Hoseya

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14

0:00
0:00

Isahluko 7

“Lapho bengiyakumphulukisa u-Israyeli, bambulelwa ububi buka-Efrayimi nokubi kweSamariya, ngokuba benza inkohliso, amasela ayafohla, nabaphangi baphanga ngaphandle.
2 Abacabangi ezinhliziyweni zabo ukuthi ngiyakhumbula konke okubi kwabo; sebezungeziwe yizenzo zabo, ziphambi kobuso bami.
3 “Ngobubi babo bayathokozisa inkosi, nezikhulu ngamanga abo.
4 Bayiziphingi bonke; banjengeziko elishiswa ngumphekisinkwa oyeka ukukhwezela kusukela ekuxovweni kwenhlama kuze kube sekubileni kwayo.
5 Ngosuku lwenkosi yethu izikhulu zazigulisa ngokushisa kwewayini; yona yayiselulela izideleli isandla.
6 Lapho sebeshisile izinhliziyo zabo ngamacebo zibe njengeziko, umphekisinkwa wabo ulala ubusuku bonke; ekuseni liyavutha njengomlilo wamalangabi.
7 Bonke bashisa njengeziko, badla abahluleli babo; onke amakhosi abo ayawa, kungekho phakathi kwabo ongibizayo.
8 “U-Efrayimi uyazihlanganisa nabanye abantu: u-Efrayimi uyiqebelengwane elingaphendulwanga.
9 Abafokazi badlile amandla akhe, kepha yena akazi; izimvi zikhahlele kuye, kepha yena akazi.
10 Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe, nokho ababuyelanga kuJehova uNkulunkulu wabo, abamfunanga kukho konke lokhu.
11 “U-Efrayimi unjengejuba elidukiswayo lingenangqondo; bayabiza iGibithe, baya e-Asiriya.
12 Lapho sebehamba, ngiyabenekela inetha lami, ngibehlise njengezinyoni zezulu, ngibajezise njengokuzwakeleyo ebandleni labo.
13 Maye kubo, ngokuba bangibalekele! Makube ngukuchithwa kubo, ngokuba baphambukile kimi! Bengiyakubahlenga mina labo abakhulume amanga ngami na?
14 Abakhalanga kimi ngezinhliziyo zabo, kepha bahhewula emibhedeni yabo; banovalo ngamabele abo nangewayini labo, kepha mina bayangihlubuka.
15 Mina-ke ngafundisa, ngaqinisa izingalo zabo, nokho baceba okubi ngami.
16 Bayabuyela, kepha hhayi kongaPhezulu, bafana nomnsalo ogejayo; izikhulu ziyakuwa ngenkemba ngenxa yolaka lolimi lwabo. Lokhu kuyakuba yinhlekiso yabo ezweni laseGibithe.