Hoseya

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14

0:00
0:00

Isahluko 13

Lapho u-Efrayimi ekhuluma, kwavela ukuthuthumela; wayephakeme kwa-Israyeli, kepha wazitholela icala ngoBali, wafa.
2 Manje benezela ekoneni, bazenzele imifanekiso ebunjiweyo ngesiliva labo nezithombe ngokuqonda kwabo, zonke ziyimisebenzi yezinyanga; bakhuluma ngabo, bathi: “Bahlaba abantu, kepha banga amathole.”
3 Ngalokho bayakuba njengamafu okusa, nanjengamazolo amuka ekuseni, nanjengamakhoba aphephethwa esibuyeni nomusi ophuma ngefasitele.
4 “Nokho nginguJehova uNkulunkulu wakho kwasezweni laseGibithe; ngaphandle kwami awazi Nkulunkulu, nomsindisi akakho ngaphandle kwami.
5 Mina ngakwazi ehlane ezweni lokoma.
6 Basutha njengamadlelo abo; basutha, nenhliziyo yabo yaphakama; ngalokho bangikhohliwe.
7 Ngase ngiba njengengonyama kubo, ngiqamekela endleleni njengengwe.
8 Ngitheleka phezu kwabo njengebhere elaphuciwe amawundlu alo, ngidwengula ubhedu lwenhliziyo, ngibadle njengengonyamakazi, isilwane sasendle sibaqaqe.
9 “Ngukuchithwa kwakho, Israyeli, ngokuba uphambene nami, usizo lwakho.
10 Iphi inkosi yakho manje ukuba ikusindise emizini yakho yonke; nabahluleli bakho, wena owathi: ‘Ngiphe inkosi nezikhulu’?
11 Ngikunike inkosi ngentukuthelo yami, ngayisusa ngolaka lwami.
12 Ububi buka-Efrayimi buboshiwe, isono sakhe sibekelelwe.
13 Imihelo yobelethayo iyakumehlela; uyindodana engahlakaniphile, ngokuba kuyisikhathi sokuba angemi lapho kuqhamuka abantwana.
14 “Ngiyakubahlenga esandleni sendawo yabafileyo, ngibahlawulele ekufeni; ziphi izifo zakho, kufa, kuphi ukuchitha kwakho, ndawo yabafileyo, na? Ukuguquka kufihlekile emehlweni ami.
15 “Noma enezithelo phakathi kwabafowabo, kuyakufika umoya wasempumalanga, umoya kaJehova ovela ehlane; besewujabha umthombo, isiphethu sishe; uyakuphanga ingcebo yakhe, zonke izinto ezinxanelekayo.
16 ISamariya liyakuthwala icala lalo, ngokuba lihlubukile uNkulunkulu walo; bayakuwa ngenkemba, izingane zabo zichotshozwe, abakhulelweyo babo baqaqwe.”