Marku

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16

0:00
0:00

Isahluko 13

Kuthe ephuma ethempelini, omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Mfundisi, bheka amatshe anjani nezakhiwo ezinjani!”
2 UJesu wathi kuye: “Uyabona lezi zakhiwo ezinkulu na? Akuyikushiywa itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.”
3 Esahlezi eNtabeni Yeminqumo maqondana nethempeli, oPetru noJakobe noJohane no-Andreya bambuza bebodwa,
4 bathi: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakuba nini, nesibonakaliso siyakuba yini, lapho sekuyakufezeka konke lokhu, na?”
5 Khona uJesu waqala ukukhuluma kubo, ethi: “Qaphelani ningadukiswa muntu.
6 Kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: ‘Nginguye,’ badukise abaningi.
7 Nxa nizwa izimpi namahemuhemu ezimpi, ningethuki; kumelwe ukuba kwenzeke, kepha ukuphela koba kungakafiki.
8 Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso; kuyakuba khona ukuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo, kube khona indlala; lokhu kungukuqala kwemihelo.
9 “Kepha ziqapheleni nina. Bayakunikhaphela emiphakathini; niyakushaywa emasinagogeni; niyakumiswa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo.
10 Kepha ivangeli limelwe ukushunyayelwa kuqala ezizweni zonke.
11 Uma beniqhuba, benikhaphela, ningakhathaleli ngaphambili eniyakukukhuluma, kodwa lokho eniyakukunikwa ngaleso sikhathi, kukhulumeni; ngokuba kakunina enikhulumayo kodwa nguMoya oNgcwele.
12 “Khona umuntu uyakukhaphela umfowabo ekufeni noyise umntanakhe, yebo, abantwana bayakuvukela abazali babo, bababulale.
13 Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami, kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.
14 “Kepha nxa nibona amanyala encithakalo emi lapho kungafanele khona — ofundayo makaqaphele — khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni,
15 ophezu kwendlu angehli, angangeni ukuyothatha utho endlini yakhe,
16 osensimini angabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe.
17 Kepha maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku!
18 Khulekani ukuba kungabi sebusika.
19 Ngokuba lezo zinsuku ziyakuba nosizi olungazange lube khona olunjalo kwasekuqaleni kokudalwa akudalayo uNkulunkulu kuze kube manje, nolungasayikuba khona.
20 Uma iNkosi ibingazifinyezi lezo zinsuku, bekungesindiswe muntu, kepha ngenxa yabakhethiweyo eyabakhetha yazifinyeza lezo zinsuku.
21 Khona-ke uma umuntu ethi kini: ‘Bhekani, nangu uKristu,’ noma: ‘Bhekani, nanguya,’ ningakholwa.
22 Ngokuba kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga, benze izibonakaliso nezimangaliso, ukuze badukise abakhethiweyo, uma kungenzeka.
23 Kepha qaphelani nina; senginitshele konke ngaphambili.
24 “Kodwa ngalezo zinsuku emva kwalolo sizi ilanga liyakufiphazwa, nenyanga ayiyikukhanya,
25 nezinkanyezi ziyakuwa ezulwini, namandla asezulwini ayakuzanyazanyiswa.
26 Khona-ke bayakubona iNdodana yomuntu iza emafwini, inamandla amakhulu nenkazimulo.
27 Lapho iyakuthuma izingelosi, iqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni womhlaba kuze kube semkhawulweni wezulu.
28 “Fundani umfanekiso emkhiwaneni; nxa igatsha lawo selithamba, lihlume amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze.
29 Kanjalo nani, nxa nibona lokhu kwenzeka, yazini ukuthi iseduze ngasemnyango.
30 Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula, kungakenzeki konke lokhu.
31 Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awayikudlula.
32 “Kepha lolo suku nalelo hora akakho owazi lutho ngalo, nazingelosi ezulwini, naNdodana, nguBaba kuphela.
33 Qaphelani, nilinde, ngokuba anisazi isikhathi ukuthi siyakuba nini.
34 Kunjengomuntu owahambela kwelinye izwe; washiya indlu yakhe, wanika izinceku zakhe amandla, yileyo naleyo wayinika umsebenzi wayo, wayala umlindisango ukuba alinde.
35 “Ngakho lindani, ngokuba anazi ukuthi inkosi yendlu iyakufika nini, noma ngokuhlwa, noma phakathi kobusuku, noma ngokukhala kwezinkuku, noma ekuseni,
36 funa ifike ngokuzuma, inifumane nilele.
37 Kepha lokhu engikusho kini ngikusho kubo bonke, ngithi: ‘Lindani.’ ”