Mathewu

Isahluko: 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28

0:00
0:00

Isahluko 1

Incwadi yokuzalwa kukaJesu Kristu, indodana kaDavide, indodana ka-Abrahama.
2 U-Abrahama wazala u-Isaka, u-Isaka wazala uJakobe, uJakobe wazala uJuda nabafowabo;
3 uJuda wazala oFaresi noZara kuTamari, uFaresi wazala u-Esiromu, u-Esiromu wazala u-Aramu;
4 u-Aramu wazala u-Aminadaba, u-Aminadaba wazala uNasoni, uNasoni wazala uSalimoni;
5 uSalimoni wazala uBowasi kuRakhabi, uBowasi wazala u-Obede kuRuthe, u-Obede wazala uJesayi;
6 uJesayi wazala uDavide, inkosi. UDavide wazala uSolomoni kumka-Uriya;
7 uSolomoni wazala uRobowamu, uRobowamu wazala u-Abiya, u-Abiya wazala u-Asafa;
8 u-Asafa wazala uJosafati, uJosafati wazala uJoramu, uJoramu wazala u-Oziya;
9 u-Oziya wazala uJothamu, uJothamu wazala u-Akazi, u-Akazi wazala uHezekiya;
10 uHezekiya wazala uManase, uManase wazala u-Amoni, u-Amoni wazala uJosiya;
11 uJosiya wazala uJekoniya nabafowabo ngesikhathi sokuthunjelwa eBabiloni.
12 Kwathi emva kokuthunjelwa eBabiloni uJekoniya wazala uSalatiyeli, uSalatiyeli wazala uZorobabeli;
13 uZorobabeli wazala u-Abiyudi, u-Abiyudi wazala u-Eliyakimi, u-Eliyakimi wazala u-Azori;
14 u-Azori wazala uSadoki, uSadoki wazala u-Akimi, u-Akimi wazala u-Eliyudi;
15 u-Eliyudi wazala u-Eleyazare, u-Eleyazare wazala uMathani, uMathani wazala uJakobe;
16 uJakobe wazala uJosefa, indoda kaMariya, azalwa nguye uJesu othiwa uKristu.
17 Zinjalo-ke izizukulwane zonke ezisukela ku-Abrahama ziye kuDavide, ziyizizukulwane eziyishumi nane; nezisukela kuDavide ziye ekuthunjelweni eBabiloni ziyizizukulwane eziyishumi nane; nezisukela ekuthunjelweni eBabiloni ziye kuKristu ziyizizukulwane eziyishumi nane.
18 Ukuzalwa kukaJesu Kristu kwaba nje: unina uMariya esemiselwe uJosefa, bengakahlangani wafunyanwa ekhulelwe ngoMoya oNgcwele.
19 Kepha uJosefa indoda yakhe engumuntu olungileyo, engathandi ukumthela ihlazo, wayefuna ukumlahla ngasese.
20 Esazindla ngalokho, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuye ngephupho, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya umkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungoMoya oNgcwele.
21 Uzakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo.”
22 Lokhu konke kwenzeka ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomprofethi ukuthi:
23 “Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama lokuthi u-Emanuweli,” okungukuthi ngokuhunyushwa “uNkulunkulu unathi”.
24 UJosefa esevukile ebuthongweni wenza njengalokho imyalile ingelosi yeNkosi, wamthatha umkakhe;
25 akaze aya kuye, waze wazibula ngendodana; wayiqamba igama lokuthi uJesu.