Hoseya

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14


Isahluko 3

UJehova wathi kimi: “Hamba futhi, umthande owesifazane othandwa ngumngane wakhe, eyisiphingikazi, njengalokhu uJehova ethanda abantwana bakwa-Israyeli, noma bephendukela kwabanye onkulunkulu, bethanda izigaxa zezithelo zomvini ezomileyo.”
2 Ngase ngizithengela yena ngezinhlamvu eziyishumi nanhlanu zesiliva, nangehomere lebhali, nangenxenye yehomere lebhali,
3 ngathi kuye: “Uyakuhlala kimi izinsuku eziningi, ungafebi, ungabi ngowomunye, nami ngibe njalo kuwe.”
4 Ngokuba izinsuku eziningi abantwana bakwa-Israyeli bayakuhlala bengenankosi, bengenasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenansika, bengenangubo yamahlombe namatherafi.
5 Ngasemuva abantwana bakwa-Israyeli bayakubuya, bamfune uJehova uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo, babuyele kuJehova benovalo nakukho okuhle kwakhe ngezinsuku ezizayo.