EkaJakobe

Isahluko: 1 2 3 4 5

0:00
0:00

Isahluko 1

UJakobe, inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Kristu, uyakhonza kuzo izizwe eziyishumi nambili ezihlakazekileyo.
2 Bazalwane bami, nxa nehlelwa yizilingo ngezilingo, anothi kungukuthokoza kodwa,
3 nazi ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukukhuthazela.
4 Kepha ukukhuthazela makube nomsebenzi opheleleyo, ukuze nibe ngabapheleleyo nabangenacala abangasweli lutho.
5 Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa.
6 Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya.
7 Ngakho makangasho lowo muntu ukuthi uyakwamukeliswa utho yiNkosi,
8 umuntu onhliziyombili oguquguqukayo ezindleleni zakhe zonke.
9 Umzalwane ophansi makazincome ngokuphakama kwakhe,
10 kepha oyisicebi makazincome ngobuphansi bakhe, ngokuba njengembali yotshani uyakudlula.
11 Ngokuba ilanga liphuma libalele, libunisa utshani, imbali yabo iwele phansi, nobuhle besimo sabo bunyamalale; kanjalo nesicebi siyakudlula ezindleleni zaso.
12 Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.
13 Umuntu oyengwayo makangasho ukuthi: “Ngiyengwa nguNkulunkulu,” ngokuba uNkulunkulu angeyengwe ngokubi, naye uqobo akayengi muntu.
14 Kepha yilowo nalowo uyengwa ehuhwa ngezakhe izinkanuko, ehungwa;
15 uma inkanuko isithathile, ibeletha isono; nesono sesiphelelisiwe, sizala ukufa.
16 Ningadukiswa, bazalwane bami abathandekayo.
17 Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.
18 Ngokuthanda kwakhe wasizala ngezwi leqiniso, ukuze sibe ngabokuqala bezidalwa zakhe.
19 Niyakwazi lokho, bazalwane bami abathandekayo. Yilowo nalowo muntu makasheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze ukuthukuthela;
20 ngokuba ulaka lomuntu alusebenzi ukulunga kukaNkulunkulu.
21 Ngakho lahlani yonke insila nokubi okuvamileyo, namukele ngomoya omnene izwi elitshaliweyo elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.
22 Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa.
23 Ngokuba uma umuntu engolizwayo izwi engesiye olenzayo, lowo ufana nomuntu obuka ubuso bakhe bemvelo esibukweni;
24 ngokuba uyazibuka, amuke, akhohlwe masinyane ukuthi wayengonjani.
25 Kepha obukisisa emthethweni opheleleyo wenkululeko nohlala kuwo, engesiye ozwayo nje akhohlwe, kodwa engowenzayo asebenze, lowo uzakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.
26 Uma umuntu esho ukuthi uyikholwa, engabophi ulimi lwakhe kungathi ngetomu kodwa ekhohlisa inhliziyo yakhe, ukukhonza kwalowo kuyize.
27 Ukukhonza okumhlophe okungenabala phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo nokuzigcina kungabi yicala lokwezwe.