Mathewu

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28

0:00
0:00

Isahluko 4

Khona uJesu waholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane.
2 Esezilile ukudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, wagcina walamba.
3 Kwafika umlingi, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho ukuba lawa matshe abe yizinkwa.”
4 Kepha waphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.’ ”
5 Khona uSathane wamthatha, wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli,
6 wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi; ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, zikuthwale ngezandla, ungaze waqhuzuka etsheni ngonyawo lwakho.’ ”
7 UJesu wathi kuye: “Kulotshiwe futhi ukuthi: ‘Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.’ ”
8 USathane wabuye wamyisa entabeni ende kakhulu, wamkhombisa imibuso yonke yezwe nenkazimulo yayo;
9 wathi kuye: “Konke lokhu ngizakukunika khona, uma uziwisa phansi, ukhuleke kimi.”
10 Khona uJesu wathi kuye: “Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.’ ”
11 USathane wayesemshiya; bheka, kwafika izingelosi, zamkhonza.
12 Kuthe esezwile ukuthi uJohane uboshiwe, wamuka waya eGalile.
13 Wasuka eNazaretha, weza wahlala eKapernawume elingaselwandle emikhawulweni yakwaZabuloni neyakwaNafetali
14 ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi:
15 “Izwe lakwaZabuloni nezwe lakwaNafetali ngaselwandle ngaphesheya kweJordani, iGalile labezizwe,
16 isizwe esasihlezi ebumnyameni sibonile ukukhanya okukhulu, nababehlezi ezweni nasethunzini lokufa kuphumele kubo ukukhanya.”
17 Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokusho ukuthi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.”
18 UJesu ehamba ngaselwandle lwaseGalile wabona izelamani ezimbili, uSimoni othiwa uPetru no-Andreya umfowabo, bephonsa inetha elwandle; ngokuba babe ngabadobi.
19 Wayesethi kubo: “Ngilandeleni; ngiyakunenza nibe ngabadobi babantu.”
20 Base bewashiya masinyane amanetha, bamlandela.
21 Esedlulela phambili wabona ezinye izelamani ezimbili, uJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo, besemkhunjini kanye noZebedewu uyise, belungisa amanetha abo; wababiza.
22 Base beshiya masinyane umkhumbi noyise, bamlandela.
23 UJesu walihamba lonke elaseGalile efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke.
24 Udumo lwakhe lwezwakala ezweni lonke laseSiriya; baletha kuye bonke abagulayo abaphethwe yizifo ngezifo nobuhlungu, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi, wabaphulukisa.
25 Izixuku eziningi zamlandela zivela eGalile, naseDekapholi, naseJerusalema, naseJudiya, nangaphesheya kweJordani.