Genesise

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50

0:00
0:00

Isahluko 23

Ukuhamba kukaSara kwaba yiminyaka eyikhulu namashumi amabili nesikhombisa; yileyo iminyaka yokuhamba kukaSara.
2 USara wafela eKiriyati Araba okuyiHebroni ezweni laseKhanani; u-Abrahama wafika ukumlilela uSara nokumkhalela.
3 U-Abrahama wasuka kofileyo wakhe, wakhuluma nabantwana bakwaHeti, wathi:
4 “Ngingumfokazi nozulane phakathi kwenu; ngipheni indawo yethuna phakathi kwenu ukuba ngimmbele ofileyo wami, angabikho ebusweni bami.”
5 Abantwana bakwaHeti baphendula u-Abrahama, bathi kuye:
6 “Sizwe, nkosi; wena uyisikhulu sikaNkulunkulu phakathi kwethu; mmbele ofileyo wakho kwelihle kuwo onke amathuna ethu; akakho phakathi kwethu ozakugodlela wena ithuna lakhe ukuba ummbele ofileyo wakho.”
7 U-Abrahama wayesesukuma, wakhothamela abantu balelo zwe, abantwana bakwaHeti,
8 wakhuluma nabo, wathi: “Uma kuyintando yenu ukuba ngimmbele ofileyo wami, angabikho ebusweni bami, ngizweni, ninginxusele ku-Efroni indodana kaSowari
9 ukuba angiphe umhume waseMakaphela anawo emkhawulweni wensimu yakhe, awunike kimi ngemali efanele wona, ube yindawo yokumbela phakathi kwenu.”
10 U-Efroni wayehlezi phakathi kwabantwana bakwaHeti: u-Efroni umHeti wamphendula u-Abrahama ezindlebeni zabantwana bakwaHeti phambi kwabo bonke abangena esangweni lomuzi wakhe, wathi:
11 “Cha, nkosi; ngilalele: ngiyakunika le nsimu, nomhume okuyo ngikunika wona; ebusweni bamadodana abantu bami ngikunika wona; mmbele lapho ofileyo wakho.”
12 U-Abrahama wakhothamela ebusweni babantu balelo zwe.
13 Wakhuluma ku-Efroni ezindlebeni zabantu balelo zwe, wathi: “Ake ungilalele: ngizakukunika imali yensimu; yamukele kimi, ngimmbele khona ofileyo wami.”
14 U-Efroni wamphendula u-Abrahama, wathi kuye:
15 “Nkosi yami, ngilalele: izwe elilingene namashekeli angamakhulu amane esiliva liyini phakathi kwami nawe na? Mmbele ofileyo wakho.”
16 U-Abrahama wamuzwa u-Efroni; u-Abrahama wamlinganisela u-Efroni isiliva abelishilo ezindlebeni zabantwana bakwaHeti, amashekeli angamakhulu amane esiliva, avunywa ngabathengisi.
17 Kanjalo insimu ka-Efroni yaseMakaphela elingaphambi kweMamre, insimu nomhume okuyo, nemithi yonke esensimini nxazonke kuze kube semikhawulweni yonke
18 kwaba yinzuzo ka-Abrahama emehlweni abantwana bakwaHeti phambi kwabo bonke abangena esangweni lomuzi wakhe.
19 Emva kwalokho u-Abrahama wammbela uSara umkakhe emhumeni wasensimini yaseMakaphela phambi kweMamre okuyiHebroni ezweni laseKhanani.
20 Insimu nomhume okuyo kwase kunqunyelwa u-Abrahama ngabantwana bakwaHeti, kube yindawo yethuna.