EkaJakobe

Isahluko:1 2 3 4 5

0:00
0:00

Isahluko 3

Ningabi ngabafundisi abaningi, bazalwane bami, nazi ukuthi siyakwamukeliswa ukwahlulelwa okukhulu.
2 Ngokuba sonke siyakhubeka ngokuningi; uma umuntu engakhubeki ngazwi, lowo uyindoda epheleleyo enamandla okubamba nomzimba wonke kungathi ngetomu.
3 Uma-ke sifaka amatomu emilonyeni yamahashi ukuba asilalele, siqondisa nomzimba wonke wawo.
4 Bhekani nemikhumbi, ingaka nje, iqhutshwa yimimoya enamandla, iqondiswa ngephini elincinyane, lapho umshayeli efuna ukuyiqondisa khona.
5 Lunjalo nolimi; luyisitho esincane, kanti luyazigabisa kakhulu. Bhekani umlilo omncane uvuthisa ihlathi elingaka;
6 nolimi lungumlilo, ulimi lumi luyizwe lokungalungi phakathi kwezitho zethu, lungcolisa umzimba wonke, luthungela ukuphila konke, luthungelwa yisihogo.
7 Ngokuba yonke imvelo yezilwane, neyezinyoni, neyezikhasayo, neyeziselwandle iyathanjiswa, yebo, yathanjiswa ngemvelo yabantu;
8 kepha ulimi akakho kubantu onamandla okuluthambisa; lungububi obuyaluzayo, lugcwele isihlungu esibulalayo.
9 Ngalo sibonga iNkosi uBaba, nangalo siqalekisa abantu abenziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu;
10 emlonyeni munye kuphuma ukubusisa nokuqalekisa. Akufanele, bazalwane bami, ukuba lokho kube kanjalo.
11 Umthombo uyakhipha yini amnandi nababayo emgodini munye na?
12 Umkhiwane, bazalwane bami, ungaba namandla yini okuthela izithelo zomnqumo, noma umvini amakhiwane na? Amanzi kasawoti angeveze amnandi.
13 Ngubani ohlakaniphileyo nowaziyo phakathi kwenu na? Makakhombise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha.
14 Kepha uma ninomhawu obabayo nombango ezinhliziyweni zenu, ningazibongi, ningaliqambeli iqiniso.
15 Lokhu kuhlakanipha akusikho okwaphezulu kodwa kungokomhlaba, kungokwemvelo, kungokwamademoni;
16 ngokuba lapho kukhona umhawu nombango, kukhona isiyaluyalu nezenzo zonke ezimbi.
17 Kepha ukuhlakanipha okwaphezulu okokuqala kumhlophe, andukuba kube nokuthula, nokuva, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle; akunakungabaza, akunakuzenzisa.
18 Kepha isithelo sokulunga sihlwanyelwa ngokuthula kubo abakwenzayo ukuthula.