Levitikusi

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27

0:00
0:00

Isahluko 19

UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2 “Yisho kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, uthi kuyo: ‘Niyakuba ngcwele, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wenu ngingcwele.
3 “ ‘Yilowo nalowo makahloniphe unina noyise, nigcine amasabatha ami; nginguJehova uNkulunkulu wenu.
4 “ ‘Ningaphendukeli kuzo izithombe, ningazenzeli onkulunkulu ababunjiweyo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.
5 “ ‘Nxa ninikela kuJehova ngomhlatshelo weminikelo yokuthula, anonikela ngawo ukuba namukeleke.
6 Uyakudliwa ngosuku lokunikela kwenu nangakusasa; uma kusele okuthile kuze kube lusuku lwesithathu, kuyakushiswa ngomlilo.
7 Uma kudliwa nokuncane ngosuku lwesithathu, kuyisinengiso; awuyikwamukeleka;
8 yilowo nalowo owudlayo uyakuthwala ububi bakhe, ngokuba udumazile okungcwele kukaNkulunkulu; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.
9 “ ‘Nxa nivuna isivuno sezwe lakini, awuyikuvuna ngokupheleleyo emagumbini ensimu yakho, ungakhothozi umkhothozo wesivuno sakho.
10 Awuyikukhothoza isivini sakho, ungabuthi izithelo zesivini ezivuthulukileyo; wozishiyela abampofu nabafokazi; nginguJehova uNkulunkulu wenu.
11 “ ‘Ningebi, ningakhohlisani, ningaqambelani amanga.
12 “ ‘Ningafungeli igama lami amanga, uze uhlambalaze igama likaNkulunkulu; nginguJehova.
13 “ ‘Ungamcindezeli umakhelwane wakho, ungamphangi; inkokhelo yomqashwa ayiyikuhlala kuwe ubusuku bonke kuze kuse.
14 “ ‘Ungaqalekisi isithulu, ungabeki isikhubekiso phambi kwempumputhe, kepha wesabe uNkulunkulu wakho; nginguJehova.
15 “ ‘Ningenzi ukungalungi ekwahluleleni; ungakhethi ubuso bompofu, ungavuni ubuso bomkhulu, kepha wahlulele umakhelwane wakho ngokulunga.
16 “ ‘Ungahambahambi ucetheza phakathi kwabantu bakho, ungamelani nokuphila komakhelwane wakho; nginguJehova.
17 “ ‘Ungazondi umfowenu enhliziyweni yakho; ungamkhuza nokumkhuza umakhelwane wakho, kepha ungabi nasono ngaye.
18 “ ‘Ungaphindisi, ungabi namagqubu nabantwana babantu bakho, kepha wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena; nginguJehova.
19 “ ‘Niyakugcina izimiso zami; ungavumeli izilwane zakho zizekwe ngolunye uhlobo; ungahlwanyeli ensimini yakho izinhlobo ezimbili zembewu; kungezi phezu kwakho ingubo eyizinhlobonhlobo zezintanjana.
20 “ ‘Olala nowesifazane oyisigqilakazi eyingoduso, engahlengiwe, engakhululiwe ngesihle, makabe nesijeziso, angabulawa nokho, ngokuba wayengakhululekile.
21 Uyakuletha umnikelo wakhe wecala kuJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana, inqama ibe ngumnikelo wecala.
22 Umpristi uyakumenzela ukubuyisana ngenqama yomnikelo wecala phambi kukaJehova ngesono sakhe one ngaso, athethelelwe isono sakhe one ngaso.
23 “ ‘Nanxa senifikile ezweni, nitshale imithi eyizinhlobonhlobo edliwayo, anothi izithelo zayo zingukungasoki kwayo; iminyaka emithathu iyakuba njengengasokiwe kini: mazingadliwa.
24 Kepha ngomnyaka wesine zonke izithelo zayo ziyakuba ngcwele, ezokumdumisa uJehova.
25 Ngomnyaka wesihlanu niyakudla kuzo izithelo zayo, ukuze inithelele kakhulu; nginguJehova uNkulunkulu wenu.
26 “ ‘Aniyikudla lutho olunegazi, ningenzi imilingo, ningahloli imihlola.
27 “ ‘Aniyikudilinga amakhanda enu emaceleni; ungoni isilevu sakho emaceleni.
28 “ ‘Aniyikuzigcaba emizimbeni yenu ngenxa yabafileyo, ningazilobi amabala; nginguJehova.
29 “ ‘Awuyikuhlambalaza indodakazi yakho ukuyenza isifebe, funa izwe lehlelwe ngubufebe, izwe ligcwale ukonakala.
30 “ ‘Anogcina amasabatha ami, nihloniphe indlu yami engcwele; nginguJehova.
31 “ ‘Ningaphendukeli kwabanamadlozi nakubathakathi, ningabafuni ukuba ningcoliswe yibo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.
32 “ ‘Wosukuma phambi kwempunga, uhloniphe ubuso bomuntu omdala, umesabe uNkulunkulu wakho; nginguJehova.
33 “ ‘Uma umfokazi egogobele kuwe ezweni lakini, aniyikumhlupha.
34 Umfokazi ogogobeleyo kini uyakuba kini njengowokuzalwa ekhaya phakathi kwenu, umthande njengalokhu uzithanda wena, ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe; nginguJehova uNkulunkulu wenu.
35 “ ‘Aniyikwenza ukungalungi ekwahluleleni, ekulinganiseni ubude noma isisindo noma ubuningi.
36 Niyakuba nezilinganiso ezilungileyo, nezisindo ezilungileyo, ne-efa elilungileyo, nehini elilungileyo; nginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe.
37 “ ‘Anogcina zonke izimiso zami nazo zonke izahlulelo zami, nizenze; nginguJehova.’ ”