Mathewu

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28

0:00
0:00

Isahluko 24

Kuthe uJesu ephuma ethempelini, emuka, kwasondela abafundi bakhe ukumtshengisa izakhiwo zethempeli.
2 Waphendula, wathi kubo:Anikuboni konke lokhu na? Ngiqinisile ngithi kini: Akuyikushiywa lapha itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.
3 Esahlezi eNtabeni Yeminqumo, abafundi beza kuye bebodwa, bathi: Sitshele ukuthi lokhu kuyakuba nini, nesibonakaliso sokuza kwakho nesokuphela kwezwe siyakuba yini na?
4 UJesu waphendula, wathi kubo: Qaphelani ningadukiswa muntu.
5 Ngokuba kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: Mina nginguKristu, badukise abaningi.
6 Niyakuzwa izimpi namahemuhemu ezimpi. Bhekani ningethuki, ngokuba kumelwe ukuba kwenzeke, kepha ukuphela koba kungakafiki.
7 Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube khona indlala nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo.
8 Kepha konke lokho kungukuqala kwemihelo.
9 Lapho-ke bayakunikhaphela osizini, banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.
10 Khona-ke abaningi bayakukhubeka, bakhaphelane, bazondane.
11 Kuyakuvela abaprofethi bamanga abaningi, badukise abaningi.
12 Ngenxa yokwanda kokubi kuzakuphola uthando lwabaningi.
13 Kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.
14 Leli vangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.
15 Ngakho-ke nxa nibona amanyala encithakalo ashiwo nguDaniyeli umprofethi emi endaweni engcwele ofundayo makaqaphele
16 khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni,
17 ophezu kwendlu angehli ukuyothatha okusendlini yakhe,
18 osensimini angabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe.
19 Kepha maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku!
20 Khulekani ukuba ukubaleka kwenu kungabi sebusika nangesabatha.
21 Ngokuba lapho kuyakuba khona usizi olukhulu olungazange lube khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube manje nolungasayikuba khona.
22 Uma lezo zinsuku zingafinyezwanga, bekungesindiswe muntu; kepha ngenxa yabakhethiweyo lezo zinsuku ziyakufinyezwa.
23 Khona uma umuntu ethi kini: Bhekani, nangu uKristu, noma: Nanguya, ningakholwa.
24 Ngokuba kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso, ukuze kudukiswe nabakhethiweyo, uma kungenzeka.
25 Bhekani, senginitshelile ngaphambili.
26 Ngakho-ke uma bethi kini: Bhekani, usehlane, ningaphumi; noma bethi: Bhekani, usendlini, ningakholwa;
27 ngokuba njengonyazi luphuma empumalanga, lubonakale kuze kube sentshonalanga, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu.
28 Nomaphi lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona.
29 Kepha masinyane emva kosizi lwalezo zinsuku ilanga liyakufiphazwa, nenyanga ayiyikukhanya, nezinkanyezi ziyakuwa ezulwini, namandla ezulu ayakuzanyazanyiswa.
30 Khona kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu, bese zikhala izizwe zonke zomhlaba, zibone iNdodana yomuntu iza emafwini ezulu, inamandla nenkazimulo enkulu.
31 Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye.
32 Fundani umfanekiso emkhiwaneni; nxa igatsha lawo selithamba, lihlume amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze.
33 Kanjalo nani, nxa nibona konke lokhu, yazini ukuthi iseduze ngasemnyango.
34 Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula kungakenzeki konke lokhu.
35 Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.
36 Kepha lolo suku nalelo hora akakho owazi lutho ngalo nazingelosi zasezulwini, naNdodana, nguBaba kuphela.
37 Ngokuba njengasemihleni kaNowa, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu.
38 Ngokuba njengasezinsukwini lezo ezandulela uzamcolo babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini,
39 abazanga kwaze kwafika uzamcolo wabakhukhula bonke, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu.
40 Khona-ke kuyakuba khona ababili ensimini, omunye athathwe, omunye ashiywe;
41 ababili boba besila etsheni, omunye athathwe, omunye ashiywe.
42 Ngakho-ke lindani, ngokuba anazi ukuthi iNkosi yenu iyakufika ngaluphi usuku.
43 Kepha anokwazi lokhu ukuthi, uma umninindlu ebewazi umlindo isela eliyakufika ngawo, ubeyakulinda, angavumi ukuba indlu yakhe ifohlwe.
44 Ngalokho nani hlalani nilungele, ngokuba iNdodana yomuntu iyakufika ngesikhathi eningasicabangiyo.
45 �Pho, ngubani oyinceku ethembekileyo neqondayo, inkosi yayo eyimisile phezu kwabendlu yayo ukuba ibanike ukudla ngesikhathi sakho na?
46 Ibusisiwe leyo nceku, okuyakuthi kufika inkosi yayo, iyifumane yenze njalo.
47 Ngiqinisile ngithi kini: Iyakuyimisa phezu kwakho konke enakho.
48 Kodwa uma leyo nceku embi ithi enhliziyweni yayo: Inkosi yami ilibele,
49 iqale ukushaya izinceku ezikanye nayo, idle, iphuze nezidakwa,
50 inkosi yaleyo nceku iyakufika ngosuku engayibhekile ngalo nangehora engalaziyo,
51 iyinqamule kabili, iyimisele isabelo sayo kanye nabazenzisi; kuyakuba khona lapho ukukhala nokugedla amazinyo.