EkaJakobe

Isahluko:1 2 3 4 5

0:00
0:00

Isahluko 4

Zivelaphi izimpi, nokulwa kuvelaphi phakathi kwenu na? Akuveli yini lapho ezinkanukweni zenu ezilwayo ezithweni zenu na?
2 Niyafisa, nokho aninalutho; niyabulala ninomhawu, nokho anizuzi lutho; niyalwa nenza impi. Aninalutho, ngokuba ningaceli;
3 niyacela, nokho anamukeliswa, ngokuba nicela kabi, ukuze nikuchithele ezinkanukweni zenu.
4 Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho lowo othanda ukuba ngumhlobo wezwe, umi eyisitha sikaNkulunkulu.
5 Niyacabanga yini ukuthi umbhalo usho ngeze ukuthi: “Umoya awuhlalisa kithi unxanela ngokomhawu,” na?
6 Kodwa unika umusa ngokwenezela; ngakho uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.”
7 Ngakho thobelani uNkulunkulu, kepha nimelane noSathane, khona uyakunibalekela;
8 sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina. Hlanzani izandla nina zoni, nihlambulule izinhliziyo nina bonhliziyombili.
9 Yibani lusizi, nidabuke, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukudabuka, nokujabula kube ngukujabha.
10 Zithobeni ebusweni beNkosi, khona iyakuniphakamisa.
11 Ningahlebani, bazalwane. Ohleba umzalwane, noma ahlulele umzalwane wakhe, uhleba umthetho, ahlulele umthetho; kepha uma wahlulela umthetho, awusiye owenza okomthetho kodwa ungumahluleli.
12 Munye ongummisimthetho nomahluleli; nguyena onamandla okusindisa nokubhubhisa; kepha ungubani wena omahlulelayo umakhelwane na?
13 Minani nina enithi: “Namuhla noma ngomuso siyakuya kulona noma kulowaya muzi, siqede khona umnyaka, sithengiselane, sizuze,”
14 anikwazi okwangomuso; kuyini ukuphila kwenu na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana, ibisinyamalala.
15 Nga nisho nithi: “Uma iNkosi ithanda, siphila, siyakwenza lokhu nalokho.”
16 Kepha manje niyazibonga ngokuzigabisa kwenu; konke ukuzigabisa okunjalo kubi.
17 Ngakho owaziyo ukwenza okuhle engakwenzi kuyisono kuye.