Levitikusi

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27

0:00
0:00

Isahluko 13

UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi:
2 “Nxa kumila esikhumbeni senyama yomuntu idunguza noma utwayi noma ibala elikhanyayo, kuvele esikhumbeni senyama yakhe isifo sochoko, makalethwe ku-Aroni umpristi, noma kwenye yamadodana akhe, abapristi,
3 umpristi abheke isifo esisesikhumbeni senyama; uma uboya obusebaleni buphendukile baba mhlophe, nanxa ibala libonakala lishonile kunesikhumba senyama yakhe, kuyisifo sochoko; umpristi uyakumbheka, asho athi ungcolile.
4 Uma ibala elikhanyayo limhlophe esikhumbeni senyama yakhe, lingabonakali lishonile kunesikhumba, noboya balo bungaphendukile baba mhlophe, khona umpristi uyakumvalela onesifo izinsuku eziyisikhombisa,
5 umpristi ambheke ngosuku lwesikhombisa; uma isifo ngokubona kwakhe sisemi, ibala lingandanga esikhumbeni, bheka, khona umpristi uyakumvalela ezinye izinsuku eziyisikhombisa,
6 umpristi abuye ambheke ngosuku lwesikhombisa; uma ibala lifiphele, isifo singandanga esikhumbeni, bheka, khona umpristi uyakusho athi uhlambulukile; kulutwayi; uyakuhlanza izingubo zakhe, ahlambuluke.
7 Kepha uma utwayi lwanda esikhumbeni esezibonakalisile kumpristi ngokuhlambuluka kwakhe, abuye eziveze kumpristi,
8 umpristi abheke; uma utwayi lwandile esikhumbeni, bheka, khona umpristi uyakusho athi ungcolile; kuluchoko.
9 “Nxa isifo sochoko sikumuntu, uyakulethwa kumpristi,
10 umpristi abheke; bheka, uma kukhona idunguza elimhlophe esikhumbeni, liphendulile uboya baba mhlophe, nanxa kukhona inyama ebomvu edunguzeni,
11 bheka, kuluchoko oludala esikhumbeni senyama yakhe; khona umpristi uyakusho athi ungcolile, angamvaleli, ngokuba ungcolile.
12 “Uma uchoko luqhamuka esikhumbeni, ukuze uchoko lusibekele isikhumba sonke sonesifo, kusukela ekhanda kuze kufike ezinyaweni njengokubona kompristi,
13 umpristi wobheka; uma uchoko lusibekele yonke inyama yakhe, bheka, uyakusho athi onesifo uhlambulukile; konke kuphendukile kwaba mhlophe: uhlambulukile.
14 Kepha njalo uma kuvela kuye inyama ebomvu, uyakuba ngongcolile.
15 Umpristi uyakubheka inyama ebomvu, asho athi ungcolile; inyama ebomvu ingcolile, iluchoko.
16 Uma-ke inyama ebomvu ibuye iphenduka ibe mhlophe, makaye kumpristi,
17 umpristi ambheke; uma ibala liphendukile laba mhlophe, bheka, khona umpristi uyakusho athi onesifo uhlambulukile; uhlambulukile.
18 “Nxa inyama ibinethumba esikhumbeni sayo, selaphola,
19 kube yidunguza elimhlophe endaweni yethumba noma ibala elikhanyayo, limhlophe libomvana, khona kuyakuboniswa umpristi,
20 umpristi abheke; uma libonakala lishonile kunesikhumba, uboya balo buphendukile baba mhlophe, bheka, makasho athi ungcolile: kuyisifo sochoko, siqhamukile ethumbeni.
21 Kepha uma umpristi elibheka, kungekho boya obumhlophe kulo, lingashonile kunesikhumba, kodwa lifiphele, bheka, khona umpristi uyakumvalela izinsuku eziyisikhombisa;
22 uma landa nokwanda esikhumbeni, umpristi makasho athi ungcolile; kuyisifo.
23 Kodwa uma ibala elikhanyayo limi endaweni yalo lingandi, kuyisibanda sethumba; umpristi makasho athi uhlambulukile.
24 “Nxa inyama inesibazi esikhumbeni sayo, inyama ebomvu yesibazi iphenduke ibala elikhanyayo, limhlophe libomvana noma limhlophe nje,
25 umpristi makalibheke; uma uboya obusebaleni elikhanyayo buphendukile baba mhlophe, libonakala lishonile kunesikhumba, bheka, kuluchoko; luqhamukile esibazini; khona umpristi uyakusho athi ungcolile; kuyisifo sochoko.
26 Kepha uma umpristi elibheka, kungekho boya obumhlophe ebaleni elikhanyayo, lingashonile kunesikhumba, kodwa lifiphele, bheka, khona umpristi uyakumvalela izinsuku eziyisikhombisa,
27 umpristi ambheke ngosuku lwesikhombisa; uma landile nokwanda esikhumbeni, umpristi uyakusho athi ungcolile; kuyisifo sochoko.
28 Uma ibala elikhanyayo limi endaweni yalo, lingandi esikhumbeni, kodwa lifiphele, kuyidunguza lesibazi; umpristi makasho athi uhlambulukile, ngokuba kuyisibanda sesibazi.
29 “Nxa owesilisa noma owesifazane enesifo ekhanda noma esilevini,
30 umpristi uyakubheka ibala; uma libonakala lishonile kunesikhumba, kube kulo izinwele ezincane ezimpofu, bheka, umpristi makasho athi ungcolile: kungumuna, kuluchoko lwekhanda noma olwesilevu.
31 Uma umpristi ebheka ibala lomuna, libonakala lingashonile kunesikhumba, kungekho zinwele ezimnyama kulo, bheka, khona umpristi uyakumvalela onesifo somuna izinsuku eziyisikhombisa,
32 ngosuku lwesikhombisa umpristi abheke isifo; uma umuna ungandile, futhi kungekho zinwele ezimpofu kuwo, umuna ubonakala ungashonile kunesikhumba,
33 bheka, uyakuziphucula, angaphuculi umuna kodwa, umpristi amvalele onomuna ezinye izinsuku eziyisikhombisa;
34 ngosuku lwesikhombisa umpristi abheke umuna; uma umuna ungandile esikhumbeni, futhi ubonakala ungashonile kunesikhumba, bheka, umpristi makasho athi uhlambulukile; makahlanze izingubo zakhe, ahlambuluke.
35 Kepha uma umuna wanda esikhumbeni esehlambulukile,
36 umpristi wombheka; uma umuna wandile nokwanda esikhumbeni, bheka, umpristi makangafuni izinwele ezimpofu; ungcolile.
37 Kodwa uma ngokubona kwakhe umuna umi, kumilile kuwo izinwele ezimnyama, umuna usupholile, uhlambulukile; umpristi makasho athi uhlambulukile.
38 “Nanxa owesilisa noma owesifazane enamabala akhanyayo esikhumbeni senyama yabo, amabala amhlophe akhanyayo,
39 khona umpristi wobheka; uma amabala akhanyayo asesikhumbeni senyama yabo emhloshana efiphele, bheka, kuyisithembuzane esiqhamukile.
40 “Uma izinwele zomuntu zisukile ekhanda lakhe, uyimpandla; uhlambulukile.
41 Uma izinwele zisukile ekhanda lakhe ngasebusweni, uyimpandla ebunzini; uhlambulukile.
42 Kepha uma kukhona empandleni esekhanda noma empandleni esebunzini isifo esimhlophe sibomvana, kuluchoko oluqhamuka empandleni esekhanda lakhe noma empandleni esebunzini lakhe.
43 Khona umpristi uyakumbheka; uma idunguza lesifo limhlophe libomvana empandleni esekhanda lakhe noma empandleni esebunzini lakhe, njengokubonakala kochoko esikhumbeni senyama,
44 bheka, ungumuntu onochoko; ungcolile; umpristi makasho athi ungcolile; isifo sakhe sisekhanda lakhe.
45 “Onochoko esikuye isifo, maziklejulwe izingubo zakhe, zithukululwe izinwele zakhe, amboze amadevu akhe, akhale athi: ‘Ngingcolile! Ngingcolile!’
46 Zonke izinsuku isifo sisekuye uyakuba ngongcolile; ungcolile; uyakuhlala yedwa; indawo yokuhlala kwakhe iyakuba ngaphandle kwekamu.
47 “Ingubo esikuyo isifo sochoko, noma yingubo yoboya noma yingubo yelineni,
48 noma sisezintanjeni eziqondileyo noma sikwezinqamulayo, ezelineni noma ezoboya bezimvu, noma sisesikhumbeni, noma sisentweni eyenziwe ngesikhumba,
49 uma ibala liluhlazana noma libomvana engutsheni noma esikhumbeni noma ezintanjeni eziqondileyo noma kwezinqamulayo noma entweni yesikhumba, kuyisifo sochoko, siyakuboniswa umpristi.
50 Umpristi makabheke isifo, akuvalele lokho okunochoko izinsuku eziyisikhombisa,
51 abheke isifo ngosuku lwesikhombisa; uma isifo sandile engutsheni noma ezintanjeni eziqondileyo noma kwezinqamulayo noma esikhumbeni, nakuba isikhumba sisetshenziswa kumuphi umsebenzi, bheka, isifo siluchoko olubi.
52 Woshisa ingubo, noma izintanjana eziqondileyo noma ezinqamulayo, noma eyoboya bezimbuzi noma eyelineni, noma into yesikhumba esikuyo isifo, ngokuba kuluchoko olubi; kuyakushiswa ngomlilo.
53 “Uma umpristi ebheka, isifo singandile engutsheni noma ezintanjeni eziqondileyo noma kwezinqamulayo noma entweni yesikhumba,
54 bheka, umpristi woyala ukuba bahlanze into isifo esikuyo, ayivalele ezinye izinsuku eziyisikhombisa;
55 umpristi ayibheke emva kokuhlanzwa kwesifo; bheka, uma ibala lingaphendulile umbala walo, lingandile, ingcolile; woyishisa ngomlilo; kungumcothu odlayo noma iqothukile ngaphakathi noma ngaphandle.
56 Uma umpristi ebheka, ibala selifiphele lihlanziwe, bheka, makalintwengule engutsheni noma esikhumbeni noma ezintanjeni eziqondileyo noma kwezinqamulayo;
57 uma lisabonakala engutsheni noma ezintanjeni eziqondileyo noma kwezinqamulayo noma entweni yesikhumba, wokushisa ngomlilo lokho isifo esikukho.
58 Ingubo noma izintanjana eziqondileyo noma ezinqamulayo noma intoni yesikhumba oyakuyihlanza, uma ibala lisuka kukho, kohlanzwa ngokwesibili, kuhlambuluke.”
59 Lowo ungumthetho wesifo sochoko engutsheni yoboya bezimvu noma kweyelineni noma ezintanjeni eziqondileyo noma kwezinqamulayo noma entweni yesikhumba wokusho ukuthi kuhlambulukile noma kungcolile.