Levitikusi

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27

0:00
0:00

Isahluko 16

UJehova wakhuluma kuMose emva kokufa kwamadodana ka-Aroni ekusondeleni kwawo phambi kukaJehova, afa.
2 UJehova wathi kuMose: “Khuluma ku-Aroni umfowenu ukuba angangeni njalo endaweni engcwele ngaphakathi kwesihenqo ngaphambi kwesihlalo somusa esiphezu komphongolo, ukuze angafi, ngokuba ngiyakubonakala efwini phezu kwesihlalo somusa.”
3 U-Aroni kangene endaweni engcwele nalokhu: iduna, libe ngumnikelo wesono, nenqama, ibe ngumnikelo wokushiswa,
4 embathe ibhantshi elingcwele lelineni, abe nebhulukwe lelineni emzimbeni wakhe, abhince ibhande lelineni, afake isigqoko selineni; lezi ziyizambatho ezingcwele; uyakugeza umzimba wakhe ngamanzi, azembathe.
5 Wothabatha enhlanganweni yabantwana bakwa-Israyeli izimpongo ezimbili zibe ngumnikelo wesono, nenqama ibe ngumnikelo wokushiswa.
6 U-Aroni kanikele ngenkunzi yomnikelo wesono engenxa yakhe, azenzele yena nendlu yakhe ukubuyisana.
7 Wothabatha izimpongo zombili, azibeke phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana.
8 U-Aroni uyakwenza inkatho ngezimpongo zombili, enye inkatho ibe ngekaJehova, enye inkatho ibe ngeka-Azazeli.
9 U-Aroni wonikela ngempongo edliwe yinkatho kaJehova, anikele ngayo ibe ngumnikelo wesono.
10 Kepha impongo edliwe yinkatho ka-Azazeli iyakubekwa phambi kukaJehova isezwa ukuba kwenziwe ukubuyisana ngayo, ithunywe ku-Azazeli ehlane.
11 U-Aroni wonikela ngenkunzi yomnikelo wesono engenxa yakhe, azenzele yena nendlu yakhe ukubuyisana, ahlabe inkunzi yomnikelo wesono engenxa yakhe.
12 Wothabatha umcengezi womlilo ogcwele amalahle omlilo ase-altare phambi kukaJehova, izandla zakhe zigcwele impepho ethaphukayo icolisisiwe, akulethe ngaphakathi kwesihenqo,
13 abeke impepho emlilweni phambi kukaJehova ukuba ifu lempepho lisibekele isihlalo somusa esiphezu kobufakazi, ukuze angafi;
14 athabathe kulo igazi lenkunzi, afafaze ngalo isihlalo somusa ngasempumalanga ngomunwe wakhe, nangaphambi kwesihlalo somusa afafaze ngegazi kasikhombisa ngomunwe wakhe.
15 Abesehlaba impongo yomnikelo wesono engenxa yabantu, alethe igazi layo ngaphakathi kwesihenqo, enze ngegazi layo njengalokho wenza ngegazi lenkunzi, afafaze ngalo isihlalo somusa nangaphambi kwesihlalo somusa,
16 enzele indawo engcwele ukubuyisana ngenxa yokungcola kwabantwana bakwa-Israyeli nangenxa yeziphambeko zabo ezonweni zabo zonke; akenzele njalo netende lokuhlangana elihlezi nabo phakathi kokungcola kwabo.
17 Akuyikubakho muntu etendeni lokuhlangana, nxa engena ukwenza ukubuyisana endaweni engcwele aze aphume, azenzele ukubuyisana, yena nendlu yakhe nebandla lonke lakwa-Israyeli.
18 Uyakuphuma, aye e-altare eliphambi kukaJehova, alenzele ukubuyisana, athabathe kulo igazi lenkunzi nakulo igazi lempongo, alibhece ezimpondweni ze-altare nxazonke.
19 Uyakulifafaza ngegazi kasikhombisa ngomunwe wakhe, alihlambulule, alingcwelise ekungcoleni kwabantwana bakwa-Israyeli.
20 Eseqedile ukwenzela indawo engcwele ukubuyisana, netende lokuhlangana ne-altare, uyakunikela ngempongo ezwayo;
21 u-Aroni abeke izandla zakhe zombili enhloko yempongo ezwayo, avume phezu kwayo bonke ububi babantwana bakwa-Israyeli neziphambeko ezonweni zabo zonke, akubeke enhloko yempongo, ayithume ngesandla somuntu olungiselwe lokhu, iye ehlane,
22 impongo ithwale ububi babo bonke, iye nabo kwahlongasibi, bayiyeke impongo ehlane.
23 U-Aroni uyakungena etendeni lokuhlangana, akhumule izambatho zelineni azembetheyo ekungeneni kwakhe endaweni engcwele, azishiye khona.
24 Uyakugeza umzimba wakhe ngamanzi endaweni engcwele, agqoke izambatho zakhe, aphume, anikele ngomnikelo wakhe wokushiswa nangomnikelo wokushiswa wabantu, azenzele yena nabantu ukubuyisana.
25 Amanoni omnikelo wesono uyakuwashisa e-altare.
26 Ovuma ukuba impongo iye ku-Azazeli uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, andukuba angene ekamu.
27 Inkunzi yomnikelo wesono nempongo yomnikelo wesono, elangeniswa igazi lazo ukwenza ukubuyisana endaweni engcwele, ziyakukhishelwa ngaphandle kwekamu, kushiswe ngomlilo izikhumba zazo nenyama yazo nomswani wazo.
28 Ozishisayo wohlanza izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, andukuba angene ekamu.
29 Lokhu kuyakuba yisimiso esiphakade kini: ngenyanga yesikhombisa ngolweshumi lwenyanga niyakuthobisa imiphefumulo yenu, ningasebenzi msebenzi, owokuzalwa ekhaya nomfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu.
30 Ngokuba ngalolo suku niyakwenzelwa ukubuyisana ukuba nihlanjululwe; niyakuhlambuluka ezonweni zenu zonke phambi kukaJehova.
31 Kuyisabatha lokuphumula okuzothileyo kini; anothobisa imiphefumulo yenu; kuyisimiso esiphakade.
32 Umpristi oyakugcotshwa ahlukaniselwe abe ngumpristi esikhundleni sikayise uyakwenza ukubuyisana, afake izambatho zelineni, izambatho ezingcwele,
33 enzele indlu engcwele ukubuyisana, enzele abapristi nabantu bonke bebandla ukubuyisana.
34 Lokho kuyakuba yisimiso esiphakade kini ukwenzela abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana ngenxa yezono zabo zonke kanye ngomnyaka. Wenza-ke njengalokho uJehova emyalile uMose.