwakho esiyakulungisa indlela yakho,” —
3 “izwi lomemezayo ehlane, lithi: ‘Lungisani indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde,’ ”
4 kwavela uJohane ebhapathiza ehlane, eshumayela umbhapathizo wokuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono.
5 Kwaphumela kuye izwe lonke laseJudiya nabo bonke abaseJerusalema, babhapathizwa nguye emfuleni iJordani, bevuma izono zabo.
6 UJohane wayembethe eyoboya bekamela, enoqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe, edla izinkumbi nezinyosi zasendle.
7 Washumayela wathi: “Emva kwami kuyeza onamandla kunami, engingafanele ukuba ngikhothame ngithukulule umchilo wezicathulo zakhe.
8 Mina nginibhapathize ngamanzi, kepha yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele.”
9 Kwathi ngaleyo mihla kwafika uJesu evela eNazaretha laseGalile, wabhapathizwa nguJohane eJordani.
10 Wanele ukukhuphuka emanzini, wabona izulu livuleka, noMoya ehlela phezu kwakhe njengejuba.
11 Kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe.”
12 Masinyane uMoya wayesemqhubela ehlane.
13 Wayekhona ehlane izinsuku ezingamashumi amane elingwa nguSathane; wayendawonye nezilwane; izingelosi zamkhonza.
14 Emva kokuboshwa kukaJohane uJesu wafika eGalile eshumayela ivangeli likaNkulunkulu,
15 wathi: “Isikhathi sigcwalisekile, umbuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe yivangeli.”
16 Kwathi edlula ngaselwandle lwaseGalile, wabona oSimoni no-Andreya umfowabo kaSimoni bephonsa inetha elwandle, ngokuba babe ngabadobi.
17 UJesu wayesethi kubo: “Ngilandeleni; ngiyakunenza nibe ngabadobi babantu.”
18 Base bewashiya masinyane amanetha, bamlandela.
19 Eseqhubekile ingcosana wabona uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo besemkhunjini, belungisa amanetha.
20 Wababiza masinyane; base bemshiya uyise uZebedewu emkhunjini kanye nezisebenzi, bamlandela.
21 Bangena eKapernawume. Kwathi masinyane ngesabatha wangena esinagogeni, wafundisa.
22 Bamangala ngokufundisa kwakhe; ngokuba wabafundisa njengonamandla, kungenjengababhali.
23 Kwakukhona-ke esinagogeni umuntu onomoya ongcolileyo, wamemeza,
24 wathi: “Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuba ungubani — ungoNgcwele kaNkulunkulu.”
25 UJesu wamkhuza wathi: “Thula, uphume kuye!”
26 Umoya ongcolileyo wamhlukumeza, wakhala ngezwi elikhulu, waphuma kuye.
27 Bethuka bonke, babuzana bodwa, bathi: “Kuyini lokhu? Yisifundiso esisha esinamandla; nawomoya abangcolileyo uyabayala, bamlalele.”
28 Udumo lwakhe lwase lwanda masinyane kuso sonke isifunda saseGalile.
29 Sebephume esinagogeni bangena masinyane endlini kaSimoni no-Andreya, benoJakobe noJohane.
30 Umkhwekazi kaSimoni wayelele enomkhuhlane; bashesha bamtshela ngaye.
31 Waya kuye, wamlulamisa embamba ngesandla; umkhuhlane wamyeka, wabakhonza.
32 Kwathi ukuba kuhlwe, selishonile ilanga, baletha kuye bonke abagulayo nabakhwelwe ngamademoni.
33 Umuzi wonke wawubuthene ngasemnyango.
34 Waphulukisa abaningi abaphethwe yizifo ngezifo, wakhipha amademoni amaningi, wayengawavumeli amademoni ukukhuluma, ngokuba ayemazi.
35 Ekuseni kusemnyama kakhulu, wavuka waphuma, waya endaweni eyihlane, wakhuleka khona.
36 USimoni nababe naye bamlandela ngokuphuthuma.
37 Sebemfumene bathi kuye: “Bonke bayakufuna.”
38 Wathi kubo: “Masiye kwezinye izindawo emizaneni eseduze ukuba ngishumayele nakhona; ngokuba ngiphumele khona lokho.”
39 Wahamba eshumayela emasinagogeni abo kulo lonke iGalile, ekhipha amademoni.
40 Kwafika kuye onochoko, wamncenga eguqa ngamadolo, ethi kuye: “Uma uthanda, ungangihlambulula.”
41 UJesu wamhawukela, welula isandla, wamphatha, wathi kuye: “Ngiyathanda; hlambuluka.”
42 Lwasuka masinyane uchoko kuye, wahlambuluka.
43 Esemyalisisile washesha wammukisa,
44 wathi kuye: “Bheka, ungasho lutho kumuntu, kepha hamba uzibonakalise kumpristi, unikele ngokuhlanjululwa kwakho lokho okwayalelwa nguMose, kube ngubufakazi kubo.”
45 Kepha yena esephumile waqala ukuyandisa kakhulu nokuyidumisa le ndaba, ngangokuba uJesu wayengasenakungena emzini obala; wayesehlala ngaphandle ezindaweni eziyihlane; beza kuye bevela nxazonke.