Genesise

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50

0:00
0:00

Isahluko 31

Wayesezwa amazwi amadodana kaLabani, ethi: “UJakobe uthathile konke okwakungokukababa; ngokwakungokukababa uzizuzele lonke lolu dumo.”
2 UJakobe wabona ubuso bukaLabani; bheka, babungasenjengayizolo nakuthangi kuye.
3 UJehova wayesethi kuJakobe: “Buyela ezweni lawoyihlo nasezihlotsheni zakho; ngiyakuba nawe.”
4 UJakobe wathuma wabiza oRaheli noLeya, beze endle emhlambini wakhe.
5 Wathi kubo: “Ngiyabubona ubuso bukayihlo ukuthi abusenjengayizolo nakuthangi kimi, kepha uNkulunkulu kababa unami.
6 Niyazi nina ukuthi ngimkhonzile uyihlo ngamandla ami onke.
7 Kepha uyihlo ungikhohlisile, waguqula umvuzo wami kayishumi; kodwa uNkulunkulu akamvumelanga ukwenza okubi kimi.
8 Uma ebesho ukuthi: ‘Ezimanakanaka ziyakuba ngumvuzo wakho,’ umhlambi wonke wazala ezimanakanaka; uma ebesho ukuthi: ‘Ezinemishwe ziyakuba ngumvuzo wakho,’ umhlambi wonke wazala ezinemishwe.
9 Kanjalo uNkulunkulu uthathile imfuyo kayihlo, wayinika mina.
10 “Kwathi ngokumitha kwemihlambi ngaphakamisa amehlo ami, ngabona ephusheni; bheka, izimpongo ezikhwela umhlambi zazingezinemishwe, nezimanakanaka, nezinala.
11 Ingelosi kaNkulunkulu yathi kimi ephusheni: ‘Jakobe!’ Ngathi: ‘Ngilapha.’
12 Yayisithi: ‘Awuphakamise amehlo akho, ubone ukuthi zonke izimpongo ezikhwela umhlambi zingezinemishwe, nezimanakanaka, nezinala, ngokuba ngibone konke uLabani akwenza kuwe.
13 NginguNkulunkulu waseBethele, lapho wagcoba khona insika nalapho wenza isithembiso kimi; manje vuka, usuke kuleli zwe, ubuyele ezweni lokuzalwa kwakho.’ ”
14 ORaheli noLeya baphendula, bathi kuye: “Sisenesabelo nefa endlini kababa na?
15 Asibalwanga njengabofakazi na? Ngokuba wathengisa ngathi, waqeda intengo yethu.
16 Ngokuba yonke ingcebo uNkulunkulu amamuke yona ubaba ingeyethu neyabantwana bethu; manje konke uNkulunkulu akutshele khona, kwenze.”
17 UJakobe wayesesuka, wakhwelisa amadodana akhe nawomkakhe emakameleni.
18 Wathatha yonke imfuyo yakhe ayizuzileyo, imfuyo yokufuya kwakhe ayizuze ePhadani Aramu ukuba aye ku-Isaka uyise ezweni laseKhanani.
19 ULabani esehambile ukuyogunda izimvu zakhe, uRaheli weba izithixo zikayise.
20 UJakobe wamnyenyela uLabani umAramu engamtshelanga ukuthi uyabaleka.
21 Wayesebaleka nakho konke anakho; wasuka, wawela umfula, waqonda ngasentabeni yakwaGileyadi.
22 Ngosuku lwesithathu uLabani watshelwa ukuthi uJakobe ubalekile.
23 Wayesethatha abafowabo, wamlandela ibanga lezinsuku eziyisikhombisa, wamfica entabeni yakwaGileyadi.
24 UNkulunkulu weza kuLabani umAramu ephusheni ebusuku, wathi kuye: “Qaphela ukuba ungakhulumi kuJakobe okuhle noma okubi.”
25 ULabani wayesemfica uJakobe. UJakobe wayemisile itende lakhe entabeni; uLabani nabafowabo bamisa entabeni yakwaGileyadi.
26 ULabani wathi kuJakobe: “Wenzeni, lokhu unginyenyele, wathatha amadodakazi njengabathunjwa benkemba, na?
27 Ubalekeleni ngasese na? Wanginyenyelelani ungangitshelanga ukuba ngabe ngikuvalelise ngokwenama nangezihlabelelo, ngesigubhu nangehabhu, na?
28 Awungivumelanga ukuba ngange amadodana ami namadodakazi ami. Untumazele ngalokho.
29 Kusemandleni esandla sami ukwenza okubi kuwe, kepha uNkulunkulu kayihlo ukhulumile kimi ebusuku obudlule, wathi: ‘Qaphela ukuba ungakhulumi kuJakobe okubi noma okuhle.’
30 Manje njengokuba usumuka impela, lokhu ulangazelela nokulangazelela indlu kayihlo, webeleni izithixo zami na?”
31 UJakobe waphendula, wathi kuLabani: “Ngokuba ngesaba ngithi: Funa ungiqhwage amadodakazi akho.
32 Kepha lowo ozakuthola kuye izithixo zakho akayikusinda; qaza phambi kwabafowethu okwakho okukimi, ukuthathe.” Ngokuba uJakobe wayengazi ukuthi uRaheli wayezebile.
33 ULabani wayesengena etendeni likaJakobe, nasetendeni likaLeya, nasetendeni lezincekukazi zombili; akazitholanga. Waphuma etendeni likaLeya, wangena etendeni likaRaheli.
34 URaheli wayezithathe izithixo, wazifaka esihlalweni sekamela, wahlala phezu kwazo. ULabani waphumputha etendeni lonke, kepha akazitholanga.
35 Wathi kuyise: “Mayingathukutheli inkosi yami ukuthi anginakusukuma phambi kwakho, ngokuba indlela yabesifazane ikimi.” Wanyalula, kepha akazitholanga izithixo.
36 UJakobe wathukuthela, wamsola uLabani; uJakobe waphendula, wathi kuLabani: “Yisiphi isiphambeko sami na? Yisiphi isono sami, lokhu ungizingele kangaka, na?
37 Njengalokho usufunisisile kuyo yonke impahla yami, uthole ntoni yezinto zonke zendlu yakho na? Yibeke lapha phambi kwabafowethu nabafowenu ukuba banqume phakathi kwethu sobabili.
38 “Le minyaka engamashumi amabili bengihlezi kuwe; izimvukazi zakho nezimbuzikazi zakho aziphunzanga; izinqama zomhlambi wakho angizidlanga.
39 Ezidweshulwe yizilo ngangingaziyisi kuwe; kwalahlekelwa mina; wazibiza esandleni sami, noma zebiwe emini noma zebiwe ebusuku.
40 Nganginjalo; emini ngaqedwa ngukushisa, ebusuku ngamakhaza; ubuthongo bami babalekela amehlo ami.
41 Le minyaka engamashumi amabili bengisendlini yakho; ngakusebenzela iminyaka eyishumi nane ngamadodakazi akho omabili, neminyaka eyisithupha ngomhlambi wakho, uguqule umvuzo wami kayishumi.
42 Uma ebengenami uNkulunkulu kababa, uNkulunkulu ka-Abrahama, ukwesaba kuka-Isaka, ngempela ubuyakungimukisa ze. UNkulunkulu ubone ukuhlupheka kwami nokukhathala kwezandla zami, wakusola ubusuku obudlule.”
43 ULabani waphendula, wathi kuJakobe: “Amadodakazi angamadodakazi ami, abantwana bangabantwana bami, imihlambi iyimihlambi yami; konke okubonayo kungokwami; lawa madodakazi ami ngingawenzela ntoni namuhla, nabantwana bawo abazalileyo, na?
44 Woza manje, senze isivumelwano mina nawe, sibe ngufakazi phakathi kwami nawe.”
45 UJakobe wayesethatha itshe, walimisa laba yinsika.
46 Wathi uJakobe kubafowabo: “Buthani amatshe,” bathatha amatshe, benza inqwaba; base bedla khona phezu kwenqwaba.
47 ULabani wayiqamba ngokuthi iJegari Sahadutha, kepha uJakobe wayibiza ngokuthi iGaledi.
48 Wathi uLabani: “Le nqwaba ingufakazi phakathi kwami nawe namuhla.” Ngalokho igama layo laqanjwa ngokuthi iGaledi,
49 neMispa futhi, ngokuba wathi: “UJehova makalinde phakathi kwami nawe, lapho sesingasabonani.
50 Uma uyakuhlupha amadodakazi ami, noma uthatha abafazi ngaphandle kwamadodakazi ami, akukho muntu onathi; bheka, uNkulunkulu ungufakazi phakathi kwami nawe.”
51 Wathi uLabani kuJakobe: “Bheka, le nqwaba nensika engikumise phakathi kwami nawe,
52 le nqwaba ayibe ngufakazi, nensika ibe ngufakazi ukuthi angiyikudlula kule nqwaba, ngiye kuwe, nokuthi wena awuyikudlula kule nqwaba nakule nsika, uze kimi, ngokubi.
53 UNkulunkulu ka-Abrahama noNkulunkulu kaNahori, uNkulunkulu wawoyise, makahlulele phakathi kwethu.” UJakobe wafunga ukwesaba kukayise u-Isaka.
54 UJakobe wanikela ngomhlatshelo entabeni, wabiza abafowabo ukuba badle isinkwa; badla isinkwa, bahlala ubusuku bonke entabeni.
55 ULabani wavuka ekuseni, wawanga amadodana akhe namadodakazi akhe, wawabusisa; wayesehamba uLabani, wabuyela endaweni yakhe.